Amasu Okufunda
HJS, U-Eksodusi 33


HJS, U-Eksodusi 33:20, 23. Qhathanisa no-Eksodusi 33:20, 23

Akukho muntu owonayo ongabona ubuso bukaNkulunkulu futhi aphile.

20 Futhi wathi kuMose, “Ngeke ukwazi ukububona ubuso bami ngalesi sikhathi, ngaphandle kokuba intukuthelo yami yokheleke ngokumelene nawe futhi, futhi ngikubhubhise, nabantu bakho; ngokuba ngeke kube bikho muntu phakathi kwabo ongangibona ngalesi sikhathi, futhi aphile, ngokuba bayona kakhulu. Futhi akukho muntu owonayo noma ngasiphi isikhathi, noma akuyi kuba khona muntu owonayo noma ngasiphi isikhathi, oyobona ubuso bami aphile.

23 Futhi ngizosisusa isandla sami, uyobona ingemuva lami, kodwa ubuso bami ngeke bubonwe, njengakwezinye izikhathi; ngokuba ngibathukuthelele abantu bami bakwa-Israyeli.”