ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 49


Isigaba 49

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuSidney Rigdon, kuParley P. Pratt, noLeman Copley, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 7 Meyi, 1831. ULeman Copley wayelamukelile ivangeli kodwa wayesa bambelele kwezinye zezimfundiso zamaShakers (United Society of Believers in Christ’s Second Appearing) [Inhlangano yabaKholwa wukuVela kwesiBili kukaKristu], ayehlangene nabo ngaphambili. Ezinye zezinkolelo zamaShakers kwakuwukuthi ukuZa kwesiBili kukaKristu kwase kwenzekile nokuthi wavela esesimweni somuntu wesimame, u-Ann Lee; Babengaku thathi njengento ebalulekile ukubhabhadiswa ngamanzi. Babewenqaba umshado futhi bekholelwa empilweni yokunga ganwa nokungagani. Abanye bama Shakers babekwenqabela ukudla inyama. Ukwandulela lesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi, “Ukuze ngibe nokuqonda okuphelele ngaloludaba, ngabuza eNkosini, ngase ngithola lokhu okulandelayo” Lesi sambulo siyayi phikisa eminye yemiqondo eqavile yeqembu lamaShakers. Laba bazalwane asebeshiwo basithatha lesi sambulo basiyisa emphakathini wamaShakers (eduze naseCleveland, e-Ohio) futhi bawafundela sona sonkana, kodwa asenqaba.

1–7, Usuku nehora lokubuya kukaKristu luyohlala lungaziwa aze Abuye; 8–14, Abantu kufanele baphenduke, bakholwe yivangeli, futhi bathobele izimiso ukuze bazuze insindiso; 15–16, Umshado umiswe nguNkulunkulu; 17–21, Ukudla inyama kuvumelekile; 22–28, ISiyoni iyochuma namaLamani aqhakaze njengembali ngaphambi kokukuZa kwesiBili.

1 Lalelani izwi lami, zinceku zami uSidney, noParley, noLeman; ngokuba bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngininika umyalelo wokuthi niyohamba anishumayele ivangeli lami enilamukele, njengoba nilitholile, kumaShakers.

2 Bhekani, ngithi kini, balangazelela ukwazi ingxenye yeqiniso, kodwa hhayi lonke, ngokuba aabalungile phambi kwami futhi kufanele baphenduke.

3 Ngalokho-ke, ngiyanithuma, zinceku zami uSidney noParley, ukuyoshumayela ivangeli kubo.

4 Futhi inceku yami uLeman uyogcotshelwa lomsebenzi, ukuze akhulume nabo, hhayi ngalokho akuthole kubo, kodwa ngalokho aazofundiswa kona yini zinceku zami; futhi ngokwenzenjalo ngizombusisa, ngale kwaloko ngeke aphumelele.

5 Isho kanje iNkosi; ngokuba nginguNkulunkulu, futhi angithume iNdodana yami Ezelwe Yodwa emhlabeni bukuzohlenga umhlaba, futhi nginqumile ukuthi oyamukelayo uyosindiswa, futhi lowo ongayemukeli uyoba cngaphansi kwamandla kaSathane—

6 Futhi benze aeNdodaneni Yomuntu njengoba bethanda; futhi usethathe amandla akhe bkwesokunene isandla csenkazimulo yakhe, manje ubusa emazulwini, futhi uzobusa aze ehlele emhlabeni ukuzobeka zonke izitha zakhe dngaphansi kwezinyawo zakhe, okuyisikhathi esesiseduze—

7 Mina, iNkosi uNkulunkulu, sengikukhulumile, kodwa ihora anosuku akukho muntu olaziyo, ngisho izingelosi ezulwini, futhi ngeke zazi aze abuye.

8 Ngalokho-ke, ngifisa ukuthi wonke umuntu aphenduke, ngokuba bonke bangaphansi akwesono, ngaphandle kwalabo engizibekele bona, babantu abangcwele eningazi ngabo.

9 Ngalokho-ke, ngithi kini ngithumele kini esami aisivumelwano saphakade, ngisho lokho okwakukhona kusukela ekuqaleni.

10 Futhi lokho engikuthembisile ngikufezile, futhi aizizwe zomhlaba bziyokukhothamela; futhi, uma zingakhothami ngokwazo, zizokwehliswa, ngakuba lokho okuziphakamisileyo ckuzokwehliswa ngamandla.

11 Ngalokho-ke, ngininikeza umyalelo wokuthi aniye phakathi kwalaba bantu, futhi nithi kubo, njengomphostoli wami wakudala, ogamalakhe linguPetru:

12 Kholwani egameni leNkosi uJesu, owayesemhlabeni, futhi nozayo, isiqalo nesiphetho;

13 aPhendukani futhi nibhabhadiswe egameni likaJesu Kristu, ngokwemiyalelo engcwele, ukuze nithole ukuthethelelwa kwezono;

14 Futhi lowo owenza lokhu uyofumana aisipho sikaMoya oNgcwele, ngokubekwa bizandla ngamagosa ebandla.

15 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, lowo aowenqaba ukuganana akagcotshiwe ngokukaNkulunkulu, ngokuba bumshado umiselwe abantu nguNkulunkulu.

16 Ngalokho-ke, kusemthethweni ukuthi abe anomfazi oyedwa, futhi bobabili bayoba bnyamanye, futhi konke lokhu ukuze cumhlaba ugcwalise inhloso yendalo yawo;

17 Futhi ukuze ugcwaliswe ngenani labantu, angokwendalo yakhe bngaphambi kokwenziwa komhlaba.

18 Futhi lowo aowenqaba ukuthi kudliwe inyama, ukuthi umuntu angakudli lokho, akagcotshiwe ngokukaNkulunkulu;

19 Ngokuba, bhekani, aizilwane zasendle nezinyoni zezulu, nalokho okuphuma emhlabeni, kubekelwe ukusetshenziswa ngumuntu ukuba adle nokuba embathe, futhi ukuze abenako kubekuningi.

20 Kodwa akuvunyelwe ukuthi umuntu oyedwa aabe nalokho okungaphezulu komunye, ngalokho-ke bumhlaba uhlezi esonweni.

21 Futhi maye kumuntu aochitha igazi noma omosa inyama futhi engenasidingo.

22 Futhi, phezu kwalokho ngithi kini, aiNdodana yoMuntu ayizi ngesimo sowesimame, noma sendoda ehamba emhlabeni.

23 Ngalokho-ke, aningadukiswa, kodwa qhubekani niqine, bnibheke phambili ukuthi amazulu anyakaziswe, nomhlaba uzamazame futhi untengezele njengomuntu ophuzile, futhi cnezigodi ziphakanyiswe, dnezintaba zehliswe, futhi namagoxigoxi abe ngamathafa—futhi konke lokhu ngesikhathi ingelosi iyozwakalisa eicilongo layo.

24 Kodwa ngaphambi kokufika kosuku olukhulu lweNkosi, auJakobe uyochuma ehlane, futhi namaLamani bayoqhakaza njengembali.

25 ISiyoni aiyochuma phezu bkwamaqguma futhi ijabule phezu kwezintaba, futhi iyobuthana ndawonye endaweni engiyimisileyo.

26 Bhekani, ngithi kini, hambani njengoba nginiyalile; phendukani ezonweni zenu; acelani futhi nizofumana; ngqongqothani futhi nizovulelwa.

27 Bhekani, ngizohamba phambi kwenu futhi ngibe angasemumva kwenu; futhi ngiyoba bphakathi kwenu; futhi ngeke cnivinjelwe.

28 Bhekani, nginguJesu Kristu, futhi ngiza amasinyane. Ngisho kanjalo. Amen.