For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Emva Kwalempilo: Izimpendulo Kweminye Imibuzo
For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoJulayi 2025


Umyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoJulayi 2025

Emva Kwale Mpilo

Izimpendulo Kweminye Imibuzo

Isu likaBaba oseZulwini lingasinika umbono nokuthula mayelana nempilo emva kokufa.

izitebhisi emafwini

Umfanekiso kaThomas Arnaud

Kwenzekani emva kokuba sife?

Lona mhlawumbe yiwona mbuzo kuzo zonke izinkolo. Izimpendulo esinazo ngoJesu Kristu nevangeli Lakhe zinamandla. Lempilo ayisiso isiphetho. Ngoba uJesu Kristu wavuka kwabafileyo, imimoya yethu izophinde ihlangane nemizimba yethu, futhi sonke sizovuka kwabafileyo ngelinye ilanga.

Yebo, kuneminye imininingwane ngempilo emva kokufa eye yafika kithi ngesambulo samanje esingaphendula eminye imibuzo esingaba nayo. Nansi eminye yemibuzo embalwa, kanye nezinye izimpendulo ezimfishane.

Injani imizimba yomoya?

Umoya uwuhlobo lwento ethintekayo nebonakalayo, kuphela “kucolekile noma kucwebe kakhulu” (IMfundiso neziVumelwano 131:7). Imizimba yomoya ibukeka njengemizimba yomuntu omdala.

Likuphi izwe lemimoya na?

Likhona lapha, lisizungezile.

Kwenzekani ezweni lemimoya na?

Phakathi kokunye, imimoya eyamukele ivangeli iyahlelwa ukushumayela ivangeli kweminye imimoya engazange ilamukele ivangeli. Leyo mimoya ingakhetha ukulemukela noma ukulenqaba.

Injani imizimba evuke kwabafileyo?

Imizimba evukile kwabafileyo ayinakufa, iyinyama namathambo, futhi ayinabo ubuthakathaka. Iyakhazimula futhi mihle. “Ayikho into enhle esingayibona njengendoda noma owesifazane ovusiwe kwabafileyo.”

Kwenzekani embusweni wesilestiyali?

Labo abasezingeni eliphezulu lombuso wesilestiyali bafana noBaba wethu oseZulwini futhi bathola injabulo epheleleyo. Bathola konke lokho uBaba anakho. Babamba iqhaza emsebenzini nasenkazimulweni Yakhe. Baboshelwa ingunaphakade emshadweni futhi manje sebephila emindenini yaphakade, benabantwana babo bemimoya.

Kuthiwani ngabantu abangakaze bashade kulempilo?

UBaba oseZulwini ulungile ngokuphelele futhi unesihawu. “INkosi ithembisile ukuthi ephakadeni akukho sibusiso esiyonqatshelwa amadodana namadodakazi akhe agcina imiyalelo, athembekile ezivumelwaneni zawo, futhi afisa lokho okulungileyo.”

Abazali bami babopha ethempelini, kodwa manje bahlukanisile. Ngibophe kubani mina?

Kungenzeka ukuthi “uzalelwe esivumelwaneni” (okungukuthi, wazalwa ngemva kokuba abazali bakho bebophile ethempelini), noma kungenzeka ukuthi wabophelwaa kubazali bakho ethempelini ngemva kokuba sebebophile omunye komunye. Kulezimo zombili, izibusiso zakho zihlala zisebenza ngisho noma abazali bakho bekhetha ukuhlukana futhi kwesulwe nokubopha kwabo.

Izinqumo zabazali bakho azizithinti izibusiso zakho. Okubalulekile ukuthi wena uhlezi wethembekile futhi uzifunele izibusiso zethempeli ngokwakho. Mayelana nobudlelwane bomndeni wakho, kufanele “uthembele eNkosini futhi ufune induduzo Yayo,” wazi ukuthi “uBaba oseZulwini uzoqinisekisa ukuthi umuntu ngamunye uthola zonke izibusiso ezivunyelwa yizifiso kanye nokukhetha kwakhe.”

Kwenzekani kubantu abafa ngokuzibulala?

Asazi ukuthi kwenzekani kubantu abafa ngokuzibulala, futhi asikwazi ukubahlulela (njengabo bonke abantu, ekugcineni). “Naphezu kwemizamo emihle kakhulu yabathandekayo, abaholi, nezingcweti, ukuzibulala akugwemeki ngaso sonke isikhathi. …

“Akulungile ukuthi umuntu athathe impilo yakhe. Nokho, uNkulunkulu kuphela okwazi ukwahlulela imicabango yomuntu, izenzo, kanye nezinga lokuziphendulela (bheka 1 Samuweli 16:17; IMfundiso neziVumelwano 137:9). …

“Labo abalahlekelwe othandiweyo ngokuzibulala bangathola ithemba kanye nokusinda kuJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe.”

Amanothi

  1. Bheka u-Etere 3:16; Teachings of Presidents of the Church: Joseph F. Smith (1998), 131–32.

  2. Bheka ku Teachings of Presidents of the Church: Brigham Young (1997), 279.

  3. Bheka IMfundiso neZivumelwano 138.

  4. Bheka u-Alima 11:45.

  5. Bheka NgokukaLuka 24:39.

  6. Bheka u-Alima 11:43.

  7. ULorenzo Snow, The Teachings of Lorenzo Snow, ed. UClyde J. Williams (1996), 99.

  8. Bheka uMose 1:39.

  9. Bheka iHubo 16:11; 3 Nefi 28:10; IMfundiso neziVumelwano 76:59, 62; 130:2; 132:19–23.

  10. UDallin H. Oaks, Oct. 1993 general conference (iEnsign, ngoNov. 1993, 75).

  11. Bheka General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 38.4.2.8 , Umtapo woLwazi weVangeli.

  12. General Handbook, 38.4.2, Umtapo woLwazi weVangeli.

  13. General Handbook, 38.6.20 , Umtapo woLwazi weVangeli.