uJesu Kristu

ImiKhuleko yesiDlo

  • Okuphakathi

  • UkuBusiswa kweSinkwa

  • UkuBusiswa kwaManzi

ImiKhuleko yesiDlo


ImiKhuleko yesiDlo

  • UkuBusiswa kweSinkwa

    O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise lesi sinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasamukelayo, ukuze basidle bekhumbula umzimba weNdodana yakho, futhi bekhombisa kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayavuma ukubizwa ngegama leNdodana yakho, futhi bayikhumbule njalo futhi bagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona; ukuze bahlale beno Moya wayo kubo. Amen.


  • UkuBusiswa kwaManzi

    O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise lamanzi emiphefumulweni yabo bonke labo abawaphuzayo, ukuze bakwenze lokho bekhumbula igazi leNdodana yakho, elachithelwa bona; ukuze bakhombise kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayayikhumbula njalo, ukuze babe noMoya wayo. Amen.