Umuthi Wokuphila UMgani ngoJanuwari 2024, 26–27.
UMyalezo waNyangazonke UMngani, ngoJanuwari 2024
Umuthi Wokuphila
ULehi wayengumphrofethi. UNkulunkulu wamyalela ukuba athathe umndeni wakhe awuyise ezweni lesethembiso. Besahamba, waphupha ngomuthi omuhle. Sasibizwa ngomuthi wokuphila.
Umuthi wamila isithelo esimnandi esimhlophe. ULehi wazizwa ejabule kakhulu lapho esidla! Wafuna ukuba umndeni wakhe usizame nawo.
ULehi wabona futhi induku yensimbi eyayiholela emuthini wokuphila. Abantu babambelela endukwini ukuze bafike emuthini badle isithelo.
Umuthi ephusheni likaLehi ufana nothando lukaNkulunkulu. Induku ifana nemibhalo engcwele. Uma sifunda imibhalo engcwele, sisondela kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu.
Ikhasi lokufaka Imibala
ImiBhalo eNgcwele Ifundisa ngoJesu
Umfanekiso ngu-Adam Koford
Iyiphi indaba oyithanda kakhulu ngoJesu Kristu?
©2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Kucindezelwe eMelika. Ukugunyazwa kweSingisi: 6/19. Ukugunyazwa kokuhumusha: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, January 2024. Language. 19273 783