Umyalezo waNyangazonke wephephabhuku For the Strength of Youth(Okwakha Intsha) ngoJanuwari 2025
Bheka kuKristu
IMfundiso neziVumelwano 6:36
Indikimba Yentsha yango-2025 izokusiza ukhethe ukuthemba ngaphezu kokungabaza nokholo ngaphezu kokwesaba.
UKailey oneminyaka eyi-17 wayekwiqembu le-cheerleading kwaze kwaba nengozi eyadala umonakalo obuhlungu engqondweni. Ukululama kwakhe kwamvimba ukuyeni esikoleni futhi wazizwa evalelekile futhi enomzwangedwa. Wazabalaza ngokwemizwa futhi wangazi nokuthi alubheke kuphi usizo. Umngani waphakamisa ukuthi ake alalele abafundisi bevangeli. Bamfundisa ngeNhlawulo kaJesu Kristu. Ukufunda kabanzi ngoKristu kwamnika ithemba, futhi wezwa engathi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uxhumana naye.
UKailey watshela umama wakhe, “Angikaze ngizwe ukuthi Unkulunkulu uyangithanda. Kodwa manje Ngiyazi Uyangithanda.”
Umama wakhe, uMichelle, waba nokumangala okuncane. Yena nomkhwenyana wakhe, uBrock, bashiya iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ngenkathi uKailey eniminyaka eyisikhombisa ngenxa yemibuzo eyahlukene, ukungabaza, nokukhathazeka. Bazicabangela ukuthi indodakazi yabo izojabula kakhulu ngaphandle kwayo yonke imihlangano nemiyalelo. Abacabanganga ukuthi izinqumo zabo zazizovimbela uKailey ekuxhumaneni okusondele noNkulunkulu. Uma uMichelle noBrock bebuka indlela uKailey ayeshintshe ngayo, babona ukuthi sekunesikhathi eside bagcina ukusondelana noNkulunkulu, futhi babefuna ukuzizwa ngaleyondlela futhi.
Bahlangana nobhishophi wabo, futhi maduze umndeni, kanye nomfowabo kaKailey uBraeden, babuyela esontweni. Ukuzizwa besondelelene noNkulunkulu futhi bexhumana Naye kabusha—ikakhulukazi ngomthandazo—kwabuyisela ukholo lwabo. Ukubuyela esontweni akuxazululanga yonke imibuzo noma ukukhathazeka kwabo, kodwa baqonda ukuthi ukuba nokuxhumana okuqinile noNkulunkulu kwakubaluleke ngaphezu kokungakholwa kwabo.
Konke lokhu kuqale ngenkathi umngani—omusha njengawe—emema uKailey ukuba abheke kuKristu. Futhi wenza kanjalo!
UJesu Kristu wathi “Bhekani kimi ngayo yonke imicabango yenu; ningangabazi, ningesabi” (IMfundiso neziVumelwano 6:36). Lolu ugqozi olusekela iNdikimba Yentsha ka-2025. Sivumele sikwabele ukuthi ungakwazi kanjani ukukhetha ukuthemba ngaphezu kokungabaza nokholo ngaphezu kokwesaba ngokuBheka kuKristu:
Kwesokunxele kuya kwesokudla Sister Runia, President Freeman, Sister Spannaus
u-Tamara W. Runia
Uma ngizabalaza, kuyangisiza njalo ukucabanga uJesu Kristu elule izandla zakhe. Uma ngibheke kuYena, ngikhumbula amazwi eculo, “I will walk with Jesus (Ngizohamba noJesu)”: “Akasoze angishiya , noma sengiwa.”
U-Emily Belle Freeman
Uma ngifunda lendikimba yombhalo ongcwele, ngikhunjuzwa uPetru esolwandle laseGalile. Ekugxileni esivunguvungwini kwanyusa ukukwesaba nokungabaza kuye, okwamenza wacwila emagagasini esivunguvungu. Kodwa ukugxila kuMsindisi kwamvumela azuze into angakaze abenayo ngaphambilini: wahamba emanzini! Isimangaliso, ngempela. Yikuphi ongakuzuza ngenkathi ubheke kuYe na?
U-Andreya Munoz Spannaus
Uma ngiqala ngiba nokusaba, noma kungathiwa ngikuphi noma ngikusiphi isimo, ngiyaye ngamabomu ngicabange ngobudlelwane bami noNkulunkulu noJesu Kristu. Ngiyaphindaphinda engqondweni yami izikhathi eziningana: NGIYINDONDAKAZI KANKULUNKULU. Ngiyaqhubeka ukwenza lokho ngize ngiqale ukuzizwa ngcono. Kusebenza njalo!
Kwesokunxele kuya kwesokudla Brother Wilcox, President Lund, Brother Nelson
uBradley R. Wilcox
Zibuze ukuthi ubani okukhathalelayo futhi okuthanda kakhulu. Kungabe abazali bakho nabaholi beBandla? Kungabe abantu abasezinkundleni zokuxhumana okungenzeka uyinombolo nje kubona? Bheka kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Bayakukhathalela ngempela!
USteven J. Lund
Khumbula okhunjuzwa kona uma uphindaphinda izindikimba zeKhoramu yobuPristu buka-Aroni neyaMantombazane: Uyindodana noma indodakazi ethandiweyo kaNkulunkulu. Iba nethemba ukuthi uBaba wethu unecebo ngawe. Ukubheka kuKristu kusho ukubona ukuthi Inhlawulo Yakhe imaphakathi nendawo yalelo cebo.
UMichael T. Ringwood
Ukufunda imibhalo engcwele ukubheka kuye uKristu! Ukungabaza nokwesaba kuzishabalalela ngokwemvelo lapho sikhunjuzwa izimangaliso nezimfundiso zikaKristu. Sinenhlanhla yokufinyelela emazwini Akhe. Angena kuzo zonke izimo esidlula kuzo ezimpilweni zethu.
© 2025 ngu Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, January 2025. Zulu. 19615 783