UMyalezo waNyanga zonke wephephabhuku elithi Okwakha Intsha, ngoSepthemba 2026
Amasu Entsha Okwenza Imisebenzi
Inselele Yomlilo woMentshisi Owodwa
Ungakwazi yini ukubasa umlilo, usebenzisa umentshisi owodwa, oshisa ngokwanele ukushisa intambo engamasentimitha angu-18 ngaphezu komhlabathi na?
Inhloso
Ukuqonda ukuthi singafinyelela kanjani emandleni kaNkulunkulu ezimpilweni zethu.
Inselele
-
Chaza ukuthi umlilo udinga ukushisa, umoya, kanye nokubasela umlilo.
-
Intsha iqoqa futhi ilungiselele izinto ngaphambi kokukhanyisa umentshisi.
-
Intsha ngayinye (noma ababili) inikezwa umentshisi owodwa ngomzamo ngamunye.
-
Unhloso ukwakha umlilo onamandla ngokwanele ukuba ushise intambo ebanjwe noma elenga ngamasentimitha angu-18 ngaphezu komhlabathi.
-
Uma umlilo ucima, intsha kumele ilahle izinto ezithinte ilangabi bese iqala kabusha, uma isikhathi sivuma.
Asikhulume Ngakho
Umlilo ufana kanjani namandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu?
Izinto zokwakha umlilo zifana kanjani nezinto ezidingekayo ukuze sifinyelele emandleni kaNkulunkulu ezimpilweni zethu? Isibonelo, umentshisi ungafana kanjani negunya lobuphristi? Izinkuni noma isithando somlilo singafana kanjani nezimiso zobuphristi, njengombhabhadiso noma isidlo esingcwele?
Ungase Ukhombe
Umentshisi unamandla—kodwa kuphela uma usetshenziswa ngendlela efanele. Ngokufanayo, igunya lobuphristi, elisetshenziswa ngesikhathi uNkulunkulu eqondisa, lingasiza ekuvuleni amandla kaNkulunkulu, linikeze imfudumalo nokukhanya. Isibonelo, uNkulunkulu uqondisa ukuthi igunya Lakhe lisetshenziswe ukwenza izimiso zensindiso ezitholakala kubantwana Bakhe, futhi “ezimisweni … amandla obuNkulunkulu ayabonakala” (IMfundiso neziVumelwano 84:20) Igunya lobuphristi, izimiso ezingcwele, kanye nokugcina izivumelwano kuhlangana ukuletha ukufudumala nokukhanya kwamandla kaNkulunkulu ezimpilweni zethu.
© 2026 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, September 2026. Zulu. 20074 783