ImiBhalo eNgcwele
Abrahama 5


Isahluko 5

ONkulunkulu bayaluqeda uhlelo Lwabo lwendalo yazo zonke izinto—Benza iNdalo ngokwezinhlelo zabo—U-Adamu wetha zonke izidalwa eziphilayo.

1 Futhi sizowaqeda kanjalo-ke amazulu nomhlaba, nalo lonke uquqaba lwendalo.

2 Futhi oNkulunkulu bathi omunye komunye: Nge asikhathi sesikhombisa sizowuqeda umsebenzi wethu, esicebisane ngawo; futhi sizophumula ngesikhathi sesikhombisa emisebenzini yonke yethu esicebisane ngayo.

3 Futhi oNkulunkulu baqeda ngesikhathi sesikhombisa, ngokuba ngesikhathi sesikhombisa babezo aphumula emisebenzini yonke yabo (oNkulunkulu) abacebisana ngayo; futhi basi bngcwelisa leso sikhathi. Futhi zabanjalo-ke izinqumo zabo ngesikhathi becebisana ngokwenza amazulu nomhlaba.

4 Futhi oNkulunkulu behlela phansi bazenza lezi zizukulwane zamazulu nezomhlaba, ngesikhathi zenziwa ngosuku lapho oNkulunkulu benza umhlaba namazulu,

5 Ngokuphathelene nakho konke ababekushilo mayelana nazo zonke izitshalo zasendle angaphambi kokuba zibe semhlabeni, nayo yonke imifino yasendle ngaphambi kokuba ikhule; ngokuba oNkulunkulu babengakakwenzi ukuba line emhlabeni ngesikhathi becebisana ngokuzenza lezi zinto, futhi babengaka mbumbi umuntu owayezolima umhlabathi.

6 Kodwa kwaya phezulu inkungu isuka emhlabeni, futhi yamanzisa bonke ubuso bomhlabathi.

7 Futhi aoNkulunkulu babumba owesilisa ngo bthuli lomhlabathi, futhi bathatha cumoya wakhe (okungukuthi, umoya wowesilisa) futhi bawufaka kuye; futhi baphefumulela emakhaleni akhe umphefumulo wokuphila, futhi owesilisa waba ngu dmuntu ophilayo.

8 Futhi oNkulunkulu batshala insimu, ngasempumalanga ye-aEdene, futhi lapho bambeka owesilisa, umoya wakhe wakhe ababewufake emzimbeni ababewu bumbile.

9 Futhi emhlabathini benza oNkulunkulu ukuba kukhule yonke imithi emihle emehlweni futhi elungele ukudliwa; aumuthi wokuphila, nawo, phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

10 Kwakukhona umfula owawugobhoza usuka e-Edene, ukumanzisa insimu, kusuka ngaleso sikhathi wahlukaniswa waba nemithombo emine.

11 Futhi oNkulunkulu bamthatha owesilisa futhi bambeka eNsimini yase-Edene, ukuze ayilime futhi ayigcine.

12 Futhi oNkulunkulu bamyala owesilisa, bethi: Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokukhululeka,

13 Kodwa emthini wokwazi okuhle nokubi, awuyikudla kuwo; ngokuba ngesikhathi oyodla ngaso kuwo, uyokufa nokufa. Manje mina, u-Abrahama, ngabona ukuthi kwakunge asikhathi seNkosi, okwakungesikhathi senkanyezi biKolobe; ngokuba ngaleso sikhathi oNkulunkulu babengakamniki u-Adamu ukubala kwakhe isikhathi.

14 Futhi oNkulunkulu bathi: Masenzele owesilisa umsizi wakhe, ngokuba akukuhle ukuba owesilisa abe yedwa, ngakho-ke sizombumbela umsizi wakhe.

15 Futhi oNkulunkulu benza ubuthongo obukhulu ukuba behlele au-Adamu; futhi walala, futhi bathatha ubambo olulodwa ezimbanjeni zakhe, futhi bavala ngenyama esikhundleni salo;

16 Futhi ngobambo oNkulunkulu ababeluthathe kowesilisa, babumba aowesifazane, futhi bamletha kowesilisa.

17 Futhi u-Adamu wathi: Lona wayeyithambo lamathambo ami, nenyama yenyama yami; manje uyobizwa ngokuthi owesiFazane, ngokuba wathathwa kowesilisa;

18 Ngakho-ke owesilisa uyoshiya uyise nonina, futhi aanamathele kumfazi wakhe, futhi bayoba bnyamanye.

19 Futhi bobabili babehamba ze, owesilisa nomfazi wakhe, futhi babengena mahloni.

20 Futhi ngomhlabathi oNkulunkulu babumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zesibhakabhaka, futhi baziletha ku-Adamu ukuba abone ukuthi wayezozinika maphi amagama; futhi lelogama u-Adamu alinika konke okuphilayo, kwakuyofanele kube yigama lako.

21 Futhi u-Adamu wanika amagama kuyo yonke imfuyo, izinyoni zesibhakabhaka, kuzo zonke izilwane zasendle; futhi u-Adamu, wayesetholelwe umsizi wakhe.