Izimiso neziMemezelo
IsiMemezelo sokuBuyiselwa


UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele

IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe emHlabeni

Lesi simemezelo safundwa nguMongameli uRussell M. Nelson njengengxenye yomyalezo wakhe weNgqungquthela Jikelele yeminyaka yonke ye-190, ngo-Ephreli 5, 2020, eSalt Lake City, e-Utah.

Sikwazisa ngesizotha ukuthi uNkulunkulu uyabathanda abantwana Bakhe bezizwe zonke zomhlaba. UNkulunkulu uBaba usinikeze ukuzalwa okwasezulwini, impilo engenakufaniswa nalutho, nomnikelo ohlawulayo ongenakuphela weNdodana Yakhe eThandekayo, uJesu Kristu. Ngamandla kaBaba, uJesu wavuka futhi wanqoba ukufa. UngumSindisi wethu, uyisiBonelo sethu, nomHlengi wethu.

Eminyakeni engamakhulu amabili edlule, ngokusa kwentwasahlobo yangonyaka ka-1820, uJoseph Smith esemncane, efuna ukwazi ukuthi wayengajoyina liphi ibandla, waya ehlathini ukuyokhuleka maduzane nakubo esifundeni saseNew York esisenyakatho, eMelika. Wayenemibuzo emayelana nokusindiswa komphefumulo wakhe futhi wayethemba ukuthi uNkulunkulu wayezomnika umyalelo ngalokho.

Ngesizotha, siyakwazisa ukuthi ukuphendula umbuzo wakhe, uNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, bavela kuJoseph futhi baqala “[u]kubuyiselwa kwakho konke” (IzEnzo 3:21) njengoba kubikezeliwe eBhayibhelini. Kulombono, wafunda ukuthi emva kokufa kwabaPhostoli bokuqala, iBandla likaKristu leTestamente eliSha lalahleka emhlabeni. UJoseph wayezoba wusizo ekubuyiselweni kwalo.

Siyakuqinisekisa ukuthi ngaphansi kokuyalelwa nguBaba neNdodana, izithunywa zasezulwini zeza ukuzoyala uJoseph nokuzomisa kabusha iBandla likaJesu Kristu. UJohane umBhabhadisi osevukile kwabafileyo wabuyisela igunya lokubhabhadisa ngokucwiliswa ukuze kuthethelelwe izono. AbaPhostoli abathathu kulabo bokuqala—uPetru, uJakobe noJohane—babuyisela ubuphostoli nezikhiye zegunya lobuphristi. Nabanye bafika futhi, okubalwa kubo u-Eliya, owabuyisela igunya lokuhlanganisa imindeni ndawonye ingunaphakade kubudlelwano baphakade obudlula ukufa.

Siyafakaza futhi ukuthi uJoseph Smith wanikezwa isipho namandla kaNkulunkulu ukuba ahumushe umbhalo wasemandulo: iNcwadi kaMormoni—Elinye iTestamente likaJesu Kristu. Amakhasi alombhalo ongcwele aqukethe indaba yobufundisi bukaJesu Kristu phakathi kwabantu ababeseNtshonalanga emva koVuko Lwakhe. Lendaba ifundisa ngenhloso yempilo futhi ichaza imfundiso kaKristu, okuyiyona ebalulekile kuleyo nhloso. Njengombhalo ongcwele ohambisana neBhayibheli, iNcwadi kaMormoni ifakaza ngokuthi bonke abantu bangamadodana namadodakazi kaBaba oseZulwini onothando, nokuthi unoHlelo lwasezulwini ngezimpilo zethu, nokuthi iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, iyakhuluma namuhla njengasezinsukwini zakudala.

Siyakusho nokusho ukuthi IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, elahlelwa ngo-Ephreli 6, 1830, yiBandla likaKristu leTestamente eliSha elibuyiselwe. Leli Bandla lizinze empilweni kaJesu Kristu enokulunga okuphelele, oyitshe legumbi leBandla, nakwiNhlawulo Yakhe enganakuphela nasoVukweni Lwakhe lwangempela. UJesu Kristu usephinde wabiza abaPhostoli futhi wabanikeza igunya lobuphristi. Usimema sonke ukuba size Kuye naseBandleni Lakhe, ukuba siphiwe uMoya oNgcwele, izimiso zensindiso, nokuba sithole intokozo engapheli.

Sekudlule iminyaka engamakhulu amabili manje selokhu ukuBuyiselwa kwaqalwa nguNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe eThandekayo, uJesu Kristu. Izigidi emhlabeni wonke zilamukele ulwazi lwalezi zehlakalo okwaphrofethwa ngazo.

Sikusho ngenjabulo ukuthi ukuBuyiselwa okwakuthenjisiwe kuyaqhubheka ngesambulo esiqhubekayo. Umhlaba awusoze uphinde ufane, ngoba uNkulunkulu “[uzo]hlanganis[a] ndawonye kuKristu konke” (Kwabase-Efesu 1:10).

Ngenhlonipho nangokubonga, thina njengabaPhostoli Bakhe simema bonke ukuba bazi—njengoba nathi sazi—ukuthi amazulu avulekile. Siyaqinsekisa ukuthi uNkulunkulu wazisa intando Yakhe ngamadodana nangamadodakazi Akhe athandekayo. Siyafakaza ukuthi labo abafunda umyalezo wokuBuyiselwa ngomkhuleko futhi benze abakwenzayo ngokholo bazobusiswa ngokuthola ubufakazi bokuthi lokhu kuBuyiselwa kungokwasezulwini nokuthi inhloso yakho wukulungiselela umhlaba ukuba ulungele ukuZa kwesiBili kweNkosi nomSindisi wethu, uJesu Kristu.