Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Iziphakamiso Ezahlukahlukene Zokuphathelene Nezindawo Zokufunda kanye Nabafundi


“Iziphakamiso Ezahlukahlukene Zokuphathelene Nezindawo Zokufunda kanye Nabafundi ,” Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi: Okuphathelene Nabo Bonke Labo Abafundisa Emakhaya kanye naseBandleni (2022)

“Iziphakamiso Ezahlukahlukene Zokuphathelene Nezindawo Zokufunda kanye Nabafundi,” Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi

Isithombe
amadoda efundisa umndeni

Iziphakamiso Ezahlukahlukene Zokuphathelene Nezindawo Zokufunda kanye Nabafundi

Imigomo yokufundisa ngendlela kaMsindisi ingasebenza kunoma yiliphi ithuba lokufundisa––ekhaya, ebandleni, nakwezinye izindawo. Kodwa-ke, wonke amathuba eza nezimo zawo ezehlukile. Lengxenye inika ezinye iziphakamiso eziqondene ngqo nabafundi abahlukahlukene kanye nezindawo zokufunda ezahlukahlukene.

Ekhaya Nasemndenini

Ikhaya Yindawo Enhle Kakhulu Yokulifundisa Nokulifunda Ivangeli

UMongameli uRussell M. Nelson usifundise ukuthi ikhaya kufanele libe “yilapho kufundwa khona ivangeli” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” iLiyahona,, ngoNov. 2018, 113). Ukufundisa okwenzeka ebandleni noma ohlelweni lokufundisa ivangeli kubalulekile futhi kuyadingeka, kodwa kuhloswe ngakho ukuba kusekele ukufundisa okwenzeka ekhaya. Indawo esemqoka––futhi nokuyindawo enhle kakhulu––yokufundisa ivangeli, ukuze kuzuze thina nemindeni yethu, yikhaya.

Kodwa lokho akusho ukuthi ukufunda ngevangeli okuhle kuzenzekela kona ekhaya, kudinga umzamo wokuzinikela. UMongameli uNelson uphakamise ukuthi kuzodingeka “uliguqule” noma “ulishintshe ikhaya lakho”––hhayi ngokubhidliza izindonga noma ngokufaka okusha phansi kodwa mhlawumbe ngokuhlola umoya ovamile ekhaya lakho, kubalwa nokwenziwa nguwe ukuba kube khona lowo moya (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” 113). Njengesibonelo, ake ucabange ngomculo, amavidiyo, nokunye okubukwayo nokulalelwayo ekhaya lakho, izithombe ezisezindongweni; nangendlela amalungu omndeni wakho akhuluma futhi aphathana ngayo. Ngabe lezi zinto ziyalimema yini ithonya likaMoya oNgcwele na? Ngabe uyasenza yini isikhathi sokufunda ivangeli uwedwa futhi ningumndeni na? Ngabe amalungu omndeni azizwa ethandwa, ephephile, futhi esondelene noNkulunkulu uma esekhaya lakho na?

Kungenzeka uzwe sengathi awukwazi ukulawula umoya okhona ekhaya lakho. Uma kunjalo, makube nguwe oba nethonya elihle kakhulu futhi ucele iNkosi ikusize. Izoyazisa imizamo yakho elungileyo. Lapho uzama ukulifundisa nokulifunda ivangeli, ngisho noma ngabe ungayiboni imiphumela oyifisayo ngaleso sikhathi, uya phumelela.

Ukufunda Ekhaya Kwakhelwe Kubudlelwane

Isihloko esithi “Bathande labo obafundisayo” sisebenza kuzo zonke izindawo zokufundisa ivangeli, kodwa ekhaya, uthando kufanele lube khona ngokwemvelo futhi lusithinte ngokujulileyo. Ngisho noma ngabe ikhaya lakho alikona lokho okufunekayo, lifanelwe wukuba yilapho kufundiswa khona ivangeli ngoba yilapho kwakhiwa khona ubudlelwane bethu obuhlala isikhathi eside. Othishela abangaphandle kwekhaya bangaba namava nokuqeqeshwa njengothishela, kodwa ngeke bafana nobudlelwane obungaba nothando, baphakade obukhona ekhaya. Ngakho-ke bukhulise lobo budlelwane. Chitha isikhathi esidingekayo ubalalela abomndeni wakho futhi wakhe ukwethembana nokuqonda nabo. Lokho kuzokwakha isisekelo esiqinile semizamo yakho yokulifundisa nokulifunda ivangeli.

Ukufunda Ekhaya Kungahlelwa kodwa futhi Kungazenzekela

Amakilasi amaningi aseBandleni abakhona kanye ngesonto, ahlelelwe isiqalo nesiphetho, kodwa akuhlali kunjalo ekhaya. Ungaba nezinhlelo zesifundo sangobusuku bomndeni noma zokufunda imibhalo engcwele, kodwa amathuba okufundisa emndenini avamise ukuba khona ezikhathini zansuku zonke ezingahleliwe––ngesikhathi kudliwa, kusetshenzwa, kudlalwa umdlalo, kuyiwa emsebenzini noma esikoleni, kufundwa incwadi, noma kubukwa ibhayisikobho ndawonye. Imvula enesivunguvungu ingaba yithuba lokukhuluma ngokuthi uMsindisi usivikela kanjani ezivunguvungwini zethu zangokomoya. Osemusha obhekene nokuthatha isinqumo esinzima kungenzeka usekulungele ukufunda ngesambulo somuntu siqu. Umntwana owesabayo angazuza ngobufakazi bakho ngoMduduzi. Abantwana abagangayo noma abaphatha kabi abanye bangafundiswa ngokuphenduka nokuthethelelwa.

Ngenxa yokuthi lezi zikhathi azihleliwe, ngeke wazilungiselela njengoba ulungiselela isifundo ngokwejwayelekile. Kodwa, ungazilungiselela wena ngokusheshe umuzwe uMoya futhi uzama “ukuhlala ukulungele” (I KaPetru 3:15). Noma yisiphi isikhathi singaba yisikhathi sokufundisa noma sokufunda.

Ukufunda Ekhaya Kwenziwa Yimizamo Emincane, Eqondile, Eyenziwa Njalo

Abazali kwesinye isikhathi baphela amandla lapho imizamo yabo yokulifundisa ivangeli ekhaya kubonakala sengathi ayiphumeleli. Uma kubhekwa ngakunye, ubusuku bomndeni obubodwa, umhlangano wokufunda imibhalo engcwele, noma ingxoxo ngevangeli kungabonakala kungenzi lutho olungako. Kodwa ukunqwabelana kwemizamo emncane, ewubala, ephindwaphindwa ngokuhamba kwesikhathi, ingaba namandla futhi iqinise kunesikhathi esingakhohlakali esingenzeki njalo noma isifundo esibaluleke kakhulu. “Zonke izinto kufanele zenzeke ngesikhathi sazo,” kwasho iNkosi. “Ngalokho-ke, ningakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba nibeka isisekelo somsebenzi omkhulu. Futhi ezintweni ezincane kuyovela lokho okukhulu” (IMfundiso neziVumelwano 64:32–33; bheka futhi ku Alima 37:6–7). Ngakho-ke ungayeki, futhi ungakhathazeki ngokufeza okukhulu njalo. Ungaguquguquki emizamweni yakho.

Ekhaya, Ukufunda Nokuphila Ngeke Wakwehlukanisa

Ekhaya masinyane ivangeli limayelana nathi. Lapho abantu ofunda nabo ivangeli ngabantu ozoliphila kanye nabo––nsuku zonke. Eqinisweni, esikhathini esiningi, ukuliphila ivangeli kumayelana nokuthi silifunda kanjani ivangeli. Ngakho-ke ngesikhathi ulifunda futhi uliphila ivangeli ekhaya, bheka izindlela zokumatanisa lokho okufundayo nalokho okwenzayo. Ekhaya lakho, ivangeli lenze kube yinto olwela ukuyiphila, hhayi ukukhuluma ngalo nje kuphela.

Isithombe
owesifazane ufundisa abantwana

Amathuba okufundisa emndenini aba khona kaningi ngezikhathi zansuku zonke ezingahleliwe.

Ukufundisa Abantwana

Abantwana Badinga Ukwahlukahlukana

Bonke abantwana bahlukile, futhi ngesikhathi bekhula, izidingo zabo zizoshintsha. Ukuzishintshashintsha izindlela zokufundisa kuzokusiza ukwazi ukuhlangabezana nezidingo zabo ezahlukahlukene. Njengesibonelo, cabanga ngokusebenzisa lokhu okulandelayo:

  • Izindaba. Izindaba ziyabasiza abantwana babone ukuthi ivangeli lisebenza kanjani empilweni yansuku zonke. Sebenzisa izindaba ezivela emibhalweni engcwele, empilweni yakho, emlandweni womndeni wakho, noma kumaphephabhuku eBandla, ikakhulu izindaba ngoMsindisi. Hlela izindlela zokuba bandakanya abantwana endabeni––ngokuthi babambe izithombe, baphindaphinde imishwana, noma balingise kwezinye izingxenye zendaba.

  • Izinsiza ezibukwayo. Izithombe, amavidiyo, nezinto kungabasiza abantwana bayiqonde imigomo yevangeli. Ziningi izithombe namavidiyo angatholakala ku Media Library ku ChurchofJesusChrist.org.

  • Umculo. Izihlabelelo namanye amaculo angcwele angabasiza abantwana baluzwe uthando lukaNkulunkulu, bamuzwe uMoya, futhi bawafunde amaqiniso evangeli. Izindlela zokucula, izigqi, kanye nezinkondlo ezilula kungabasiza abantwana bawakhumbule amaqiniso evangeli eminyakeni eminingi ezayo. Ngesikhathi ucula nabantwana, basize bathole futhi bayiqonde imigomo efundiswa emaculweni.

Iningi labantwana lifunda kangcono uma besebenzisa yonke imizwa yabo. Thola izindlela zokusiza abantwana basebenzise imizwa yabo yokubona, ukuzwa, kanye nokuthinta ngesikhathi befunda. Kwezinye izimo, ungathola ngisho nezindlela zokuba basebenzise imizwa yabo yokunuka nokunambitha!

Abantwana Bayathanda Ukwenza

Ngesikhathi umema abantwana ukuba badwebe, bakhe, bafake umbala, noma babhale okuthile okuphathelene nomgomo wevangeli, ubasiza ukuba bawuqonde kangcono lowo mgomo futhi ubanika isikhumbuzo esithintekayo esimayelana nabakufundile. Bangakusebenzisa futhi lokho abakwakhile ukwabelana nabanye ngabakufundile. Iphephabhuku ngalinye le Friend linezinto zabantwana abangazenza.

Abantwana Banosikisiki Lokufuna Ukwazi

Uma abantwana bebuza imibuzo, kubone lokho njengamathuba, hhayi njengeziphazamiso. Imibuzo yabantwana ikhombisa ukuthi bakulungele ukufunda, futhi imibuzo yabo ikunikeza ulwazi olubalulekile mayelana nabakucabangayo nabakuzwayo. Basize babone ukuthi izimpendulo zemibuzo yabo yangokomoya zitholakala emibhalweni engcwele kanye nasemazwini abaprofethi abaphilayo.

Abantwana Badinga Uthando Ngisho Noma Bephazamisa

Kwesinye isikhathi umntwana wenza izinto eziphazamisa ukufunda kwabanye. Izenzo eziningi eziphazamisayo zibangelwa yisidingo esingagcwalisekile. Uma kwenzeka lokhu, bekezela, ukhombise uthando, nokuqonda ngezinkinga umntwana okungenzeka ubhekene nazo. Kungenzeka udinga amathuba okubamba iqhaza ngezindlela ezinhle esifundweni––isibonelo, ngokubamba isithombe, ukudweba okuthile, noma ukufunda umbhalo ongcwele.

Uma umntwana eqhubeka nokuphazamisa, kungasiza ukukhuluma naye eyedwa. Ngomoya wothando nokubekezela, muchazele ngokulindele nangethemba onalo lokuthi angakwazi ukuhlangabezana nakho. Muncome umntwana lapho ekhetha ukwenza okuhle.

Abantwana Banokuningi Abangabelana Ngakho

Lapho abantwana befunda into entsha, ngokwemvelo bafuna ukwabelana ngalokho nabanye. Sikhuthaze lesi sifiso ngokubanika abantwana amathuba okufundisana imigomo yevangeli, namalungu omndeni, kanye nabangani. Bacele futhi ukuba babelane nawe ngemicabango yabo, imizwa yabo, nabakubonayo nabakuzwayo okuphathelene nemigomo ofundisa ngayo. Uzothola ukuthi banolwazi olusobala, olucacile, futhi olunamandla.

Abanatwana Bangamuzwa uMoya Kodwa Kungenzeka Badinge Usizo Ukuqonda Ithonya Lakhe

Ngisho abantwana abangakasitholi isipho sikaMoya oyiNgcwele bangalizwa ithonya Lakhe, ikhakhulu lapho befunda ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe. Lapho bekhetha ukwenza okulungileyo, bangakuzwa ukuvuma kukaMsindisi ngoMoya. Bafundise abantwana ngezindlela ezahlukene uMoya oxhumana ngazo nathi. Basize baliqaphele izwi Lakhe ngesikhathi ekhuluma nabo. Lokhu kuzobasiza babe nomkhuba wokusifuna nokwenza okuthile ngokulandela isambulo somuntu siqu ezimpilweni zabo zonke.

Ukufundisa Intsha

Intsha Kukhulu Engaba Yikho

Intsha ingenza izinto ezimangalisayo emsebenzini weNkosi. Kuningi okwenzekayo okubhalwe emibhalweni engcwele okukhombisa ukuthi uNkulunkulu uyawethemba amakhono angokomoya abantu abasha. Uma abantu abasha bezwa ukuthi uyabethemba, kuzokhula ukuzethemba ngalokho abangaba yikho ngokwasezulwini futhi bazokumangaza ngalokho abangakufeza. Ngothando balekelele ukuba bakubone lokho uBaba oseZulwini akwaziyo ukuthi bangaba yikho. Landela isibonelo sikaMsindisi ngokuqhubeka nokubathanda nokubakhuthaza, usebenze nabo ngokubekezela, futhi ungalinge uphele amandla ngabo.

Abantu Abasha Bayafunda Ngabo

Intsha oyifundisayo yakha izisekelo zobufakazi bayo. Basendleleni yokuthola izinkolelo zabo nabakholwa yikho. Bathatha izinqumo ezizothinta indlela yezimpilo zabo. Ukuze balondeke ngokomoya kulezi zikhathi ezinzima futhi nokuthi bafeze umsebenzi weNkosi ngabo, abantu abasha obafundisayo kuzodingeka bazi ukuthi bangawathola kanjani amandla ngezikhathi zabo zokuvivinywa, izimpendulo emibuzweni yabo, nesibindi “sokuma njengofakazi baNkulunkulu” (uMosiya 18:9).

Abantu abasha banefisiso esikhulayo sokufunda izinto ngokuphikisana nangokuzizwela nokuzibonela kunokuba batshelwe nje izinto. Lokhu kusho ukuthi ukufundisa intsha kuzodinga ikhono lokulalela. Lapho abantu abasha bezwa ukuthi uyabaqonda, bazokwemukela ukwelulekwa nokuqondiswa. Banike isiqiniseko sokuthi iNkosi iyabazi futhi izobasiza ngesikhathi bezabalaza ngemibuzo nangezivivinyo. Bangasebenzisa ukholo Kuye ngokuzijwayeza ukukhuleka nokufunda imibhalo engcwele nsuku zonke nangokusiza abanye. Ukukhuthaza intsha ukuba ibambe iqhaza emakilasini eBandla nokuthi bazifundele ngokwabo kungabasiza ukuba bazizwele futhi bazibonele bona okuzokwakha ubufakazi babo ngefa labo lasezulwini.

Intsha Ikhululekile Ngokusebenzisa Ubuchwepheshe

Uma abantu abasha obafundisayo benezisebenziso zabo sikagesi, khumbula ukuthi lezi zisebenziso zingamathuluzi okukhulisa ukufunda kwabo. Bafundise ukusebenzisa imibhalo engcwele nolunye usizo olutholakala eMthonjeni woLwazi lweVangeli. Ungabathumela futhi imiyalezo kanye nezixhumanisi ukubasiza balungiselele izifundo ezizayo.

Isithombe
Ikilasi lesikole sangeSabatha

Intsha kudingeka ikuqonde lokho uBaba oseZulwini akwaziyo abangaba yikho.

Ukufundisa Abadala

Abadala Bangazifundela Bona Ngokwabo

Abafundi abadala bayakwazi ukuzenzela bona ngokwabo ezindaweni zokufunda ivangeli (bheka ku 2 Nefi 2:26). Bameme ukuba balungiselele ukuxoxisana ngevangeli ngokuthi bafunde okuthile kusenesikhathi, futhi ubakhuthaze ukuba babelane ngabakufundayo ngoMoya. Ungababuza futhi ukuthi yimuphi umgomo wevangeli abangathanda ukuchitha isikhathi befunda ngawo bendawonye.

Abadala Basebenzisa Asebedlule Kukho Ngesikhathi Befunda

UJobe wathi, “Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda” (uJobe 12:12). Ngokujwayelekile, ukuhlakanipha nokuqonda kwangokomoya kuza emva kweminyaka umuntu edlula kokuningi. Ngesikhathi ufundisa abadala, bameme ukuba babelane ngabadlule kukho okubenze bakha ukholo lwabo kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu. Lokhu kuzobanika amathuba okuba bafakaze ngokuthi bafinyelele kanjani ekwazini ukuthi imigomo yevangeli abafunda ngayo iliqiniso. Ukwabelana ngabadlule kukho kuzokwakha ubudlelwane phakathi kwalabo obafundisayo, kunisize “nakhane nonke” (IMfundiso neziVumelwano 88:122).

Abadala Bafuna Izinto Ezenzekayo

Abadala obafundisayo kungenzeka banemisebenzi eminingi ababhekene nayo emisebenzini yabo, emiphakathini, ubizo eBandleni, nasemindenini yabo. Ngesikhathi belifunda ivangeli, bavame ukucabanga ngokuthi lokho abakufundayo kungabasiza kanjani kuleyo misebenzi yabo. Bameme ukuba babone ukuthi izwi likaNkulunkulu liphathelene kanjani nezimo zamo ezahlukene. Ungakwenza lokhu ngokubabuza ukuthi ngabe imigomo yevangeli isho ukuthini futhi isebenza kanjani ezimpilweni zabo.

Abantu Abadala Bangaba Nemicabango Eminingi

Ngenxa yezinto abadlule kuzo nolwazi lwabo, abantu abadala bayazi ukuthi azihlezi zitholakala kalula izimpendulo emibuzweni yevangeli. Bangakuqonda ukuthi indinyana yombhalo ongcwele ingasho okuningi, futhi bayakwazi ukusebenzisa umgomo wevangeli ezimweni ezahlukahlukene. Bameme ukuba bazindle ngokuthi imigomo yevangeli ihlobene kanjani nokuthi ihambisana kanjani nalokho okwenzeka ezimpilweni zabo. Bakhuthaze ukuba babambe iqhaza nokuba baxoxisane ukuze bafunde kulokho okubonwa abanye okwehlukile.

Isithombe
owesifazane ufundisa ikilasi

Abantu abadala bangabelana ngokuningi abadlule kukho okubenze bakha ukholo kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu.

Ukufundisa Abantu Abaphila Nokukhubazeka

Siza Umuntu Ngamunye Ukuba Akhule futhi Athuthuke

UJoseph Smith wasifundisa wathi, “Yonke imiqondo nemimoya uNkulunkulu ake ayithumela emhlabeni iyakwazi ukukhula” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 210). Zicabangele ukuthi bonke abantwana baNkulunkulu bayakwazi ukukhula ngolwazi nangokuthuthuka. Cela iNkosi ukuba ikusize wazi ukuthi ungamsiza kanjani umuntu ngamunye.

Funda Ngezidingo Eziqondene Nomuntu

Khuluma nabafundi, abazali babo, noma labo ababanakekelayo. Thola ukuthi umuntu ngamunye yikuphi okumenza afunde kangcono nokuthi yimaphi amasu awusizo. Ungaxoxisana futhi nabanye abaholi nothishela abanamava nolwazi abangabelana ngalo. Ukuze uthole amasu okufundisa awusizo, bheka ku disabilities.ChurchofJesusChrist.org

Yenza Indawo Owusizo

Yenza indawo ewusizo lapho wonke umuntu ezizwa ephephile futhi ethandwa. Ungazicabangeli ukuthi bonke abafundi abaphila nokukhubazeka bayafana, futhi phatha umuntu ngamunye ngothando nangenhlonipho. Bakhuthaze abanye ukuba nomusa futhi bamukele.

Qiniseka Ukuthi Bonke Babamba Iqhaza

Ushintsho oluncane lungenziwa kulokho okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi bangakwazi ukufunda, kubalwa nalabo abangenakho ukuphelela ngokomzimba noma abafunda kanzima. Isibonelo, uma okwenziwayo kudinga ukuba kukhonjiswe isithombe, esikhundleni salokho ungacula iculo elihambisana nokufundwayo ukuze abangaboni kahle nabo babambe iqhaza esifundweni.

Sungula Impikelelwana Nesimo Okuvumelanayo

Indlela eyodwa yokusungula impikelelwana ukwenza iphepha lezaziso elinohlelo. Uhlelo lwakho lungaba nemikhuleko, isikhathi sokufundisa, kanye nesikhathi sezinto ezizokwenziwa. Ukulandela uhlelo kungasiza kunciphise ukungazi kanye novalo kwabanye abafundi.

Yiba Nokuqonda Mayelana Nezenzo Eziletha Izinkinga

Funda ngokukhubazeka noma ngezimo ezingadala ukuba umuntu enze izinto ezingafanele. Naka ngokucophelela ukuthi kwenzekani lapho sekuba khona izenzo eziletha izinkinga. Cabanga unomkhuleko mayelana nokuthi ungasishintsha kanjani isimo ukuze weseke abafundi.

Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokufundisa abantu abaphila nokukhubazeka, bheka ku disabilities.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
Ikilasi LamaNtombazane

Othishela bangenza indawo ewusizo lapho wonke umuntu ezizwa emukelekile futhi ethandwa.

Ukufundisa Usebenzisa Izinkundla zokuxhumana

Zejwayeze Ubuchwepheshe

Ngaphambi kwekilasi noma umhlangano, zinike isikhathi uzejwayeza ubuchwepheshe ozobe ubusebenzisa. Hlola ezinye zezici zabo, njengokuthi ungabelana kanjani ngamavidiyo noma izithombe. Ake ucabange ngokubamba umhlangano “wokuhlola” nomndeni wakho noma abangani bakho.

Amawadi amaningi nezikhonkwane zinongoti kwezobuchwepheshe. Kungenzeka futhi kube khona omaziyo onolwazi ngemihlangano yaloluhlobo. Bacele bakusize noma bakukhombise.

Susa Iziphazamiso Okungenzeka Zibe Khona

Uma kwenzeka, thola indawo engenawo umsindo eningabambela kuyo umhlangano wenu. Imisindo evamise ukuba khona ngemuva ingaba yisiphazamiso. Bakhuthaze abafundi ukuba nabo benze njalo noma banciphise umsindo emshinini wezwi uma bengakhulumi.

Sebenzisa Ikhamera

Uma kwenzeka, yivule ikhamera yakho ukuze abafundi babubone ubuso bakho. Ungabamema (kodwa ungabaphoqi) abafundi ukuba nabo bawavule amakhamera abo. Lokhu kungasiza ukuba kube khona umoya wobunye nokusizana.

Sebenzisa Isici Sokuxoxa Senkundla Yokuxhumana

Izinkundla zokuxhumana eziningi zenza kube lula ukuba ababamba iqhaza emhlanganweni babhale imibuzo yabo noma baphawule. Ezinye ziyabavumela futhi labo ababamba iqhaza ukuba baphakamise izandla uma befuna ukuphawula. Bazise abafundi ngalezi zici. Ungathanda ukunika othile umsebenzi wokuthi agade abaphawulayo noma labo abaphakamise izandla ukuze wena ugxile kulokho enikhuluma ngakho.

Thola Izindlela Zokubandakanya Abafundi

Izindawo zokufunda zezinkundla zokuxhumana kwesinye isikhathi zenza kube nzima ukuba abantu babonakale futhi bezwakale. Yenza umzamo wokuzihlupha ukuba ubandakanye labo abafuna ukubamba iqhaza. Kwesinye isikhathi lokhu kusho ukwenza amaqembu amancane (isibonelo, ukuhlukanisa ikilasi lesikole sangeSabatha labantu abaningi). Kwesinye isikhathi kusho ukucela abafundi ngaphambili ukuba babambe iqhaza ngokwenza okuthile. Ungavumeli ukuthi ukukhawuliswa kobuchwepheshe kukwenze ukhohlwe noma ungabanaki abantu abafisayo nabathandayo ukufunda.