Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uOkthoba 2012
Ukuhlonipha Izivumelwano Zethu
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Ukufundisa ngokuvakasha kukhombisa ukulalela kwethu kanye nokuhlonipha izivumelwano zethu njengoba sisebenza ngokusiza futhi siqinisa omunye nomunye. Isivumelwano isithembiso esingapheli futhi esingcwele phakathi kukaNkulunkulu kanye nabantwana Bakhe. “Uma sibona ukuthi singabantwana besivumelwano, siyazazi ukuba singobani futhi nokuthi uNkulunkulu ulindeleni ngathi,” lakhuluma igosa uRussell M. Nelson weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili. “Umthetho wakhe ubhalwe ezinhlizweni zethu. Yena unguNkulunkulu wethu futhi singabantu Bakhe.”1
Njengabothisha bokuvakasha singaqinisa labo esibavakashelayo ngokuzama ukuba bagcine izivumelwano zabo. Ngokwenza njalo, silungiselela bona ukuba bathole izibusiso zempilo yangunaphakade. “Wonke udade eBandleni owenze isivumelwano kanye neNkosi unegunya elingcwele lokuba asindise imiphefumulo, ahole abasefazane emhlabeni, aqinise amakhaya eZiyoni, futhi bakhe umbuso kaNkulunkulu,”2 lakhuluma iGosa uM. Russell Ballard weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili.
Njengoba senza futhi sigcina izivumelwano zethu, sibangamathulusi ezandleni zikaNkulunkulu. Sizakwazi ukukhuluma ngenkolo yethu futhi siqinise ukholo lomunye nomunye kuBaba waseZulwini kanye noJesu Krestu.
Kuvela embhalweni Ongcwele
1 Nifayi 14:14; uMozaya 5:5–7; 18:8–13; Imfundiso kanye Nezivumelwano 42:78; 84:106
Kuvela Emlandweni Wethu
Ithempeli liyi “ndawo yokubonga kubobonke abangcwele,” iNkosi yaveza kuMprofethi uJoseph Smith ngo 1833. Kuyi “ndawo yomyalo kubobonke labo ababiziwe ukuba basebenze kubufundisi kuwonke amabizo abo kanye namahhovisi; ukuthi bangakwazi ukuzwisisa ngokuphelele ubufundisi babo, ngokubhaliwe, ngomthetho, kanye nasemfundisweni, kuzo zonke izinto ezihlangene nombuso kaNkulunkulu emhlabeni” (D&C 97:13–14).
Odade Benhlangano Yabesimame Yenkululeko eNauvoo, Illinois, ngo1840 basizana ukulungiselela izimiso zethempeli. Ezimisweni zobupristi obuphakeme ezatholwa Ngabangcwele Bezinsuku-zokugcina eThempelini laseNauvoo, amandla wobungcwele abonakaliswa” (D&C 84:20). “Njengoba Abangcwele bagcina izivumelwano zabo, lamandla abaqinisa futhi abasekela kwizivivinyo zezinsuku kanye neminyaka ezayo.3
Ebandleni namuhla, abesifazane kanye nabesilisa abanokholo kumhlaba wonke basebenza ethempelini futhi bayaqhubeka bathola amandla ezibusisweni lezo ezingatholakala kuphela ngezivumelwano zethempeli.
© 2012 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ubhalwe eUSA. Isingisi esivunyelwe: 6/11. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/11. Ukuhumusha Visiting Teaching Message, October 2012. Zulu. 10370 783
Ngingenzani?
-
Izivumelwano zami zingiqinisa kanjani mina?
-
Ngibasiza kanjani odade labo engibaqaphile ukuba bagcine izivumelwano zabo.