ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 27


Isigaba 27

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Agasti 1830. Ukulungiselela inkonzo okwakuzo busiswa kuyo isidlo esingcwele sesinkwa newayini, uJoseph wathatha uhambo ukuyothenga iwayini. Wahlangana nesithunywa sasezulwini wasethola lesi sambulo, ingxenye yaso eyabhalwa ngaleso sikhathi okwathi okuseleyo kwabhalwa ngoSeptemba olandelayo. Amanzi manje yiwo ase setshenziswa esikhundleni sewayini ezinkonzweni zesidlo esingcwele zeBandla.

1–4, Izifanekiso okufanele zisetshenziswe uma kuthathwa isidlo esingcwele zibekwa obala; 5–14, UKristu nezinceku Zakhe kusukela kuzo zonke izinhlelo zokuphatha bazothatha isidlo esingcwele; 15–18, Hlomani ngezikhali zonke zikaNkulunkulu.

1 Lalelani izwi likaJesu Kristu, iNkosi yenu, uNkulunkulu wenu, nomHlengi wenu, ozwi lakhe aliyashesha futhi linamandla.

2 Ngokuba, bhekani, ngithi kini, akusho lutho ukuthi niyodlani noma niyophuzani uma nithatha aisidlo esingcwele, uma nikwenza ngeso eliqonde budumo lwami—nikhumbula kuBaba umzimba wami owanikelelwa nina, cnegazi lami elachithelwa dukususa izono zenu.

3 Ngalokho-ke, ngininika umyalelo, wokuthi aniyukuthenga iwayini noma iziphuzo ezidakayo ezitheni zenu;

4 Ngalokho-ke, aniyikuthatha lutho ngaphandle uma lenziwe kabusha phakathi kwenu; yebo, kulombuso kaBaba oyokwakhiwa emhlabeni.

5 Bhekani, ukwenza lokhu kuyinhlakanipho kimi; ngalokho-ke, ningamangali, ngokuba ihora liyeza lapho angizophuza isithelo sewayini nani emhlabeni, futhi bnoMoroni, engimuthume kuwe ukwambula iNcwadi kaMormoni, equkethe ukuphelela kwevangeli lami laphakade, engibeke kuye izikhiye zomlando cwenduku ka-Efrayimi;

6 Futhi no-aEliyasi, engibeke kuye izikhiye zokubuyisela zonke izinto ezakhulunywa yimilomo yabo bonke abaphrofethi abangcwele kusukela ekuqaleni komhlaba, ngokuphathelene nezinsuku zokugcina;

7 Futhi noJohane indodana kaZakariya, loZakariya yena a(u-Eliyasi) amvakashela futhi wamnika isethembiso sokuthi uzoba nendodana, futhi igama lakhe kuyoba bnguJohane, futhi uyogcwala umoya ka-Eliyasi;

8 UJohane lowo engimthumele kini, zinceku zami, uJoseph Smith, omNcane, no-Oliver Cowdery, ukunigcobela aebuphristini bokuqala eniphiwe bona, ukuze nibizwe futhi bnigcotshwe ngisho njengo cAroni;

9 Futhi no-aEliya, engibeke kuye izikhiye bzokuguqulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nezabantwana koyise, ukuze umhlaba wonke ungashaywa ngesiqalekiso;

10 Futhi noJosefa, noJakobe, no-Isaka, kanye no-Abrahama, obaba benu, ngabo aizethembiso ezisekhona;

11 Futhi noMikayeli, noma u-aAdamu, ubaba wabo bonke, umholi wabo bonke, omdala wezinsuku;

12 Futhi noPetru, noJakobe, noJohane, engibathumele kini, aenginigcobe ngabo futhi ngaqinisa ukuthi bningabaphostoli, futhi cningofakazi abakhethekile begama lami, futhi ninezikhiye zobufundisi benu nezinto ezifanayo engizambule kubo;

13 aEngibeke kubo bizikhiye zombuso wami, cnohlelo lokwengamela dlwevangeli elezinsuku zokugcina; futhi fnelokuphelela kwezikhathi, kulo engizoqoqa gndawonye konke, okusezulwini, nokusemhlabeni;

14 Futhi nabo bonke labo uBaba aangiphe bona kwabasemhlabeni.

15 Ngalokho-ke, phamisani izinhliziyo zenu nijabule, nibophe izinkalo zenu, nihlome angezikhali zami zonke, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, bnime.

16 Ngakho-ke; yimani izinkalo zenu aziboshiwe bngeqiniso, nifake cisivikelo sesifuba dsokulunga, futhi nezinyawo zenu zigqokiswe ukulungiswa ngevangeli elomoya wokuthula, engithumele fizingelosi zami ukuthi zilibeke kini;

17 Nithathe isihlangu sokukholwa eniyokwazi ngaso ukucima yonke aimcibisholo evuthayo yomubi;

18 Futhi nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba yoMoya wami, engiyowuthulula phezu kwenu, nezwi lami engilambula kini, futhi nivumelane noma yini eniyoyicela kimi, futhi nithembeke ngize ngize, futhi aniyohlwithwa, ukuze lapho ngikhona nani nibekhona bfuthi. Amen.