ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 3


Isigaba 3

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1828, mayelana nokulahleka kwamakhasi ayi 116 ombhalo olotshwe ngesandla ayehunyushwe engxenyeni yokuqala yeNcwadi kaMormoni, eyayibizwa ngencwadi kaLehi. UmPhrofethi wayevume engabaza ukuthi lamakhasi asuke kuye aye kuMartin Harris, owake wasebenza ithutshana njengomlobi ekuhunyushweni kweNcwadi kaMormoni. Lesi sambulo sanikwa nge-Urimi neThumimi (Bheka isigaba 10.)

1–4, Indlela yeNkosi yinye ayiguquki naphakade; 5–15, UJoseph Smith makaphenduke kungenjalo uzolahlekelwa yisipho sokuhumusha; 16–20, INcwadi kaMormoni yambulelwe ukuzosindisa inzalo kaLehi.

1 aImisebenzi, nezinhlelo, nezinhloso zikaNkulunkulu ngeke zavinjelwa, noma zibe yize.

2 Ngokuba auNkulunkulu akahambi ezindleleni ezigwegwile, akajikeli kwesokudla isandla noma sobunxele, noma aguquke kulokhu asekushilo, ngakho-ke izindlela zakhe ziqondile, futhi bindlela yakhe yinye ayiguquki naphakade.

3 Khumbula, khumbula ukuthi akuwona aumsebenzi weNkosi ovimbelekayo, kodwa wumsebenzi wabantu;

4 Ngokuba nakuba umuntu engaba nezambulo eziningi, futhi abe namandla okwenza eminingi imisebenzi emikhulu, kodwa uma aeziqhayisa ngawakhe amandla, futhi engazinaki biziyalo zikaNkulunkulu, futhi alandele okufunwa yintando yakhe cnezifiso zenyama, kufanele awe futhi athole dimpindiselo kaNkulunkulu olungileyo phezu kwakhe.

5 Bheka, uphathiswe lezi zinto, kodwa ibiqine kangakani imiyalelo yakho; futhi khumbula izethembiso ezenziwa kuwe, uma ubungayiphulanga.

6 Futhi bheka, kukaningi kangakanani auyiphula imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu, futhi ulandele bukuboniswa ngabantu.

7 Ngokuba, bheka, ubungamele awesabe abantu kunoNkulunkulu. Nakuba abantu bengazinaki iziyalo zikaNkulunkulu, futhi bbewadelela namazwi akhe—

8 Kodwa wena bekufanele uthembeke; futhi ubezolula isandla sakhe akusekele kuyo yonke aimicibisholo evuthayo byesitha; futhi ubezokuba nawe kuzo zonke izikhathi czenkathazo.

9 Bheka, wena unguJoseph, futhi wakhethwa ukuthi wenze umsebenzi weNkosi, kodwa ngenxa yokuphambuka, uma ungaqapheli uzowa.

10 Kodwa khumbula, uNkulunkulu unesihawu; ngakho-ke, phenduka kulokho okwenzile okuphambene nomyalo engikunike wona, futhi usakhethiwe, futhi usabiziwe futhi kulomsebenzi;

11 Ngaphandle kokuthi wenze lokhu, uzofulathelwa ube njengabanye abantu, ungabe usabanaso isipho.

12 Futhi ngenkathi unika umuntu lokho uNkulunkulu ayekunike ukuthi ukuqonde namandla okuthi aukuhumushe, wanika lokho okwakungcwele ezandleni bzendoda embi,

13 Engayinakanga imiyalelo kaNkulunkulu, futhi neyaphula nezingcwele kakhulu izethembiso ezenziwa phambi kukaNkulunkulu, futhi nencike kokwayo ukwahlulela futhi aneziqhayise ngokwayo ukuhlakanipha.

14 Futhi lesi yiso isizathu sokuthi ulahlekelwe amalungelo akho okwesikhashana—

15 Ngokuba uvumele umyalelo awomqondisi wakho unyathelwe kusukela ekuqaleni.

16 Nokho, umsebenzi wami uyoqhubeka, njengokuba ulwazi lo amSindisi luze emhlabeni, bngobufakazi bamaJuda, ngisho kanjalo-ke culwazi ngomSindisi luyokuza kubantu bami—

17 Naku amaNefi, nakumaJakobe, nakumaJosefa, nakumaZoramu, ngobufakazi boyise—

18 Futhi lobu abufakazi buyofinyelela ekwazini kwa bmaLamani, nokwamaLemuweli, nokwama-Ishmayeli, cabalahlekelwa wukholo ngenxa yobubi boyise, labo iNkosi ebavumele dukubhubhisa abafowabo amaNefi, ngenxa yobubi babo nezinengiso zabo.

19 Futhi kungenxa yalesi asizathu ukuthi lezi bzingcwephe zilondoloziwe, eziqukethe lemibhalo—ukuze cizethembiso zeNkosi zifezeke, ezenze kubantu bayo;

20 Nokuze aamaLamani afinyelele ekwazini oyise, futhi ukuze azi ngezethembiso zeNkosi, nokuze bakholwe yivangeli futhi cathembele ezenzweni ezinhle zikaJesu Kristu, futhi dadunyiswe ngokholo egameni lakhe, futhi nokuthi ngokuphenduka kwawo asindiswe. Amen.