ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 19


Isigaba 19

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith, eManchester, eNew York, cishe ngehlobo lango nyaka ka 1829. Emlandweni wakhe, umPhrofethi lesisambulo usazisa “njengomyalelo kaNkulunkulu okungewona owomuntu, kuMartin Harris, onikezwe yilowo oNgunaphakade.”

1–3, UKristu unawo wonke amandla; 4–5, Bonke abantu kumele baphenduke noma bezwe ubuhlungu; 6–12, Isijeziso saphakade yisijeziso sikaNkulunkulu; 13–20, UKristu wazwela bonke abantu ubuhlungu, ukuze bangezwa ubuhlungu uma bephenduka; 21–28, Shumayela ivangeli lokuphenduka; 29–41, Yazisa ngezindaba ezinhle.

1 Ngingu-aAlfa no-Omega, buKristu iNkosi; yebo, impela nginguye uqobo, oyisiqalo nesiphetho, umHlengi womhlaba.

2 Mina, sengiyenzile futhi angayifeza intando yakhe lowo engingowakhe, ngisho uBaba, mayelana nami—sengikwenzile lokhu ukuze bngithobise zonke izinto zibe ngaphansi kwami—

3 Ngigcine wonke aamandla, ngisho bokubhubhisa uSathane nemisebenzi yakhe cekupheleni komhlaba, futhi nolukhulu usuku nolokugcina lokwahlulela, engiyoluletha kubantu bawo, dngahlulela wonke umuntu ngokwe emisebenzi yakhe nezenzo azenzile.

4 Futhi impela wonke umuntu kufanele aaphenduke noma bezwe ubuhlungu, ngokuba mina, uNkulunkulu, canginasiphetho.

5 Ngalokho-ke, aangisihoxisi isahlulelo engiyosikhipha, kodwa usizi luyothunyelwa, ukukhala, bukuklewula nokugedla kwamazinyo, yebo, kulabo abatholakala benga ckwesokunxele sami.

6 Nokho, aakubhaliwe ukuthi ngeke kube nesiphetho kulobu buhlungu, kodwa kubhalwe ukuthi bobungapheli ubuhlungu.

7 Phezu kwalokho, kubhalwe ukuthi wusizi nobuhlungu abaphakade; ngalokho-ke kugqame kakhudlwana kunakweminye imibhalo engcwele, ukuze kusebenze ezinhliziyweni zabantwana babantu, ngenhloso yokudumisa igama lami ngokupheleleyo.

8 Ngalokho-ke, ngizonichazela lemfihlakalo, ngokuba nifanele ukwazi ngisho njengabaphostoli bami.

9 Ngikhuluma nani enikhethiweyo kulokhu, njengoyedwa, ukuze ningene aekuphumuleni kwami.

10 Ngokuba, bhekani, aimfihlakalo yobunkulunkulu, inkulu kangakanani! Ngokuba, bhekani, anginasiphelo, futhi isijeziso esiphuma esandleni sami yisijeziso esingenasiphelo, ngokuba boNgenasiphelo yigama lami. Ngalokho-ke—

11 aIsijeziso saphakade yisijeziso sikaNkulunkulu.

12 Isijeziso esingenasiphelo yisijeziso sikaNkulunkulu.

13 Ngalokho-ke, ngikuyala ukuba uphenduke, futhi ugcine aimiyalelo oyithole ngesandla senceku yami uJoseph Smith, omNcane, egameni lami;

14 Futhi uyithole ngamandla ami amakhulu;

15 Ngakho-ke ngikuyala ukuba uphenduke—phenduka, kungenjalo ngizokushaya ngenduku yomlomo wami, nangolaka lwami, futhi nangentukuthelo yami, futhi aukuzwa kwakho ubuhlungu kube kukhulu—ubuhlungu obungakanani awazi, ukuthi bukhulu kangakanani awazi, yebo, ukuthi bunzima kangakanani ukububekezelela awazi.

16 Ngokuba bheka, mina, uNkulunkulu, angibahluphekele bonke kulezi zinto, ukuze bbangabuzwa ubuhlungu uma cbephenduka;

17 Kodwa uma bengaphenduki kufanele abezwe ubuhlungu njengami;

18 Lokho kuzwa ubuhlungu okwenza mina, ngisho uNkulunkulu uqobo, omkhulu kunabo bonke, ngiqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ngophe kuzo zonke iziqu zoboya, futhi ngizwe ubuhlungu emzimbeni nasemoyeni—futhi ngangifisa ukuthi angingasiphuzi lesositsha esibabayo, futhi nginqikaza—

19 Nokho, udumo malube kuBaba, futhi ngaphuza angawaqeda amalungiselelo ami ukuze kuzuze abantwana babantu.

20 Ngalokho-ke, ngikuyala futhi ukuba uphenduke, kungenjalo ngizokuthobisa ngamandla ami amakhulu; nokuthi auvume izono zakho, kungenjalo uzozwa ubuhlungu balezi zijeziso esengikhulume ngazo, okuncane kwako, yebo, ngisho okuncane osuke wakuzwa ngesikhathi ngisusa uMoya wami.

21 Futhi ngikuyala ukuba aungashumayeli okunye ngaphandle kokuphenduka, futhi bungazikhombisi lezi zinto kubantu kuze kube wukuhlakanipha kimi.

22 Ngokuba aabakafanelwa wukudla okuqinileyo, kodwa bwubisi okufanele baluthole; ngalokho-ke, akufanele bazazi lezi zinto, ukuze bangafi ngokomoya.

23 Funda kimi, futhi ulalele amazwi ami; ahamba bngobumnene boMoya wami, futhi uzoba cnokuthula kimi.

24 Ngingu aJesu Kristu; ngeza ngentando kaBaba, futhi ngenza intando yakhe.

25 Futhi phezu kwalokho, ngiyakuyala ukuthi aungamfisi bumfazi kamakhelwane wakho, noma ufise ukubulala umakhelwane wakho.

26 Futhi phezu kwalokho, ngiyakuyala ukuthi ungayigodli impahla yakho, kodwa phana ngayo ukuze kucindezelwe iNcwadi kaMormoni, equkethe aiqiniso nezwi likaNkulunkulu—

27 Okuyizwi lami akwabeZizwe, ukuze masinyane liye bkumaJuda, amaLamani cayinsali yawo, ukuze akholwe yivangeli, futhi angalindeli duMesiya osazokuza osevele esefikile.

28 Futhi phezu kwalokho, ngiyakuyala ukuthi auyokhuleka bngokuzwakala futhi nangenhliziyo; yebo, phambi kwabantu nasesithe, phambi kwabantu nangasese.

29 Futhi auyoshumayela izindaba ezinhle, yebo, yazisa ngazo phezulu ezintabeni, nakuzo zonke izindawo eziphakemeyo, naphakathi kwabo bonke abantu oyovunyelwa ukubabona.

30 Futhi uyokwenza lokho ngakho konke ukuzithoba, authembela kimi, ungabethuki labo abethukayo.

31 Futhi mayelana anezimfundiso zenkolo ungakhulumi ngazo, kodwa uyoshumayela ngokuphenduka bnokholo kumSindisi, cnangokuthethelwa kwezono dngokubhabhadiswa, enangomlilo, yebo, ngisho nango fMoya oNgcwele.

32 Bheka, lona angumyalelo omkhulu nowokugcina engiyokunika wona mayelana naloludaba; ngokuba lokhu kuyokwanela ukuhamba kwakho imihla ngemihla, kuze kube sekupheleni kwempilo yakho.

33 Futhi wusizi oyoluzwa uma ungazinaki lezi aziyalo, yebo, ngisho nokufa kwakho nokonakaliswa kwempahla yakho.

34 aPhana ngengxenye yempahla yakho, yebo, ngisho nangengxenye yomhlaba wakho, nangakho konke ngaphandle kwalokho kokondla umndeni wakho.

35 Khokha aisikweletu bovumelene ngaso nowenza izincwadi. Zikhulule cebugqilini.

36 aShiya indlu nekhaya lakho, ngaphandle uma ufisa ukubona umndeni wakho;

37 Futhi akhuluma ngokukhululeka kubo bonke; yebo, shumayela, uyale, ushumayele biqiniso, ngisho nangezwi elikhulu, ngezwi lenjabulo, umemezele uthi—Hosana, hosana, libusisiwe igama leNkosi uNkulunkulu!

38 aKhuleka njalo, futhi bngizothulula uMoya wami phezu kwakho, futhi siyokuba sikhulu isibusiso sakho—yebo, ngisho ngaphezulu kokuthola ingcebo yezwe nokonakala kokulunga okuhambisana nayo.

39 Bheka, ungakufunda yini lokhu ungabi nakho ukuthokoza nokwenama enhliziyweni yakho ngenxa yenjabulo na?

40 Noma ungagijima kade njengomholi ongaboni na?

41 Noma aungazithoba ube mnene, futhi uziphathe ngokuhlakanipha phambi kwami? Yebo, bwoza kimi umSindisi wakho. Amen.