ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 39


Isigaba 39

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuJames Covel, eFayette, eNew York, ngomhlaka 5 Januwari 1831. UJames Covel, owayesebe ngumfundisi webandla lama Weseli cishe iminyaka engamashumi amane, wenza isivumelwano neNkosi sokuthi uyothobela noma yimuphi umyalelo iNkosi eyomnika wona ngoJoseph umPhrofethi.

1–4, AbaNgcwele banamandla okuba ngamadodana kaNkulunkulu; 5–6, Ukwamukela ivangeli wukwamukela uKristu; 7–14, UJames Covel uyalwa ukuba abhabhadiswe futhi asebenze esivinini seNkosi; 15–21, Izisebenzi zeNkosi kufanele zishumayele ivangeli ngaphambi kokuZa kwesiBili; 22–24, Labo abemukela ivangeli bazoqoqwa manje naphakade.

1 Lalela futhi uzwe izwi lalowo ovela kulolonke aiphakade kuya kulolonke iphakade, oMkhulu bungiNguye, uJesu Kristu uqobo—

2 aUkukhanya nokuphila komhlaba; ukukhanya okukhanye ebumnyameni futhi ubumnyama abukuqondanga;

3 Yena lowo oweza kwabami amaphakathi nesikhathi, futhi abami bangangemukela;

4 Kodwa kwabaningi abangemukeleyo, ngibanike amandla okuba angamadodana ami; futhi kanjalo-ke ngiyokunika kwabaningi abayongemukela, amandla okuba ngamadodana ami.

5 Futhi ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, lowo owemukela ivangeli lami awemukela mina; futhi lowo ongalemukeli ivangeli lami akangemukeli mina.

6 Futhi leli ayivangeli lami—ukuphenduka nokubhabhadiswa ngamanzi, bese futhi kuza bukubhabhadiswa ngomlilo nangoMoya oNgcwele, ngisho uMduduzi, okhombisa zonke izinto, futhi cofundisa nezinto zomoya wokuthula zombuso.

7 Manje, bheka, ngithi kuwe, nceku yami auJames, ngiyibhekile imisebenzi yakho futhi ngiyakwazi.

8 Futhi ngiqinisile ngithi kuwe, inhliziyo yakho isilungile phambi kwami ngalesi sikhathi; futhi, bheka, ngibeke izibusiso ezinkulu phezu kwekhanda lakho;

9 Nokho, usubone ubuhlungu obukhulu, ngokuba ungalile izikhathi eziningi ngenxa yokuzazisa nokunaka aokomhlaba.

10 Kodwa, bheka, izinsuku zokukhululwa kwakho sezifikile, uma ungalalela izwi lami, elithi kuwe: Sukuma aubhabhadiswe, uhlanze izono zakho, ubize igama lami, futhi uyophiwa uMoya wami, nesibusiso esikhulu ongakaze usazi.

11 Futhi uma wenza lokhu, ngikulungiselele umsebenzi omkhulu. Uyoshumayela ivangeli lami eliphelele, engilithumele ngalezi zinsuku zokugcina, isivumelwano engisithumele aukubuyisa abantu bami, abangabendlu ka-Israyeli.

12 Futhi kuyokwenzeka ukuthi amandla aayoba phezu kwakho; uyokuba nokholo olukhulu, futhi ngizoba nawe ngihambe phambi kobuso bakho.

13 Ubizelwe aukusebenza esivinini sami, nokwakha ibandla lami, bnokuveza iSiyoni, ukuze ijabule phezu kwamagquma futhi cichume.

14 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, wena awubizelwanga ukuya emazweni asempumalanga, kodwa ubizelwe ukuya e-Ohio.

15 Futhi kangangoba abantu bami beyobuthana e-Ohio, ngigcine aisibusiso esinjengesingaziwa phakathi kwabantwana babantu, futhi siyothululwa phezu kwamakhanda abo. Futhi ukusuka kuleyondawo amadoda ayohamba aye kuzo bzonke cizizwe.

16 Bheka, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, abantu abase-Ohio bangibiza ngokukhulu ukukholwa, bacabanga ukuthi ngizozibamba ukwahlulela izizwe, kodwa angikwazi ukuphika izwi lami.

17 Ngalokho-ke qalani nisebenze ngamandla enu futhi nibizele izisebenzi ezithembekileyo esivinini sami, ukuze asithenwe okokugcina.

18 Futhi kangangoba bephenduka futhi bemukela ukuphelela kwevangeli lami, futhi bangcweliswe, ngiyozibamba aekwahluleleni.

19 Ngalokho-ke, hambani, nimemeze ngezwi elikhulu, nithi: Umbuso wezulu ususondele; nimemeze nithi: Hosana! libusisiswe igama likaNkulunkulu oPhakeme kaKhulu.

20 Hambani nibhabhadise ngamanzi, nilungise indlela phambi kobuso bami ukulungiselela isikhathi asokuza kwami;

21 Ngokuba isikhathi sesisondele; ausuku noma ihora belingaziwa muntu; kodwa impela liyofika.

22 Futhi lowo ozamukelayo lezi zinto wemukela mina; futhi bayoqoqwelwa kimi manje naphakade.

23 Futhi phezu kwalokho, kuyokwenzeka ukuthi kwabaningi eniyobabhabhadisa ngamanzi, niyobabeka aizandla zenu, bese bethola bisipho soMoya oNgcwele, futhi bayobe cbelindele izimpawu dzokuza kwami, futhi bayongazi.

24 Bhekani, ngiza masinyane. Ngisho kanjalo. Amen.