ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 58


Isigaba 58

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eSiyoni, esiFundeni iJackson, eMissouri, ngomhlaka 1 Agasti 1831. Ngesikhathi esingaphambili, ngeSabatha lokuqala emva kokufika komPhrofethi neqembu lakhe kwisiFunda iJackson, eMissouri, kwakubanjwe inkonzo, futhi kwase kwemukelwe amalungu amabili ngombhabhadiso. Phakathi nalelo sonto, abanye abaNgcwele baseColesville ababe vela kwiGatsha laseThompson nabanye bafika (bheka isigaba 54). Abaningi babethanda ukuthola ulwazi ngentando yeNkosi mayelana nabo endaweni entsha yokubuthana.

1–5, Labo ababekezelela usizi bayoqheliswa ngenkazimulo; 6–12, AbaNgcwele kufanele balungiselele umshado weMvana nesidlo sakusihlwa seNkosi; 13–18, Ababhishobhi bangabehluleli kwa-Israyeli; 19–23, AbaNgcwele mabathobele imithetho yezwe; 24–29, Abantu kufanele basebenzise ilungelo lokukhetha ekwenzeni okuhle; 30–33, INkosi iyayala futhi ichithe; 34–43, Ukuze baphenduke, abantu kufanele bazivume futhi bazishiye izono zabo; 44–58, AbaNgcwele mabathenge ifa labo futhi babuthane eMissouri; 59–65, Ivangeli kufanele lishunyayelwe kuzo zonke izidalwa.

1 Lalelani, O nina magosa ebandla lami, futhi nibeke indlebe ezwini lami, futhi nithole ulwazi kimi ngentando yami ngani, futhi nanga alendawo enginithumele kuyo.

2 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, ubusisiwe lowo aogcina imiyalelo yami, noma ekuphileni noma bekufeni; futhi lowo cothembekileyo dosizini, inzuzo yalowo inkulu embusweni wasezulwini.

3 Anikwazi ukubona ngamehlo enu enyama, okwamanje, isu lika aNkulunkulu wenu ngalezo zinto ezizokuza emva kwalesi sikhathi, futhi bnenkazimulo ezolandela emva kosizi olukhulu.

4 Ngokuba emuva akosizi olukhulu kuza bizibusiso. Ngalokho-ke usuku luyeza lapho niyo cqheliswa khona ngenkulu dinkazimulo; ihora alikafiki, kodwa seliseduze.

5 Khumbulani lokhu, enganitshela kona kuqala, ukuze anikubeke ezinhliziyweni, futhi namukele lokho okuzolandela.

6 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, nginithumele ngenxa yalokhu—ukuze nilalele, futhi ukuze izinhliziyo zenu azilungele bukufakaza ngezinto ezisazokuza;

7 Futhi nokuze nihlonishwe ekubekeni isisekelo, futhi ekufakazeni ngalendawo aiSiyoni kaNkulunkulu ezokuma kuyona;

8 Futhi nokuthi idili lezinto ezikhulupheleyo lilungiselelwe aabampofu; yebo, idili lezinto ezikhulupheleyo, lewayini belinenhlese elihluzwe kahle, ukuze umhlaba wazi ukuthi imilomo yabaphrofethi ingeke yahluleka;

9 Yebo, isidlo sakusihlwa sendlu yeNkosi, esilungiswe kahle, okuzomenywa kuso zonke izizwe.

10 Okokuqala, izicebi nezifundiswa, izazi namakhosi;

11 Futhi emuva kwalokho kuza usuku lwamandla ami; bese kuthi abampofu, izishosha, nezimpumputhe, nabangezwa, bangene aemshadweni weMvana, badle bisidlo sakusihlwa seNkosi, esilungiselelwe usuku olukhulu oluzayo.

12 Bhekani, mina, iNkosi, sengikukhulumile lokhu.

13 Futhi ukuze aubufakazi buphume eSiyoni, yebo, buphume emlonyeni wedolobha lefa likaNkulunkulu—

14 Yebo, nginithumele lapha ngalesi sizathu, futhi ngakhetha inceku yami au-Edward Partridge, futhi ngambekela umsebezi wakhe wokufundisa ivangeli kulelizwe.

15 Kodwa uma engaphenduki ezonweni zakhe, eziwukungakholwa nobulukhumi benhliziyo, makaqaphele hleze aawe.

16 Bheka ubizo lwakhe lunikwe kuye, futhi ngeke lunikwe futhi.

17 Futhi lowo omi kulolubizo ubekwe ukuba angumahluleli kwa-Israyeli, njengalokho kwakunjalo ngezinsuku zasemandulo, ukwabela izindawo zefa likaNkulunkulu bebantwaneni bakhe;

18 Futhi nokwahlulela abantu bakhe ngobufakazi babaqotho, futhi nangokulekelelwa ngabeluleki bakhe, ngokuhambisana nemithetho yombuso enikwe angabaphrofethi baNkulunkulu.

19 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, umthetho wami uyogcinwa kulelizwe.

20 Makungabi namuntu ocabanga ukuthi ungumbusi; kodwa uNkulunkulu makabuse lowo owahlulelayo, ngokuhambisana nezeluleko zentando yakhe, noma, ngamanye amazwi, yena olulekayo noma ohlala esihlalweni sokwahlulela.

21 Makungabi namuntu ophula aimithetho yezwe, ngokuba lowo ogcina imithetho kaNkulunkulu akanasidingo sokuphula imithetho yezwe.

22 Ngalokho-ke, thobelani amandla akhona, aaze abuse lowo okungelakhe ilungelo lokubusa, futhi abeke zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe.

23 Bhekani, aimithetho eniyithole esandleni sami yimithetho yebandla, futhi nizoyiphatha ngalendlela. Bhekani, nansi inhlakanipho.

24 Manje, njengoba ngikhulumile ngenceku yami u-Edward Partridge, lendawo yindawo yakhe yokuhlala, nalabo ababeke njengabeluleki bakhe; futhi phezu kwalokho yindawo yalowo engimubeke ukugcina aindlu yami yengcebo;

25 Ngalokho-ke, mabalethe imindeni yabo kulendawo, njengoba bezolulekana bona futhi bathole neseluleko kimi.

26 Ngokuba bhekani, akukuhle ukuthi ngiyale kukho konke; ngokuba lowo ophoqwayo kukho konke, nguye lowo aoyivila futhi akayona inceku ehlakaniphileyo; ngalokho-ke akatholi mvuzo.

27 Ngiqinisile ngithi, abantu amabazibandakanye ngokukhuthala emsebenzini omuhle, futhi benze izinto eziningi ngokuthanda kwabo, futhi benze okuningi ukulunga;

28 Ngokuba amandla akubo, ngawo aabakwazi ukuzikhethela. Futhi kangangoba abantu benza okuhle abasoze balahlekelwe wumvuzo wabo.

29 Kodwa lowo ongenzi lutho aze ayalwe, futhi amukele umyalelo ngengabazayo inhliziyo, futhi awugcine ngobuvila, nguye lowo oba angaphansi kwamandla kaSathane.

30 Ngingubani mina aengenza umuntu, kusho iNkosi, ongayikumbeka icala ongayithobeli imiyalelo yami na?

31 Ngingubani mina, kusho iNkosi, aothembisile kodwa ongagcwalisanga na?

32 Ngiyayala futhi abantu bangathobeli; angiyachitha futhi bangazitholi izibusiso.

33 Bese bethi ezinhliziyweni zabo: Lona akuwona umsebenzi weNkosi, ngokuba izethembiso zayo azigcwalisiwe. Kodwa maye kulabo, ngokuba umvuzo wabo uhlala ucashile angaphansi, futhi awuveli phezulu.

34 Manje sengininika ezinye iziyalelo mayelana nalendawo.

35 Kuyinhlakanipho kimi ukuthi inceku yami uMartin Harris abe yisibonelo ebandleni, aekubekeni izimali zakhe phambi kukambhishobhi webandla.

36 Futhi phezu kwalokho, lona ngumthetho kuwo wonke umuntu oza kulendawo ukuzothola ifa; futhi uyokwenza utho ngezimali zakhe njengoba umthetho ubekile.

37 Futhi kuyinhlakanipho ukuthi kube nezindawo ezithengwayo e-Independence, ezizoba yizindawo zendlu yengcebo, futhi kanjalo nendlu ayokucindezela.

38 Futhi ezinye iziyalelo mayelana nenceku yami uMartin Harris ziyonikwa yena ngokoMoya, ukuze athole ifa lakhe njengoba kubonakala kukuhle kuye;

39 Futhi makaphenduke ezonweni zakhe, ngokuba ufuna aukudunyiswa ngumhlaba.

40 Futhi inceku yami auWilliam W. Phelps makame esikhundleni engimubeke kuso, futhi athole ifa lakhe kulendawo;

41 Futhi kunesidingo sokuthi aphenduke, ngokuba mina, iNkosi, angithokozile kakhulu ngaye, ngokuba ufuna ukuba mkhulu kunabanye, futhi akazithobile ngokwanele phambi kwami.

42 Bhekani, lowo aophendukile ezonweni zakhe, nguye lowo bothethelelwe, futhi mina, iNkosi, cangibe ngisazikhumbula.

43 Ngalokhu niyokwazi uma umuntu ephenduka ezonweni zakhe—bhekani, auyozivuma futhi bazishiye.

44 Manje, ngiqinisile, ngithi ngokuphathelene namagosa ebandla lami asele, isikhathi asikakafiki, iminyaka eminingi, ukuthi bona bathole ifa labo kulendawo, ngaphandle uma belilangazelela ngomkhuleko wokholo, kuphela njengoba bezomiselwa lona yiNkosi.

45 Ngokuba, bhekani, abazobaphusha abantu ndawonye kusukela emikhawulweni yomhlaba.

46 Ngalokho-ke, buthanani ndawonye; futhi labo abangabekwanga ukuhlala kulendawo, mabashumayele ivangeli ezifundeni eziseduzane; emva kwalokho mababuyele emakhaya abo.

47 Mabafundise endleleni, abafakaze ngeqiniso kuzo zonke izindawo, babize izicebi, abaphakeme nabaphansi, futhi nabampofu ukuthi baphenduke.

48 Futhi mabakhe aamabandla, kangangoba abantu basemhlabeni bezophenduka.

49 Futhi makube nomphatheli obekwe ngezwi lebandla, ebandleni lase-Ohio, ukwamukela izimali ukuze athenge izindawo aeSiyoni.

50 Futhi nginika inceku yami uSidney Rigdon umyalelo, wokuthi auzobhala incazelo yendawo yaseSiyoni, futhi nezwi elilotshiweyo lentando kaNkulunkulu, njengoba iyokwaziswa nguMoya kuye;

51 Futhi incwadi ebhaliwelo nencwadi yeminikelo, eyothulwa kuwo wonke amabandla ukuze athole izimali, ezizobekwa ezandleni zikambhishobhi, ezakhe noma ezomphatheli, njengoba kubonakala kukuhle kuye noma njengoba eyoyala, ukuthenga izindawo zefa labantwana baNkulunkulu.

52 Ngokuba, bhekani, ngiqinisile ngithi kini, intando yeNkosi wukuthi abafundi nabantwana babantu bavule izinhliziyo zabo, ngisho ukuze bathenge sonke lesi sifunda sezwe, masinyane nje ngokuvuma kwesikhathi.

53 Bhekani, nansi inhlakanipho. Mabakwenze lokhu kungenjalo ngeke balithole aifa, ngaphandle kokuchitheka kwegazi.

54 Futhi, kangangoba kunendawo etholakele, makube nezisebenzi zohlobo lonke ezithunyelwe kulendawo, ukusebenzela abangcwele baNkulunkulu.

55 Mazenziwe zonke lezi zinto ngohlelo; futhi amalungelo ezindawo mawaziswe isikhathi nesikhathi, ngumbhishobhi noma ngumphatheli webandla.

56 Futhi umsebenzi wokubuthana mawungabi ngokuphuthuma, futhi hhayi ngokubaleka; kepha mawenziwe njengokuyala kwamagosa ebandla emihlanganweni, ngokolwazi abazoluthola isikhathi nesikhathi.

57 Futhi inceku yami uSidney Rigdon makayingcwelise futhi ayibusise lendawo, nebala alethempeli, eNkosini.

58 Futhi makubizwe umhlangano; futhi emuva kwalokho izinceku zami uSidney Rigdon noJoseph Smith, omNcane, mababuye, futhi ngokunjalo no-Oliver Cowdery makabuye nabo, ukufeza osele umsebenzi engibamisele wona endaweni yabo, futhi nosele njengoba akuyonquma umhlangano.

59 Futhi makungabi namuntu obuyayo kulendawo ngaphandle kokuba aafakaze endleleni, ngalokho akwaziyo futhi akukholwa ngokweqiniso.

60 Lokho okunikwe uZiba Peterson makuthathwe kuyena; futhi makame njengelungu ebandleni, futhi asebenze ngezakhe izandla, nabafowabo, aze aajeziswe ngokwanele ngazo zonke izono zakhe; ngokuba akazivumi, futhi ucabanga ukuzifihla.

61 Asele amagosa alelibandla, ezayo kulendawo, amanye awo ababusiswe kakhulu ngisho ngaphezu kokubala, mawabambe umhlangano kuyo lendawo.

62 Futhi inceku yami u-Edward Partridge makaqondise umhlangano ozobanjwa yibona.

63 Futhi nabo mababuye, beshumayela ivangeli endleleni, befakaza ngezinto ezembulwa kubona.

64 Ngokuba, ngiqinisile, umsindo kufanele uphume kulendawo uye kuwo wonke umhlaba, futhi nasekugcineni du komhlaba—ivangeli kufanele alishunyayelwe kuzo zonke izidalwa, bnezibonakaliso zibalandela labo abakholwayo.

65 Futhi bhekani iNdodana yoMuntu aiyeza. Amen.