uJesu Kristu
UKristu oPhilayo


UKristu oPhilayo

UbuFakazi BabaPhostoli

Njengoba sikhumbula ukuzalwa kukaJesu Kristu iminyaka eyizinkulungwane ezimbili eyedlula, sinika ubufakazi bethu ngobukhona ngempela bempilo yakhe engenakulinganiswa namandla angapheliyo omhlatshelo Wakhe omkhulu ohlawulayo. Akukho muntu oseke waba nomthelela omkhulu kangaka kubo bonke asebeke baphila nalabo abasazophila kulomhlaba.

WayenguJehova oMkhulu weTestamente eliDala, uMesiya weliSha. Ngokuyalwa nguYise, wayengumdali womhlaba. “Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo” (ngokukaJohane 1:3). Nakuba engenasono, wabhabhadiswa ukugcwalisa konke ukulunga. “Wahamba enza umusa” (IzEnzo 10:38), kodwa bamdelela ngalokho. Ivangeli Lakhe lalingumyalezo wokuthula noxolo. Wabanxusa bonke ukuba balandele isibonelo Sakhe. Wahamba emigwaqeni yasePalestine lonke ephilisa abagulayo, enza izimpumputhe zibone, futhi evusa abafileyo. Wafundisa amaqiniso aphakade, ubuqiniso bempilo eyandulela eyasemhlabeni, inhloso yempilo yethu emhlabeni, nalokho amadodana namadodakazi kaNkulunkulu angaba yikho empilweni ezayo.

Wamisa isidlo esingcwele njengesikhumbuzo somhlatshelo Wakhe omkhulu ohlawulayo. Waboshwa futhi wabekwa icala lamanga, waboshwa ukwenelisa uquqaba, futhi wagwetshwa ngokufa esiphambanweni sendawo ethiwa yiKhalivari. Wanikela ngempilo Yakhe ukuhlawulela izono zaso sonke isintu. Waba yisipho esikhulu sabo bonke abayoke baphile emhlabeni.

Siyafakaza ngesizotha ukuthi impilo Yakhe, ebaluleke kakhulu emlandweni waso sonke isintu, ayizange iqale eBetlehema noma iphelele endaweni ethiwa yiKhalivari. Wayeyizibulo likaYise, iNdodana Ezelwe Yodwa enyameni, uMhlengi womhlaba.

Wavuka ethuneni “ukuba ngulibo lwabaleleyo” (Ⅰ kwabaseKorinte 15:20). NjengeNkosi eVukileyo, wavakashela labo ayebathandile empilweni. Wasebenza futhi phakathi “kwezinye izimvu” Zakhe (ngokukaJohane 10:16) eMelika yasemandulo. Esikhathini samanje, Yena noYise bavela kumfana uJoseph Smith, beqala okwakwethenjiswe kudala “uhlelo lokuphelela kwezikhathi” (kwabase-Efesu 1:10).

NgoKristu oPhilayo, umPhrofethi uJoseph wabhala ukuthi: “Amehlo [akhe] ayefana nelangabi lomlilo; izinwele zekhanda lakhe zazimhlophe njengeqhwa elicwebileyo; ubuso bakhe babukhazimula ngaphezulu kokukhanya kwelanga; futhi izwi lakhe lalinjenge nhlokomo yamanzi amaningi, ngisho izwi likaJehova, lithi:

“Ngiyisiqalo nesiphetho; nginguye ophilayo, nginguye owabulawa; ngingummeli wenu kuBaba” (Mf&V 110:3–4).

Ngaye umPhrofethi waphinde washo nokusho ukuthi: “Manje, emva kobufakazi obuningi osebunikiwe ngaye, nabu ubufakazi, ekugcineni kwako konke, esibunikayo ngaye: Ukuthi uyaphila!

“Ngokuba sambona, ngisho ngakwesokunene sikaNkulunkulu; futhi sezwa izwi lifakaza ukuthi uyiNdodana Ezelwe Yodwa kaBaba—

“Ukuthi ngaye, futhi ngendlela yakhe, futhi nangamasu akhe, imihlaba ikhona futhi yadalwa, nabantu bayo bangamadodana namadodakazi azelwe kuNkulunkulu” (Mf&V 76:22–24).

Sikusho nokusho ngamazwi esizotha ukuthi ubuphristi Bakhe neBandla Lakhe kubuyiselwe emhlabeni—“[kwa]khiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi” (kwabase-Efesu 2:20).

Siyafakaza ukuthi ngelinye ilanga uyobuya emhlabeni. “Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye” (u-Isaya 40:5). Uyakubusa njengeNkosi yamaKhosi futhi noMbusi wabaBusi, futhi onke amadolo ayakuguqa nezilimi ziyakukhuluma zidumise phambi Kwakhe. Umuntu ngamunye uyokwahlulelwa Nguye ngokwemisebenzi nangokwezifiso zezinhliziyo zethu.

Siyafakaza, njengabaPhostoli bakhe abagcotshiweyo ngokufanele—ukuthi uJesu unguKristu oPhilayo, iNdodana kaNkulunkulu engafiyo. UyiNkosi u-Imanuweli omkhulu, omileyo namhlanje ngasesandleni sokunene sikaYise. Ungukukhanya, ukuphila, nethemba lomhlaba. Indlela Yakhe yindlela eholela enjabulweni kulempilo nokuphila kwaphakade emhlabeni ozayo. Makabongwe uNkulunkulu ngesipho esingenakulinganiswa seNdodana Yakhe evela Kuye.

UbuMongameli bokuQala

Isithombe
ukusayina

NgoJanuwari 1, 2000

UmGwamanda wabaliShumi namBili

Isithombe
ukusayina
Isithombe
ukusayina