ImiBhalo eNgcwele
Umfanekiso Owesibili


Umfanekiso othathwe eNcwadini ka-Abrahama

Owesibili

Isithombe
Umfanekiso Owesibili

Incazelo

Umdwebo 1. IKolobe, okusho indalo yokuqala, eseduze kakhulu nesilestiyali, noma lapho kuhlala khona uNkulunkulu. Ngeyokuqala embusweni, futhi ngeyokugcina ngokuphathelene nokubalwa kwesikhathi. Ukubala ngokwesikhathi sesilestiyali, leso sikhathi sesilestiyali esisho usuku olulodwa olulingana nobude bengalo. Usuku olulodwa kuyo iKolobe lulingana neminyaka eyinkulungwane ngokubala kwalomhlaba, okubizwa ngabaseGibithe ngeJah-oh-eh.

Umdwebo 2. Ime eduze kweKolobe, ibizwa ngabaseGibithe ngokuthi yi-Oliblishi, okungenye indalo enkulu ebusayo eduze nesilestiyali noma indawo lapho kuhlala khona uNkulunkulu; futhi ephethe ukhiye wamandla, ngokuphathelene namanye amaplanethi; njengoba embulwa nguNkulunkulu ku-Abrahama, ngesikhathi enza umnikelo kwi-altare, ewenzela iNkosi.

Umdwebo 3. Wenzelwe ukukhombisa uNkulunkulu, ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, embethe amandla negunya; enomqhele wokukhanya kwaphakade ekhanda lakhe; futhi kukhombisa amagama amaKhulu obuPhristi obuNgcwele, njengoba embulelwa u-Adamu eNsimini yase-Edene, ngokunjalo nakuSeti, uNowa, uMelkisedeki, u-Abrahama, nakubo bonke okwembulwa kubo ubuPhristi.

Umdwebo 4. Uhambisana negama lesiHebheru elithi Rawukiyangi, elikhombisa isibhakabhaka, noma umkhathi wamazulu; futhi wuphawu olukhombisa inombolo, ngesiGibithe olukhombisa inkulungwane eyodwa; oluhambisana nokubala isikhathi se-Oliblishi, elingana neKolobe kukho ukuzungeza kwayo nokubala kwayo isikhathi.

Umdwebo 5. Ibizwa ngesiGibithe ngokuthi yi-Enish-go-on-dosh; lena ngenye futhi yamaplanethi abusayo, futhi ibizwa ngabaseGibithe ngokuthi yiLanga, futhi ithola ukukhanya kwayo kuyo iKolobe ngosizo lweKae-evanrash, okunguKhiye omkhulu, noma, ngamanye amazwi, ngamandla abusayo, abusa amanye amaplanethi noma izinkanyezi eziyishumi nanhlanu ezime ndawonye, njengoba ebusa futhi i-Floeese noma iNyanga, uMhlaba neLanga kukho ukuzungeza kwako ngonyaka. Leplanethi ithola amandla ayo ngosizo lweKli-flos-is-es, noma ngeHah-ko-kau-beam, izinkanyezi ezikhonjiswe ngezinombolo 22 no 23, ezithola ukukhanya kukho ukuzungeza kweKolobe.

Umdwebo 6. Ukhombisa lomhlaba emagunjini awo amane.

Umdwebo 7. Ukhombisa uNkulunkulu ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, embula phakathi namazulu amagama amaKhulu obuPhristi; ngokunjalo nesibonakaliso sikaMoya oNgcwele ku-Abrahama, njengesimo sejuba.

Umdwebo 8. Uqukethe imibhalo engeke yambulwe emhlabeni; kodwa ingatholakala eThempelini eliNgcwele likaNkulunkulu.

Umdwebo 9. Akufanele wambulwe kulesi sikhathi samanje.

Umdwebo 10. Nawo futhi.

Umdwebo 11. Nawo futhi. Uma umhlaba ungazazi lezi zinombolo, makube njalo. Amen.

Imidwebo 12, 13, 14, 15, 16, 17, 18, 19, 20, no 21 iyokwembulwa ngesikhathi esifanele seNkosi.

Lokhu kuhunyushwa okungenhla kwenziwe kangangoba sinelungelo lokukwenza kulesi sikhathi samanje.