Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDisemba 2012
Ukufundisa Ngokuvakasha, uMsebenzi weNsindiso
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Ukufundisa ngokuvakasha kunikeza abesimame ithuba lokunakekela, baqinise, futhi bafundisane—kungumsebenzi wangeqiniso wensindiso. Ngokufundisa ngokuvakasha, odade bafundisa esikhundleni sikaMsindisi futhi balungiselela ukusiza abesimame ukuba bathole izibusiso zempilo yangunaphakade.
“Kumele ‘siyale, sichaze, sigqugquzele, futhi sifundise, futhi simeme [abanye] ukuba beze kuKrestu’ (D&C 20:59), njengoba iNkosi yakhuluma kwisambulo sayo,” washo uMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985). Eqhubeka, wathi, “Ubufakazi bakho buyindlela enhle kakhulu yokuhambisa umlayezo.”1
Uma thina njengabothisha bokuvakasha siphakamisa ulwazi lwethu ngeqiniso levangeli, ubufakazi bethu buyaqina futhi busekele odade labo abazilungiselela ukuyobhabhadiswa kanye nokuqiniswa. Sisiza amalungu asemasha ukuba azibandakanye ngokuphelele evangelini. Ukuvakasha kanye nothando lwethu lusiza “silethe futhi labo asebaphambukile [futhi] kuqinise ubufakazi babo bevangeli.”2 Futhi sigqugquzela odade ukuba basondele kuKrestu ngokuya ethempelini.
“Uzakusindisa imphefumulo,” washo uMongameli uKimball kubothisha bokuvakasha, “futhi ongasho kepha ukuthi iningi labantu abazibophezelele abalungile eBandleni namuhla bazibophezelele ngenxa yokuba nina niyile emakhaya abo futhi nibanikeze indlela entsha yokubuka izinto, umbono omusha. Niveze izinto ebekade bengaziboni. Nikhulise lapho okufinyelela amehlo abo. …
“Niyabona, anisindisi kuphela labo dade, kepha mhlawumbe kanye nabayeni babo kanye namakhaya abo.”3
Kuvela Embhalweni Ongcwele
Kuvela Emlandweni Wethu
Ngenkathi uMprofethi uJoseph Smith ehlanganisa iNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi abesimame aabaqaphile nje kuphela abampofu kepha futhi basindisa imiphefumulo. Waphinde wafundisa ukuthi abesimame eBandleni badlala indima ebalulekileyo kuhlelo lwensindiso likaBaba waseZulwini.4 Akhonjiswa ngomthetho owafundiswa nguMprofethi uJoseph Smith, thina njengodade kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko singasebenzisana ukuze silungiselele abesimame kanye nemindeni yabo bathole izibusiso eziphakeme zikaNkulunkulu.
“Make sibe nozwelo komunye nomunye wethu,” washo uMongameli uBrigham Young (1801–77), “futhi sivumele [labo aba] abaqinile abanesineke banakekele labo ababuthakathaka ukuba baqine, futhi sivumele labo ababonayo ukuba bahole abayizimpumputhe kuze kufike lapho bekwazi ukuzibonela indlela ngokwabo.”5
© 2012 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Printed in USA. Isingisi esivunyelwe: 6/11. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/11. Ukuhumushwa koVisiting Teaching Message, December 2012. Zulu. 10372 783
Ngingenzani?
-
Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ingilungiselela kanjani ukuze ngithole izibusiso zempilo yangunaphakade?
-
Ngingakhulisa kanjani ukholo lwalabo engibanakekelayo?