Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 9


HJS, UGenesise 9:4–6. Qhathanisa noGenesise 8:20–22

Emva kweziKhukhula, uNowa ucela iNkosi ukuba ingawuqalekisi futhi umhlaba.

4 UNowa wayakhela iNkosi i-altare, wathatha phakathi kwazo zonke izilwane ezihlanzekileyo, naphakathi kwazo zonke izinyoni ezihlanzekileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare; wabonga eNkosini, futhi wajabula enhliziyweni yakhe.

5 INkosi yakhuluma kuNowa, yambusisa. UNowa wezwa iphunga elimnandi, wathi enhliziyweni yakhe;

6 Ngizobiza igama leNkosi, ukuze ingabe isawuqalekisa umhlabathi ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi ukuze ingabe isakubhubhisa konke okuphilayo, njengoba yenzile, uma nje umhlaba usekhona;

HJS, UGenesise 9:10–15. Qhathanisa noGenesise 9:4–9

Umuntu uyaziphendulela ngoku chitha igazi lezilwane nelabantu. Isivumelwano uNkulunkulu asenza noNowa namadodana akhe siyafana naleso asenza no-Enoke.

10 Kodwa, igazi lenyama yonke engininike yona ukuba ibe ngukudla kwenu, elithatha impilo yayo, liyochithwa phansi, futhi igazi aniyukulidla.

11 Futhi impela, igazi aliyukuchithwa, ngaphandle kuphela ukuze kutholakale inyama, ukuze kulondolozwe izimpilo zenu; futhi igazi lazo zonke izilwane ngiyolifuna ezandleni zenu.

12 Futhi lowo ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyochithwa ngumuntu; ngokuba umuntu akayikuchitha igazi lomuntu.

13 Ngokuba nginika umyalelo, wokuthi wonke umuntu uyolondoloza impilo yomuntu, ngokuba umuntu ngimenze ngomfanekiso wami.

14 Futhi umyalelo ngininika wona wokuthi, Zalani futhi nande; nigcwalise abantwana emhlabeni, futhi nande kuwo.

15 Futhi uNkulunkulu wakhuluma kuNowa, nakumadodana akhe ayekanye naye, ethi, Futhi mina, bhekani, ngizomisa isivumelwano sami nani, engasenza noyihlo u-Enoke, ngokuphathelene nenzalo yenu ngemuva kwenu.

HJS, UGenesise 9:21–25. Qhathanisa noGenesise 9:16–17

UNkulunkulu ubeka uthingo ezulwini njengesi khumbuzo sesivumelwano Sakhe asenza no-Enoke kanye noNowa. Ezinsukwini zokugcina umbuthano omkhulu weBandla leNkosana uyohlangana nabalungileyo emhlabeni.

21 Futhi uthingo luyoba semafwini; futhi ngiyobheka kulo, ukuze ngikhumbule isivumelwano saphakade, engasenza noyihlo u-Enoke; ukuze, uma abantu begcina yonke imiyalelo yami, iSiyoni kufanele ibuye futhi emhlabeni, umuzi ka-Enoke engiwuhlwithele kimi.

22 Futhi lesi yisivumelwano sami saphakade, ukuze kuthi uma inzalo yakho iyokwamukela iqiniso, futhi ibheke phezulu, iSiyoni iyobheka phansi, futhi wonke amazulu ayonyakaza ngokujabula, nomhlaba uyozamazama ngenjabulo;

23 Futhi umbuthano omkhulu webandla lenkosana uyokwehlela phansi uphuma ezulwini, futhi uhlale emhlabeni, futhi uyoba nendawo kuze kufike ukuphela. Lesi yisivumelwano sami saphakade engasenza noyihlo u-Enoke.

24 Futhi uthingo luyoba semafwini, futhi ngiyomisa isivumelwano sami nawe, engisenzileyo phakathi kwami nawe, ukuze kuzuze zonke izidalwa zenyama yonke eyoba semhlabeni.

25 Futhi uNkulunkulu wathi kuNowa, Lolu wuphawu lwesivumelwano engisimisile phakathi kwami nawe; ukuze kuzuze inyama yonke eyoba semhlabeni.