Ngo-2000–2009
Ukusetshenzelwa Yizingelosi
Okthoba 2008


Ukusetshenzelwa Yizingelosi

UNkulunkulu akasoze asishiye sisodwa, akasoze asishiye singenalo usizo ebunzimeni esibhekana nabo.

Ngesikhathi u-Adamu no-Eva bezingenela ngokwabo empilweni yasemhlabeni, babazi ukuthi lo mhlaba wethilestiyali wawuzoba nameva namakhakhasi nezinkinga zalo lonke uhlobo. Kepha, kungenzeka ukuthi abakubona kunzima kakhulu, kwakungebona ubunzima nobungozi okwakuzofanele bakubekezelele kepha ukuthi manje base bezoqhela kuNkulunkulu, behlukanisiwe kuLowo ababehamba Naye, bekhuluma Naye, obebayala ubuso nobuso. Emva kokuzithathela lesi sinqumo, njengoba indaba yendalo isho, “bangayibona; ngokuba base behlukanisiwe nayo.”1 Kukho konke okwakubakhathaza, ngempela yilokhu okufanele ukuba kwakubakhathaza kakhulu.

Kepha uNkulunkulu wayezazi izinkinga ababezohlangabezana nazo, kanti futhi wayazi ukuthi ngezinye izikhathi babezozizwa benesizungu futhi bekhathazeke kangakanani. Ngakho-ke, wawubheka njalo umndeni wakhe wasemhlabeni, walalela imikhuleko yabo njalo, futhi wathumela abaphrofethi (ngokuhamba kwesikhathi kwaba ngabaphostoli) ukuba bezobafundisa, babayale, futhi babahole. Kepha ngezikhathi sezidingo ezithize, wathumela izingelosi, izithunywa ezingcwele, ukuzobusisa abantwana Bakhe, ebaqinisekisa ukuthi izulu laliseduzane njalo futhi nosizo Lwakhe lwaluhlezi luseduzane. Nangempela, isikhashana nje emva kokuba u-Adamu no-Eva bezithole besemhlabeni onesizungu nolihlane, ingelosi yavela kubo,2 yabafundisa ngokumele umnikelo wabo kanye nendima yenhlawulo kaMhlengi owayethenjisiwe owayezoza.

Ngesikhathi ukuza kukaMsindisi sekuseduze, ingelosi yathunyelwa ukuzokwazisa uMariya ukuba wayezoba ngumama weNdodana kaNkulunkulu.2 Emva kwalokho uquqaba lwezingelosi lathunyelwa ukuba licule ngobusuku bokuzalwa komntwana onguJesu.4 Isikhashana emva kwalokho ingelosi yayizokwazisa uJosefa ukuthi umntwana ozelwe wayesebungozini nokuthi umndeni wakhe omncane kwakumele ubalekele eGibithe ukuze uthole ukuphepha.5 Ngesikhathi sekuphephile ukubuya, ingelosi yawutshela lomndeni ngalokhu futhi bobathathu babuyela ezweni labo lefa.6

Kusukela ekuqaleni kwehlela ezikhathini zonke, uNkulunkulu usebenzise izingelosi njengezithunywa zokukhombisa uthando nokukhathalela Kwakhe abantwana Bakhe. Isikhathi enginaso lapha asivumeli ukuba ngikhulume ngisho kafushane ngemibhalo engcwele noma ngomlando wethu wezinsuku zokugcina, konke okugcwele izindaba zezingelosi zisebenzela labo abasemhlabeni, kepha lemfundiso ibalulekile kakhulu futhi ziningi impela izibonelo zayo emlandweni.

Ngokuvamile labantu abanjena ababonakali . Ngesinye isikhathi bayabonakala. Kepha bebonakala noma bengabonakali bahlezi beseduzane. Ngesinye isikhathi umsebenzi wabo mkhulu futhi uthinta umhlaba wonke. Ngesinye isikhathi imiyalezo iyimfihlo. Kuyenzeka inhloso yezingelosi kube ukuxwayisa. Kepha okujwayelekile ukuzoduduza, ukuzoletha ukunakwa ngomusa, nokuyalwa ezikhathini ezinzima. Ngesikhathi esephusheni lakhe uLehi ezithola esendaweni ethusayo, “emnyama nethule,” njengoba ayichaza, wahlangana nengelosi, “indoda … imbethe ingubo emhlophe; … yakhuluma kimi,” kwasho uLehi, “yangiyala ukuthi ngiyilandele.”7 ULehi wayilandela waze wafinyelela lapho kwakuphephe khona nasendleleni yensindiso.

Empilweni sonke sichitha isikhathi ezindaweni ezi “mnyama nezithule”, emahlane, nasezimweni zosizi, ukusaba nokudumala. Isikhathi samanje sigcwele ingcindezi emhlabeni wonke yezinkinga zemali, izinkinga zamandla, izinkinga zabahlasela amazwe, kanye nezinkinga zezibhicongo zemvelo. Lokhu kugcina kukhathaza umuntu ngamunye kanye nemindeni ngamakhaya okumele baphile kuwo nokudla okukhona nokuphepha nokukhula kwabantwana bethu neziphrofetho zomhlaba wethu. Okunzima kakhulu kunalokhu—futhi okuphathelene nakho—udaba lokuncipha kokwethembeka, ubumsulwa nokugxiila kumoya okubonakala kubantu abaningi nabancane, ekhaya nangaphesheya. Kodwa ngiyafakaza ukuthi izingelosi namanje zisathunyelwe ukuzosiza thina, njengoba zathunywa ukuzosiza u-Adamu no-Eva, ukuba zizosiza abaphrofethi, futhi impela ukuba zizosiza uMsindisi womhlaba uqobo. UMathewu ubhale evangelini lakhe ukuthi emuva kokuthi uSathane alinge uKristu ehlane, “kwafika izingelosi, zamkhonza.”8 Ngisho iNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uQobo, yayidinga induduzo yasezulwini ngesikhathi sohambo Lwayo emhlabeni. Ngakho-ke ukusetshenzelwa okunjena kuyohlezi kuza kwabalungile kuze kube ukuphela kwesikhathi. Njengoba uMormoni asho kwindodana yakhe uMoroni, nayo ngelinye ilanga eyayizoba yingelosi:

“Ngabe usuku lwezimangaliso luphelile na?

“Noma izingelosi seziyekile yini ukuvela kubantwana babantu na? Noma uwagodlile yini amandla kaMoya oyiNgcwele kubo na? Noma uzowagodla yini, uma nje isikhathi sisaqhubeka, noma umhlaba usamile, noma nje kuse khona umuntu oyedwa ebusweni bawo ukuthi asindiswe na?

“Bhekani ngithi kini, Cha; ngokuba kungokholo ukuthi izingelosi zivele futhi zisebenzele abantu. …

“Ngokuba bhekani, zingaphansi kwakhe [uKristu], ukuthi zisebenze ngokwezwi lokuyala kwakhe, zizibonakalisa kulabo abanokholo oluqinile kanye nengqondo egxilile kulo lonke uhlobo lobunkulunkulu.”9

Ngicela wonke umuntu ozwa izwi lami abe nokukhuthazeka, agcwale ukholo, futhi akhumbule ukuthi iNkosi yathi “izolwa izimpi [zethu], izimpi zabantwana [bethu], kanye [nezimpi] zabantwana babantwana [bethu].”10 Thina yikuphi esikwenzayo ukufanelwa ukuvikelwa okunje? Kufanele “[si]fune ngokukhuthala, [si]khuleke njalo, futhi [si]kholwe[. Emva kwalokho] zonke izinto ziyosebenzelana kube ngokuhle [kithi], uma [si]hamba ngobuqotho futhi [si]khumbula isivumelwano [esi]vumelane ngaso omunye komunye.”11 Izinsuku zokugcina akuzona izikhathi zokwesaba nokuthuka. Ziyisikhathisokukholwa nokukhumbula izivumelwano zethu.

Ngikhulume lana ngosizo oluvela ezulwini, ngezingelosi ezithunyelwayo kithi ngesikathi sokweswela. Kepha uma sikhuluma ngalabo abathunywa nguNkulunkulu, siyakhunjuzwa ukuthi akuzona zonke izingelosi eziphuma ngale kwesihenqo. Ezinye sihamba nazo futhi sikhulume nazo—lapha, manje, zonke izinsuku. Ezinye zihlala emphakathini wethu. Ezinye zasizala, futhi maqondana nami, eyodwa yavuma ukungigana. Nangempela, izulu libukeka liseduzane uma sibona uthando lukaNkulunkulu luziveza ngobumnene ngokuzinikela kwabantu abalungile nabamsulwa kangokokuthi igama elithi ingelosi yilo lodwa elifika emqondweni. Igosa uJames Dunn, kuleli pulpiti isikhashana nje esidlule, usebenzise lelo gama emkhulekweni wakhe ukuchaza ikwaya laBantwana—futhi kungani engeke alisebenzise lelo gama? Sisagcwele umoya, ubuso, namazwi alabantwana ezingqondweni zethu, ngicela ukunixoxela indaba yomngani wami engangisebenza naye eBYU, uClyn D. Barrus osedlulile emhlabeni. Ngikwenza lokhu ngemvumo yomkakhe, uMarilyn, nomndeni wabo.

Ekhuluma ngokukhula kwakhe epulazini elikhulu e-Idaho, uMfowethu uBarrus wakhuluma ngomsebenzi wakhe wasebusuku wokuqoqa izinkomo ngesikhathi sokuzisenga. Ngoba izinkomo zazidla ensimini eyayiseduzane noMfula iTeton, umthetho owawuqinile ekhaya lakwa Barrus wawuthi ngesikhathi sezikhukhula abantwana kwakungamele belandele izinkomo ezaziwela umfula. Kwakumele njalo bebuyele ekhaya bezocela usizo lomuntu omdala.

Ngomgqibelo mumbe emuva kokugubha unyaka wesikhombisa azalwa, abazali bamfowethu uBarrus bathembisa umndeni ukuchitha ubusuku kuyobukwa ibhayisikobho uma imisebenzi yasekhaya yenziwe ngesikhathi. Kepha ngesikhathi uClyn owayesemncane efika emadleleni, izinkomo ayezifuna zase ziwele umfula, noma ngabe kwakuse yisikhathi sezikhukhula eziphezulu. Azi ukuthi ubusuku obabuyingqayizivele bokuyobuka ibhayisikobhu base busengcupheni, wakhetha ukuyozibhekela yena izinkomo, noma ayexwayisiwe kaningi ukuba angakwenzi lokho.

Ngesikhathi lo mfana oneminyaka eyisikhombisa eqhuba ihhashi lakhe elidala, uBanner, phansi emfudlaneni obandayo, nosheshayo, ikhanda lehhashi kwaba lukhuni ukuthi livele ngaphandle kwamanzi. Umuntu omdala ohleli ehhashini wayengaphepha, kepha ngenxa yeminyaka kamfowethu uBarrus esemncane, umfutho wamanzi wawumboza ngokuphelele ngaphandle kwesikhathi lapho ihhashi laliya ngaphambili izikhathi ezimbalwa, okwakuletha ikhanda likaClyn ngaphezulu kwamanzi ukuze akwazi ukuthola umoya.

Manje sengifunda amazwi kaMfowethu uBarrus:

“Kwathi uma uBanner ekugcineni egibela ngakolunye usebe lomfula, ngabona ukuthi impilo yami yase isengcupheni nokuthi ngangenze into embi kakhulu—ngangazi kahle ukuthi ngangingamlalelanga ubaba . “Ngabona ukuthi ngingazihlenga kuphela ngokuba ngibuyise izinkomo ekhaya ziphephile. Mhlawumbe uma kwakunjalo ubaba wayezongixolela. Kepha kwasekuhlwile, futhi ngangingazi kahle ukuthi ngangikuphi. Ngafikelwa wukuphelelwa yithemba. Ngangimanzi futhi ngigodola, ngidukile futhi ngisaba.

“Ngehla kuBanner omdala, ngazilahla phansi ngasezinyaweni zakhe, ngaqala ngakhala. Maphakathi nezibibithwane zokukhala, ngazama ukukhuleka, ngiphinda phinda amazwi kuBaba oseZulwini ngithi, ‘Ngiyaxolisa. Ngithethelele! Ngiyaxolisa. Ngithethelele!’

“Ngakhuleka isikhathi eside. Ngesikhathi ekugcineni ngibheka phezulu, ngabona ngamehlo ami ayegcwele izinyembezi umuntu owayembethe okumhlophe eza ngakimi. Ngisebumnyameni, nganginesiqiniseko sokuthi kwakuyingelosi eyayithunyelwe ukuzophendula imikhuleko yami. Anginyakazanga futhi angenzanga msindo ngesikhathi lo muntu eza nganeno, ngithuswa yilokhu engangikubona. Ngabe ngempela iNkosi yayingathumela ingelosi kimi, ihlongandlebe elinjena?

“Emva kwalokho ngezwa izwi engangilijwayele lithi, ‘Ndodana, kade ngikubheka.’ Ebumnyameni ngalizwa izwi likababa ngagijimela ezingalweni zakhe ayezilulile. Wangibamba wangiqinisa, wase ethi ngobumnene, ‘Bengikhathazekile. Ngiyajabula ukuthi sengikutholile.’

‘Ngazama ukumtshela ukuthi ngangizisola kanjani, kepha amagama ayengahlangani yiwona aphuma ezindebeni zami ezaziqhaqhazela—‘Ngiyabonga … ubumnyama … saba … umfula … ngedwa.’ Kamuva ngalobo busuku ngaxoxelwa ukuthi kwathi uma ngingabuyi emadleleni, ubaba weza ukuzongibheka. Kwathi uma mina nezinkomo singatholakali, wazi ukuthi ngiwele umfula futhi ngangisengozini. Ngoba kwakumnyama futhi kwakuphuthuma, wakhumula izingubo zakhe kwasala ezangaphansi ezimhlophe, wabopha izicathulo zakhe emqaleni, wase ewela umfula onamandla ukuzosiza indodana eyayiphambukile.”12

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyafakaza ngezingelosi, ezasezulwini nezasemhlabeni. Ekwenzeni lokho ngifakaza ukuthi uNkulunkulu akasishiyi sisodwa futhi singenalo usizo ebunzimeni esibhekana nabo. “[futhi angeke], uma nje isikhathi sisaqhubeka, noma umhlaba usamile, noma nje kuse khona umuntu oyedwa [owesifazane noma umntwana] ebusweni bawo ukuthi asindiswe.”13 Ngezinye izikhathi, emhlabeni wonke noma kithi nje, singazizwa siqhelelene noNkulunkulu, sivalelekile ngaphandle kwezulu, sidukile, sisodwa ezindaweni ezimnyama nezithule. Kujwayelekile ukuthi le ngcindezi kube wukuthi idalwa yithina, kepha uBaba wethu sonke usibhekile futhi uyasisiza. Futhi kuhlezi kunalezo zingelosi ezizayo zisizungeze, ezibonakalayo nezingabonakali, ezaziwayo nezingaziwa, ezifayo nezingafi.

Sengathi sonke singakholwa, futhi sibe nokubonga okukhulu, ngezethembiso zeNkosi njengoba zibhaliwe embhalweni ongcwele othandwa nguMongameli Monson: “Ngiyohamba phambi kobuso benu. Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.”14 Ngesikhathi sikhulekela ukuba lezi zingelosi zihambe nathi, nathi sonke masizame ukuba njengazo—ngamazwi anombumnene, ingalo eqinile, ngokumemezela ukholo futhi “[ne]sivumelwano enivumelene ngaso omunye komunye.”15 Mhlawumbe nathi singaba yizithunywa ezithunywe nguNkulunkulu uma umuntu, mhlawumbe umntwana, ekhala ethi, “Ubumnyama … saba … umfula … ngedwa.” Lokhu ngiyakukhulekela egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.