Ngo-2021
Umlando Womndeni Usiza Okhokho Bethu
NgoDisemba 2021


“Umlando Womndeni Usiza Okhokho Bethu,” iLiyahona, yangoDisemba 2021

UMyalezo waNyanga zonke we iLiyahona yangoDisemba 2021

Umlando Womndeni Usiza Okhokho Bethu

Umlando womndeni ukuthola kanye nokufunda ngamalungu omndeni wethu. Siphinde siqoqe ulwazi mayelana nokhokho bethu ukuze sibenzele umsebenzi wasethempelini.

Isithombe
omunye umbhalo

Imindeni ibalulekile ohlelweni lwenjabulo lukaBaba oseZulwini. Ulungise indlela yokuba imindeni iqhubeke ingunaphakade. Njengoba senza umlando womndeni wethu kanye nomsebenzi wasethempelini, sisiza ukuhlanganisa ndawonye amalungu omndeni wethu, aphilayo nafileyo. (“Umsebenzi wasethempelini” usho ukuzitholela izimiso zasethempelini, njengokuboshwa ndawonye nalabo esishade nabo, kanye nokwenzela okhokho bethu izimiso ethempelini.)

Umlando Womndeni Nomsebenzi Wasethempelini

Wonke umuntu oke waphila noma osazophila emhlabeni uyazidinga izimiso zevangeli. Uma okhokho bethu bengabanga nalo lelo thuba, singabenzela izimiso ethempelini. Esinye salezo zimiso ukuboshwa ndawonye namalungu omndeni. “Ukuboshwa” kusho ukuthi siyokwazi ukuphila phakade nemindeni yethu uma senza ukulunga. Singaboshwa ndawonye nemindeni yethu emathempelini kuphela.

Izibusiso Zomsebenzi Womlando Womndeni

Isithombe
umndeni

Umlando womndeni ungasisiza siqinise ubudlelwano bethu namalungu omndeni wethu aphilayo. Ngesikhathi sabelana ngezindaba, izithombe, nokunye okukhumbulekayo, sakha ubudlelwano nomndeni. Siqinisa futhi nothando esithandana ngalo. Abaprofethi bathembisile nokuthi ukusebenza umlando womndeni wethu kuzosisondeza kuJesu Kristu.

Ukuthola Okhokho Bethu

Isithombe
imibhalo ngesiShayina

UBaba oseZulwini ufuna ukuthi siboshwe ndawonye nemindeni yethu yamanje nakokhokho bethu. Ngaphambi kokuba siboshwe ndawonye nokhokho bethu, sidinga ukuthola imininingwane ngabo bese siyigcina. Kodwa umlando womndeni ungaphezulu nje kokufuna ulwazi ngamagama, izinsuku, nezindawo. Ngesikhathi sifunda ngokhokho bethu, sizozizwa sixhumene kakhulu nabo.