ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 84


Isigaba 84

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 22 nangomhlaka 23 Septemba 1832. Ngesikhathi senyanga kaSeptemba, amagosa ayeseqalile ukubuya emisebenzini yawo yokufundisa ivangeli ezifundazweni zangasempumalanga futhi ayesenza imibiko ngemisebenzi yabo. Kwakungesikhathi bendawonye kulesi sikhathi senjabulo lapho kwatholakala khona lomyalezo olandelayo. UmPhrofethi wawubiza ngesambulo sobuphristi.

1–5, IJerusalema eNtsha nethempeli kuzokwakhiwa eMissouri; 6–17, Uhlanga lobuphristi kusuka kuMose kuya ku-Adamu luyanikwa; 18–25, Ubuphristi obukhulu buphethe ukhiye wolwazi ngoNkulunkulu; 26–32, Ubuphristi obuncane buphethe ukhiye wokusetshenzelwa yizingelosi nowevangeli lokulungiselela; 33–44, Amadoda afumana ukuphila okuphakade ngesifungo nangesivumelwano sobuphristi; 45–53, UMoya kaKristu ukhanyisela abantu, futhi umhlaba uhlezi esonweni; 54–61, AbaNgcwele kufanele bafakaze ngalezo zinto abazifumene; 62–76, Kufanele bashumayele ivangeli, futhi izibonakaliso zizolandela; 77–91, Amagosa kufanele ahambe ngaphandle kwesikhwama semali noma kwesikhwama, futhi iNkosi izozi gcwalisa izidingo zawo; 92–97, Izinkathazo neziqalekiso zilindele labo abenqaba ivangeli; 98–102, Iculo elisha lokuhlengwa kweSiyoni liyanikwa; 103–110, Wonke umuntu makame esikhundleni sakhe futhi asebenze obizweni lwakhe; 111–120, Izinceku zeNkosi kufanele zimemezele isinengiso sencithakalo ngezikhathi zokugcina.

1 Isambulo sikaJesu Kristu encekwini yakhe uJoseph Smith, omNcane, nakumagosa ayisithupha, ngesikhathi behlangene ngezinhliziyo futhi abephakamisela amaphimbo abo phezulu.

2 Yebo, izwi leNkosi ngokuphathelene nebandla layo, elimiswe ngezikhathi zokugcina ukuze akubuyiselwe abantu bayo, njengoba isikhulumile ngemilomo byabaphrofethi bayo, futhi ukuze kuqoqwe cabangcwele bayo bame phezu dkweNtaba iSiyoni, okuyoba wumuzi eweJerusalema eNtsha.

3 Umuzi lowo oyokwakhiwa, kusuka aesabelweni sethempeli, esibekwe ngomunwe weNkosi, ngasemingceleni engasentshonalanga yesiFundazwe saseMissouri, futhi sahlukaniselwa ngesandla sikaJoseph Smith, omNcane, nabanye iNkosi eyayithokoze kakhulu ngabo.

4 Ngiqinisile leli yizwi leNkosi, ukuthi umuzi aiJerusalema eNtsha uyokwakhiwa ngokubuthana kwabangcwele, kusuka kulendawo, ngisho indawo byethempeli, ithempeli lelo eliyomiswa kulesi sizukulwane.

5 Ngokuba ngiqinisile lesi sizukulwane ngeke sidlule sonke kuze kube indlu yakhelwa iNkosi, futhi nefu liyohlala phezu kwayo, ifu lelo eliyoba ngisho ayinkazimulo yeNkosi, eyogcwalisa leyondlu.

6 Futhi amadodana kaMose, ngokuvumelana nobuPhristi obuNgcwele abuthola ngaphansi akwesandla sikababezala wakhe, buJethiro;

7 Futhi uJethiro wabuthola ngaphansi kwesandla sikaKalebi;

8 Futhi uKalebi wabuthola ngaphansi kwesandla sika-Elihu;

9 Futhi u-Elihu ngaphansi kwesandla sikaJeremi;

10 Futhi uJeremi ngaphansi kwasandla sikaGadi;

11 Futhi uGadi ngaphansi kwesandla sika-Esayasi;

12 Futhi u-Esayasi wabuthola ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu.

13 U-Esayasi futhi wayephila ezinsukwini zika-Abrahama, futhi wabusiswa nguye—

14 aU-Abrahama lowo owathola ubuphristi ku bMelkisedeki, owabuthola ngozalo loyise, ngisho kuze kube ckuNowa;

15 Futhi kusuka kuNowa kuze kube aku-Enoke, ngozalo loyise;

16 Futhi kusuka ku-Enoke kuya aku-Abela, owabulawa bngozungu lomfowabo, cowabuthola ubuphristi ngemiyalelo kaNkulunkulu, ngesandla sikayise du-Adamu, owaye ngumuntu wokuqala—

17 aUbuphristi lobo obuqhubekayo ebandleni likaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane, futhi abunasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka.

18 Futhi iNkosi yamisa aubuphristi futhi phezu kuka-bAroni nenzalo yakhe, kuzo zonke izizukulwane zabo, ubuphristi lobo obuqhubekayo futhi cbuhlezi ingunaphakade nobuphristi obufanayo obungokohlelo olungcwele kakhulu lukaNkulunkulu.

19 Futhi lobu buphristi obukhulu buphethe ivangeli futhi buphethe nesikhiye asezimfihlakalo zombuso, ngisho isikhiye bsokwazi ngoNkulunkulu.

20 Ngakho-ke, aezimisweni zabo, amandla obunkulunkulu ayembulwa.

21 Futhi ngaphandle kwezimiso zabo, anegunya lobuphristi, amandla obunkulunkulu awembulwa kubantu enyameni;

22 Ngokuba ngaphandle kwalokhu aakukho muntu ongabona ubuso bukaNkulunkulu, ngisho uBaba, futhi aphile.

23 Manje lokhu auMose wakufundisa ngokucacile kubantwana bakwa-Israyeli ehlane, futhi wafuna ngokukhuthala bukungcwelisa abantu bakhe ukuze cbabone ubuso bukaNkulunkulu;

24 Kodwa abaqinisa izinhliziyo zabo futhi abakwazanga ukubekezelela ukuba phambi kwakhe; ngakho-ke, iNkosi bolakeni lwayo, ngokuba intukuthelo yayo yokheleka ngokumelene nabo, yafunga ukuthi abayiku cngena ekuphumuleni kwayo besese hlane, ukuphumula lokho okunguku phelela konke kwenkazimulo yayo.

25 Ngakho-ke, yamthatha auMose yamkhipha phakathi kwabo, ngokunjalo bnobuPhristi obuNgcwele;

26 Futhi aubuphristi obuncane baqhubeka, ubuphristi lobo obuphethe bukhiye cwokusetshenzelwa yizingelosi nowevangeli lokulungiselela;

27 Ivangeli lelo okuyivangeli alokuphenduka neloku bbhabhadiswa, nelo ckususwa kwezono, futhi dnomthetho ewemiyalelo wenyama, iNkosi olakeni lwayo eyawenza ukuba uqhubeke unakekelwe yindlu ka-Aroni phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kwaze kwafika fkuJohane, owavuswa nguNkulunkulu, gegcwaliswe ngoMoya oNgcwele kwasesi zalweni sikanina.

28 Ngokuba wabhabhadiswa ngesikhathi esese buntwaneni bakhe, futhi wagcotshwa yingelosi kaNkulunkulu ngesikhathi enezinsuku eziyisishiyagalombili ubudala kulamandla, ukuze achithe umbuso wamaJuda, futhi ukuze aenze imikhondo yeNkosi iqonde phambi kobuso babantu bakhe, futhi nokubalungiselela ukuza kweNkosi, ezandleni zayo okunikwe bwonke amandla.

29 Futhi phezu kwalokho, izikhundla zobugosa nobhishobhi aziyizijobelelo ezidingekile ezihlangene nobuphristi obukhulu.

30 Futhi phezu kwalokho, izikhundla zomfundisi nesedikoni ziyizijobelelo ezidingekile ezihlangene nobuphristi obuncane, ubuphristi lobo obaqiniswa ku-Aroni namadodana akhe.

31 Ngakho-ke, njengoba ngishilo ngokuphathelene namadodana kaMose—ngokuba amadodana kaMose namadodana ka-Aroni ayonikela aumnikelo nomhlatshelo omukelekayo endlini yeNkosi, indlu leyo eyokwakhelwa iNkosi kulesi sizukulwane, phezu bkwebala elingcwelisiwe njengoba ngishilo—

32 Futhi amadodana kaMose namadodana ka-Aroni ayogcwaliswa nge ankazimulo yeNkosi, phezu kwe bNtaba iSiyoni endlini yeNkosi, nina eningamadodana abo; futhi nabaningi engibabizile futhi ngabathuma ukuyokwakha cibandla lami.

33 Ngokuba noma ubani aothembekileyo ukuze afumane lobu bbuphristi obubili engikhulume ngabo, futhi nabakhulisa ubizo lwabo, baya cngcweliswa ngoMoya ngokwanele ukuba kwenziwa busha imizimba yabo.

34 Baba ngamadodana kaMose namadodana ka-Aroni futhi anenzalo ka-bAbrahama, nebandla nombuso, naba ckhethiweyo baNkulunkulu.

35 Futhi phezu kwalokho bonke labo abemukela lobu buphristi bemukela mina, kusho iNkosi;

36 Ngokuba lowo owemukela izinceku zami awemukela mina;

37 Futhi lowo aowemukela mina wemukela uBaba;

38 Futhi lowo owemukela uBaba wemukela umbuso kaBaba; ngakho-ke akonke lokho uBaba anakho uyonikwa kona.

39 Futhi lokhu kuhambisana anesifungo nesivumelwano esihlangene nobuphristi.

40 Ngakho-ke, bonke labo abemukela lobu buphristi, bemukela lesi sifungo nesivumelwano sikaBaba, angeke asephule, futhi esingeke sisuswe.

41 Kodwa lowo aophula lesi sivumelwano emva kokusemukela, futhi asilahle impela, bakasoze axolelwe izono kulomhlaba noma emhlabeni ozayo.

42 Futhi maye kubo bonke labo abangezi kulobu buphristi esenibemukele, engibuqinisayo manje phezu kwenu enikhona namhlanje, ngezwi lami uqobo liphuma emazulwini; futhi senginike ngisho uquqaba lwasezulwini nezami aizingelosi isiyalezo ngokuphathelene nani.

43 Futhi manje sengininika umyalelo wokuthi niziqaphele, wokuthi aninake ngokukhuthala amazwi okuphila okuphakade.

44 Ngokuba aniyophila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

45 Ngokuba aizwi leNkosi liyiqiniso, futhi noma yini beyiqiniso ingukukhanya, futhi noma yini engukukhanya inguMoya, ngisho uMoya kaJesu Kristu.

46 Futhi uMoya unika aukukhanya kuwo bwonke umuntu oza emhlabeni; futhi uMoya ukhanyisela wonke umuntu emhlabeni, olilalelayo izwi likaMoya.

47 Futhi wonke umuntu olilalelayo izwi likaMoya uza kuNkulunkulu, ngisho uBaba.

48 Futhi uBaba aumfundisa bisivumelwano asivuselelile futhi wasiqinisa phezu kwenu, esiqiniswe phezu kwenu ukuze nizuze ngaso, futhi hhayi ukuze kuzuze nina kuphela, kodwa ukuze kuzuze umhlaba wonke.

49 Futhi aumhlaba wonke uhleli esonweni, futhi ububula ngaphansi ko bbumnyama nangaphansi kwesibopho sesono.

50 Futhi ngalokhu ningazi ukuthi bangaphansi akwesibopho bsesono, ngokuba abezi kimi.

51 Ngokuba lowo ongezi kimi ungaphansi kwesibopho sesono.

52 Futhi lowo ongalemukeli izwi lami akalazi aizwi lami, futhi akasiye owami.

53 Futhi ngalokhu ningabazi abalungile kwababi, futhi nokuthi wonke aumhlaba bububula ngaphansi ckwesono nobumnyama ngisho manje.

54 Futhi izingqondo zenu ngesikhathi esedlule zifiphaziwe ngenxa ayokungakholwa, futhi ngokuba anizihloniphanga izinto eninikwe zona—

55 Lobo abuze nokungakholwa okwenze ibandla lonke libekwe icala.

56 Futhi lokhu kubekwa icala kuhleli phezu kwabantwana baseSiyoni, ngisho bonke.

57 Futhi bayoba ngaphansi kwalokhu kubekwa icala baze baphenduke futhi bakhumbule aisivumelwano esisha, ngisho biNcwadi kaMormoni nemiyalelo cyaphambilini engibanike yona, hhayi ukusho kuphela, kodwa dukwenza njengoba ngibhalile—

58 Ukuze baveze izithelo ezifanele zombuso kaYise; kungenjalo kusele isijeziso nokwahlulelwa okuzothululwa phezu kwabantwana baseSiyoni.

59 Ngokuba ngabe abantwana bombuso bazokonakalisa izwe lami elingcwele na? Ngiqinisile, ngithi kini, Cha.

60 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini eniwezwayo manje aamazwi ami, ayiphimbo lami, nibusisiwe kangangoba nizemukela lezi zinto;

61 Ngokuba angizonithethelela izono zenu ngalomyalelo—ukuthi nihlale nibambelele ezinqondweni zenu bngesizotha futhi nangomoya wokukhuleka, ukufakaza kuwo wonke umhlaba ngalezo zinto ezikhulunywa kini.

62 Ngakho-ke, ahambani niye kuwo wonke umhlaba; futhi nakunoma iyiphi indawo eningakwazi ukuya kuyo niyothumela, ukuze ubufakazi buhambe busuka kini buye kuwo wonke umhlaba kuzo zonke izidalwa.

63 Futhi njengoba ngasho kubaphostoli bami, kanjalo-ke ngithi nakini, ngokuba aningabaphostoli bami, ngisho abaphristi abakhulu baNkulunkulu; niyibo labo uBaba wami bangiphe bona; ninga cbahlobo bami;

64 Ngakho-ke, njengoba ngasho kubaphostoli bami ngithi nakini futhi, wonke aumuntu bokholwa emazwini enu, futhi ebhabhadiswa ngamanzi ukuze cathethelelwe izono, uyofumana duMoya oNgcwele.

65 Futhi lezi azibonakaliso ziyobalandela labo abakholwayo—

66 Egameni lami bayokwenza aimisebenzi eminingi emangalisayo;

67 aEgameni lami bayokhipha odeveli;

68 Egameni lami abayophilisa abagulayo;

69 Egameni lami bayovula amehlo ezimpumputhe, futhi bavule izindlebe zabangezwa;

70 Futhi ulimi lwesithuli luyokhuluma;

71 Futhi uma kukhona umuntu oyobanika aubuthi ngeke bubalimaze;

72 Futhi ubuthi benyoka ngeke bube namandla okubalimaza.

73 Kodwa umyalelo ngibanika wona, wokuthi abangazikhukhumezi ngalezi zinto, bangazikhulumi phambi komhlaba; ngokuba lezi zinto zinikwe kini ukuze nizuze futhi ukuze nisindiswe.

74 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, labo abangakholwa emazwini enu, futhi abanga abhabhadiswa ngamanzi egameni lami, ukuze bathethelelwe izono zabo, ukuze bafumane uMoya oNgcwele, bayoba bngaphansi kwamandla kaSathane, futhi ngeke beze embusweni kaBaba lapho uBaba nami sikhona.

75 Futhi lesi sambulo kini, nalomyalelo, kusebenza kusuka ngalelihora emhlabeni wonke, futhi ivangeli liya kubo bonke abangakalitholi.

76 Kodwa, ngiqinisile ngithi kubo bonke labo okunikwe kubo umbuso—kusuka kini kufanele lishunyayelwe kubo, ukuze baphenduke emisebenzini yabo emibi yaphambilini; ngokuba kufanele basolwe ngezinhliziyo zabo ezimbi zokungakholwa, nabazalwane benu eSiyoni ngokunivukela ngesikhathi nginithumele.

77 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, bahlobo bami, ngokuba kusuka manje ngizonibiza ngabahlobo, kufanele ukuba ngininike lomyalelo, wokuthi nibe ngisho njengabahlobo bami ezinsukwini ngesikhathi nganginabo, ngihambela ukuyoshumayela ivangeli ngamandla ami;

78 Ngokuba angibavumelanga ukuba babe anesikhwama noma iyika, noma amabhantshi amabili.

79 Bhekani, nginithumele ukuvivinya umhlaba, futhi isisebenzi sifanelwe ayinkokhelo yaso.

80 Futhi noma yimuphi umuntu oyohamba futhi aashumayele blelivangeli lombuso, ongehluleki ukuqhubeka athembeke ezintweni zonke, ngeke akhathale enqondweni, noma afiphale, noma emzimbeni, isitho, noma amalunga; cnonwele lwekhanda lakhe ngeke luwele phansi lungaziwanga. Futhi ngeke balambe, noma bome.

81 Ngakho-ke, aningakhathazeki ngengomuso, ukuthi niyodlani, noma niyophuzani, noma niyokwembathani.

82 Ngokuba, bhekani iminduze yasendle, ukuthi imila kanjani, ayikhandleki, ayiphothi; futhi imibuso yomhlaba, kubo bonke ubukhazikhazi bayo, ayimbathisiwe njengomunye wayo.

83 Ngokuba auYihlo, osezulwini, buyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

84 Ngakho-ke, ingomuso amalikhathalele okwalo.

85 Futhi ningakhathazeki ngaphambili ngokuthi aniyothini; kodwa bgcinani nilondoloze ezingqondweni zenu njalonjalo amazwi okuphila, futhi cniyonikwa ngalelo hora leyongxenye eyohlukaniselwa wonke umuntu.

86 Ngakho-ke, makungabi bikho muntu phakathi kwenu, ngokuba lomyalelo ungowabo bonke aabathembekile ababizwe nguNkulunkulu ebandleni ebufundisini, kusukela ngalelihora abathatha isikhwama noma iyika, labo abahamba ukuyoshumayela leli vangeli lombuso.

87 Bhekani, anginithumela ukuba niqondise umhlaba kuzo zonke izenzo zawo zokungalungi, futhi nibafundise ngokwahlulela okuzayo.

88 Futhi lowo aonemukelayo, lapho ngiyoba khona nami, ngokuba ngiyohamba phambi kobuso benu. Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi bizingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.

89 Onemukelayo wemukela mina; futhi lowo uzonipha ukudla, futhi anembathise, futhi aniphe imali.

90 Futhi lowo onipha ukudla, noma onembathisayo, noma onipha imali, kasoze aalahlekelwa umvuzo wakhe.

91 Futhi lowo ongazenzi lezi zinto akasiye umfundi wami; ngalokhu niyobazi aabafundi bami.

92 Lowo onganemukeli, sukani kuye, futhi anihlanze izinyawo zenu ngisho nangamanzi, amanzi acwebileyo, noma kushisa noma kubanda, futhi nifakaze ngakho kuYihlo osezulwini, futhi ningaphindeli futhi kulowomuntu.

93 Futhi kunoma yisiphi isigodi noma idolobha eningena kulo, yenzani kanjalo.

94 Nokho, funani ngokukhuthala futhi ningazibambi; futhi maye kulowo muzi, noma kulesosigodi noma kulelo dolobha elinenqabayo, noma amazwi enu, noma ubufakazi benu ngokuphathelene nami.

95 Ngithi futhi, maye kulowomuzi, noma kulesosigodi noma kulelo dolobha elinenqabayo, noma amazwi enu, noma ubufakazi benu ngami;

96 Ngokuba mina, aMninimandla Onke, ngibeke izandla zami phezu kwezizwe zonke, bukubajezisa ngenxa cyobubi babo.

97 Futhi izinhlupho ziyothunyelwa, futhi ngeke zithathwe emhlabeni kuze kube ngiwuqedile umsebenzi wami, aoyofinyezwa ngokulunga—

98 Kuze kube bonke bayongazi, abasele, kusukela komncane kuze kufike komkhulu, futhi bayogcwaliswa ngokuyazi iNkosi, futhi bayo abona iso neso, futhi bayoliphakamisa iphimbo labo, futhi ngephimbo kanyekanye bbahlabelele leliculo elisha, bethi:

99 INkosi iyibuyisile futhi iSiyoni;INkosi aibahlengile abantu bayo, bu-Israyeli,Ngoku ckhethwa dngomusa,Okwafezwa ngokholoeNesivumelwano soyise.

100 INkosi ibahlengile abantu bayo;Futhi uSathane auboshiwe futhi isikhathi asisekho.INkosi ihlanganise zonke izinto bndawonye.INkosi yehlisele phansi ciSiyoni isuka phezulu.INkosi dyenyusele phezulu iSiyoni isuka phansi.

101 aUmhlaba ube nemihelo futhi wazala amandla awo;Futhi neqiniso limisiwe ezibilini akhe;Futhi namazulu awumamathekele;Futhi wembathiswe bngenkazimulo kaNkulunkulu wawo;Ngokuba yena ume phakathi kwabantu bakhe.

102 Inkazimulo, nodumo, namandla, nokunqoba,Makubuyiselwe kuNkulunkulu wethu; ngokuba ugcwele aububele,Ukulunga, umusa neqiniso, bnokuthula,Phakade naphakade, Amen.

103 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, kufanele ukuthi wonke umuntu ohamba ukuyoshumayela ivangeli lami laphakade, ukuthi kangangoba benemindeni, futhi bethola imali ngesipho, ukuthi mabayithumele kubo noma bayisebenzise ukuba bazuze, njengoba iNkosi iyobabonisa, ngokuba ngalendlela kubukeka kukuhle kimi.

104 Futhi bonke labo abangenayo imindeni, abathola aimali, mabayithumele phezulu kumbhishobhi eSiyoni, noma kumbhishobhi e-Ohio, ukuze ingcweliselwe ukuveza izambulo nokucindezelwa kwazo, nokumiswa kweSiyoni.

105 Futhi uma kukhona oyopha omunye wenu ibhantshi, noma isudi, thatha endala uyiphe aabampofu, futhi uhambe ngendlela yakho uthokoze.

106 Futhi uma kukhona umuntu phakathi kwenu onamandla eMoyeni, amakathathe lowo obuthakathaka ahambe naye, ukuze akheke bngobumnene bonke, ukuze naye abe namandla.

107 Ngakho-ke, thathani labo abagcotshwe angobuphristi obuncane, nibathumele ngaphambi kokuza kwenu ukuba bayohlela izikhathi zokubonana, futhi nokuba balungise indlela, futhi bagcine izikhathi zokubonana ezihleliwe nina eningakwazanga ukuzigcina.

108 Bhekani, yiyo lendlela abaphostoli bami, basendulo, abangakhela ngayo ibandla.

109 Ngakho-ke, wonke umuntu makame esikhundleni sakhe, futhi asebenze obizweni lwakhe; futhi ikhanda malingasho ezinyaweni ukuthi alizidingi izinyawo; ngokuba ngaphandle kwezinyawo umzimba ungakwazi kanjani ukuma na?

110 Futhi umzimba unesidingo sawo wonke amanye aamalungu, ukuze wonke akhane ndawonye, ukuze uhlelo lugcinwe luphelele.

111 Futhi bhekani, aabaphristi abakhulu kufanele bahambe, futhi ngokunjalo namagosa, futhi ngokunjalo bnabaphristi abancane; kodwa camadikoni dnabafundisi kufanele babekwe eukubheka ibandla, ukuba babe abefundisi abangahambi bebandla.

112 Futhi umbhishobhi, uNewel K. Whitney, naye kufanele ahambe ndawo zonke futhi phakathi kwawo wonke amabandla, efuna abampofu ukuba aabaphe ngokwezimfuno zabo bngokuthobisa abacebileyo nabazazisayo.

113 Kufanele futhi aqashe aumphatheli ukuze aphathe futhi ukuze amenzele umsebenzi wakhe wasemhlabeni njengokuba eyomkhombisa.

114 Nokho, umbhishobhi makahambe aye edolobheni laseNew York, nasedolobheni lase-Albany, futhi nasedolobheni laseBoston, futhi exwayise abantu balawo madolobha ngomsindo wevangeli, ngezwi elikhulu, angokuchithakala nokuqedwa nya okubalindele uma bezinqaba lezi zinto.

115 Ngokuba uma bezinqaba lezi zinto ihora lokwahlulela kwabo selifikile, futhi indlu yabo iyosala aingenamuntu.

116 aMakathembele kimi futhi ngeke banqotshwe; futhi cunwele lwekhanda lakhe ngeke luwele phansi lungaziwanga.

117 Futhi ngiqinisile ngithi kini, nina nonke eniyizinceku zami, hambani njengokuvuma kwezimo zenu, obizweni lwenu olwahlukeneyo, niye emadolobheni nasezigodini ezinkulu nezaziwayo, nikhuze umhlaba ngokulunga kuzo zonke izenzo zabo ezingalungile nezingenabo ubunkulunkulu, nibeke obala ngokucacile nangokuqonda incithakalo yesinengiso ezinsukwini zokugcina.

118 Ngokuba, iNkosi uMninimandla Onke ithi ngani, angizoyibhubhisa imibuso yabo; ngeke bngizamazamise umhlaba kuphela, kodwa namazulu agcwele izinkanyezi ayozamazama.

119 Ngokuba mina, iNkosi, ngibeke isandla sami ukubonakalisa amandla asezulwini; anikwazi ukukubona manje, kodwa isikhashana niyokubona, futhi nazi ukuthi ngiyimi, futhi nokuthi angizoza futhi bngizobusa nabantu bami.

120 Ngingu-aAlfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Amen.