Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha. uJuni 2012
Ukufundisa Ngokuvakasha—Umsebenzi Ongcwele
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngawo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Njengabothisha bokuvakasha, sinomlayezo ongcwele obalulekile okumele ufezeke. “Ubhishobhu, ogcotshwe njengomelusi wewodi, angeke akwazi ukubheka zonke izimvu zeNkosi ngesikhathi esinye. Uthembele kubothisha abanogqozi ukuba bamsize.”1 Ukufuna futhi nokwamukela isambulo sokuba ubani okumele anikezwe ukuba abhekane nodade ngamunye kubalulekile kakhulu.
Ugqozi luqala njengoba amalungu wobumongameli beNhlangano Yabesimame Yenkululeko bekhuleka baxoxe ngezidingo zabantu kanye nezemindeni. Bese-ke, ngemvumo kabhishobhu, omongameli Benhlangano Yabesimame Yenkululeko banikeza umsebenzi ngendlela ezosiza odade bazwisise ukuthi ukufundisa ngokuvakasha kuwumsebenzi womoya ongcwele obalulekile.2
Othisha bokuvakasha bathola ngokweqiniso ukwazana futhi bathande odade ngamunye, basize yena ukuba aqine ngokholo, futhi basebenze ngokusiza uma kudingekile. Bafuna ugqozi bona ngokwabo ukuze bakwazi ukuphendula izidingo zomoya ongcwele kanye nezasemhlabeni zodade ngamunye abamuvakashelayo.3
“Ukufundisa ngokuvakasha kuba umsebenzi weNkosi uma sibhekene nqo nabantu ukwedlula amaphesenti. Ngokweqiniso, ukufundisa ngokuvakasha akusoze kwaphela. Kuyindlela ekakhulukazi eyiqiniso ukwedlula umsebenzi.”4
Kuvela embhalweni Ongcwele
uMatewu 22:36–40; uJohane 13:34–35; uAlma 37:6–7
Kuvela Emlandweni Wethu
uEliza R. Snow, Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko kubomongameli jikelele besibili wafundisa, “Ngibeka ihhovisi lobuthisha ngaphezulu futhi liyihhovisi elingcwele.” Waluleka othisha bokuvakasha “ukuba babe noMoya ongcwele kaNkulunkulu, onenhlakanipho, nokuzithoba, nothando” ngaphambi kokuba bavakashele amakhaya ukuze bakwazi ukuthola futhi bafeze izidingo zomoya ongcwele futhi nezasemhlabeni. Wathi, “Ungazizwa ufuna ukukhuluma amazwi woxolo futhi aduduzayo, futhi uma uthola udade ezwa ukubanda, umlethe enhlizweni yakho njengoba wenza kwingane esifubeni sakho bese umfudumeze.”5
Njengoba siqhubekela phambili ngokholo njengodade bokuqala Benhlangano Yabesimame Yenkululeko benzile, uMoya oNgcwele uzakuba nathi futhi sibenogqozi lokusiza udade ngamunye esimuvakashelayo. “Make [thina] sifune ukuhlakanipha esikhundleni samandla,” wakhuluma Udade uSnow, “futhi [thina] sinokuhlakanipha esingakusebenzisa.”6
© 2012 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agciniwe. Ubhalwe eUSA. Isingisi esivunyelwe: 6/11. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/11. Ukuhumusha ko Visiting Teaching Message, June 2012. Zulu. 10366 783