Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 48


HJS, UGenesise 48:5–11. Qhathanisa noGenesise 48:5–6

U-Efrayimi no Manase baba yizizwana zika-Israyeli. Abozalo luka Josefa bazomsindisa u-Israyeli ngokomoya ngezinsuku zokugcina, njengoba no Josefa wasendulo asindisa umndeni wakubo ngokwase mhlabeni.

5 Manje, kumadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngaphambi kokuba ngize kuwe eGibithe; bheka, angawami, futhi uNkulunkulu wokhokho bami uyowabusisa; ngisho njengoba uRubeni noSimeyoni beyobusiswa, ngokuba bangabami; ngalokho-ke bayobizwa ngegama lami. (Ngakho-ke babebizwa ngokuthi ngu-Israyeli.)

6 Futhi abantwana bakho obazalayo emva kwabo, bayoba ngabakho, futhi bayobizwa ngegama labafowabo efeni labo, kulezi zizwana; ngakho-ke babizwa ngezizwana zikaManase no-Efrayimi.

7 Futhi uJakobe wathi kuJosefa, Ngesikhathi uNkulunkulu wokhokho bami evela kimi eLuze, ezweni laseKhanana; wafunga kimi, ukuthi wayezonika mina, nenzalo yami, lomhlaba ukuba ube yifa laphakade.

8 Ngakho-ke, O ndodana yami, ungibusisile ekukukhuliseni ukuba ube yinceku kimi, ekusindiseni umuzi wami ekufeni;

9 Ekukhululeni abantu bami, abafowenu, endlaleni eyayinkulu ezweni; ngalokho-ke uNkulunkulu wokhokho bakho uyokubusisa wena, nenzalo yokhalo lwakho, ukuze babusiswe ngaphezu kwabafowenu, nangaphezu komuzi kayihlo;

10 Ngokuba unqobile, nomuzi kayihlo ukukhothamele, ngisho njengoba kwakhonjiswa kuwe, ungakathengiselwa eGibithe ngezandla zabafowenu; ngalokho-ke abafowenu bayokukhothamela, isizukulwane ngesizukulwane, kuze kube senzalweni yokhalo lwakho ingunaphakade;

11 Ngokuba uyoba wukukhanya kubantu bami, ukuba ubakhulule ezinsukwini zokuthunjwa kwabo, ebugqilini; futhi ukuba ulethe insindiso kubo, ngesikhathi sebecindezelwe yisono ngokupheleleyo.