ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 138


Isigaba 138

Umbono owanikwa uMongameli uJoseph F. Smith eSalt Lake City, e-Utah, ngomhlaka 3 Oktoba, 1918. Enkulumweni yakhe yokuvula uMhlangano oMkhulu weNgxenye yonyaka wamashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye weBandla, ngomhlaka 4 Oktoba 1918, uMongameli uSmith wamemezela ukuthi wayesethole imiyalelo enhlobonhlobo evela kuNkulunkulu ezinyangeni ezidlulile. Omunye walena, ngokuphathelene nokuhambela komSindisi emimoyeni yabafileyo ngesikhathi umzimba Wakhe wawusethuneni, uMongameli uSmith wayewuthole ngelanga elingaphambili. Wabhalwa ngaso leso sikhathi kulandela ukuvalwa kwalomhlangano. Ngomhlaka 31 Oktoba 1918, walethwa kubeluleki kubuMongameli bokuQala, umKhandlu wabayiShumi naMbili, nakuMphatriyake, futhi wemukelwa yibona bonke ngokuvumelana.

1–10, UMongameli uJoseph F. Smith uzindla ngemibhalo kaPetru nokuhambela kweNkosi ezweni lemimoya; 11–24, UMongameli uSmith ubona abafileyo abalungileyo behlangene eparadesi nobufundisi bukaKristu phakathi kwabo; 25–37, Ubona ukuthi ukushunyayelwa kwevangeli kwamiswa kanjani phakathi kwemimoya; 38–52, Ubona u-Adamu, u-Eva, nabaningi babaphrofethi abangcwele ezweni lemimoya ababebuka isimo sabo somoya ngaphambi kokuvuswa kwabo kwabafileyo njengokuthumbeka; 53–60, Abafileyo abalungileyo balesi sikhathi bayaqhubeka nemisebenzi yabo ezweni lemimoya.

1 Ngomhlaka 3 ku-Oktoba, ngonyaka wamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye neshumi nambili, ngahlala egunjini lami angizindla ngemibhalo engcwele;

2 Futhi ngicabanga ngomnikelo omkhulu aohlawulayo owenziwa yiNdodana kaNkulunkulu, ukuze ku bhlengwe umhlaba;

3 No athando olukhulu nolumangalisayo olwabonakaliswa nguBaba neNdodana ngokuza ko bmHlengi emhlabeni;

4 Ukuthi angenhlawulo yakhe, futhi nangoku bthobela imigomo yevangeli, isintu singasindiswa.

5 Ngesikhathi ngisacabanga ngalokho, umqondo wami wabuyela emibhalweni yomphostoli uPetru, eyayibhekiswe akwabangcwele basemandulo ababesakazeke ndawo zonke ePontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, nakwezinye izingxenye zase-Asiya, lapho ivangeli lalishunyayelwe khona emva kokubethelwa kweNkosi.

6 Ngavula iBhayibheli futhi ngafunda isahluko sesithathu nesesine sencwadi yokuqala kaPetru, futhi ngesikhathi ngifunda ngaba nokuqonda okukhulu, ngaphezu kwalokho kwaphambilini, ngalezi zigaba ezilandelayo:

7 “Ngokuba naye uKristu wake wezwa ubuhlungu kwabakanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kepha ephiliswa nguMoya:

8 “Ahamba ngawo futhi washumayeza imimoya aesetilongweni;

9 “Ngesinye isikhathi eyayingalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kwakubalindele ezinsukwini zikaNowa, ngesikathi umkhumbi usakhiwa, kuwo abayingcosana, okungukuthi, abantu abayisishiyagalombili abasindiswa ngamanzi.” (Ⅰ kaPetru 3:18–20.)

10 “Ngokuba ngenxa yalokhu ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.” (Ⅰ kaPetru 4:6.)

11 Ngisazindla ngalezi zinto ezi abhaliwe, bamehlo okuqonda kwami avuleka, futhi noMoya weNkosi cwaba phezu kwami, futhi ngabona izixuku dzabafileyo, abancane nabakhulu.

12 Futhi kwakubuthene ndawonye endaweni eyodwa amaqoqo angabaleki emimoya ayabalungileyo, ababe bthembekile kubo ubufakazi bukaJesu ngesikhathi besaphila emhlabeni;

13 Futhi ababenze aumnikelo ofana nomnikelo omkhulu weNdodana kaNkulunkulu, futhi naba bbezwe usizi egameni lomHlengi wabo.

14 Bonke laba babefe, beqinile aethembeni lo bvuko oluhle lakhulu, ngo cmusa kaNkulunkulu duBaba ne eZelwe Yodwa iNdodana yakhe, uJesu Kristu.

15 Ngabona ukuthi babegcwele ainjabulo nentokozo, futhi babethokoza ndawonye ngenxa yokuthi usuku lokukhululwa lwase lusondele.

16 Babebuthene belindele ukufika kweNdodana kaNkulunkulu aezweni lemimoya, ukuzomemezela ukukhululwa kwabo kuwo bamaketango okufa.

17 Uthuli lwabo oluleleyo lwaluzo abuyiselwa lube sesimweni esipheleleyo, bithambo ethanjeni lalo, nemisipha nenyama phezu kwamathambo, cumoya nomzimba kwakuzo hlanganiswa kungaphinde kuhlukaniswe, ukuze bafumane dinjabulo epheleleyo.

18 Ngesikhathi lesi sixuku esikhulu silindile futhi sixoxa, sijabulela ihora lokukhululwa kwaso kuwo amaketango okufa, iNdodana kaNkulunkulu yavela, imemezela aukukhululwa kwababoshiweyo ababethembekile;

19 Futhi lapho awashumayela kubo bivangeli laphakade, imfundiso yovuko nokukhululwa kwesintu kukho cukuwa, nasezonweni zomuntu ngamunye uma dephenduka.

20 Kodwa akwababi akayanga, futhi phakathi kwabangalungile nabangaphendukile ababezi bngcolisile bese senyameni, akakhulumanga kubo;

21 Nalabo abahlubukayo nabaphika ubufakazi nezexwayiso zabaphrofethi basendulo abazange bayibone inkazimulo yakhe, noma babubheke ubuso bakhe.

22 Lapho okwakukhona laba, kwakubusa aubumnyama, kodwa phakathi kwabalungileyo kwakukhona bukuthula;

23 Futhi abangcwele bakujabulela aukukhululwa kwabo, futhi bakhothama bngamadolo abo futhi bayemukela iNdodana kaNkulunkulu njengomHlengi nomKhululi wabo ekufeni nakuwo camaketango esihogo.

24 Ubuso babo bakhanya, futhi ainkazimulo ngenxa yobukhona beNkosi yahlala phezu kwabo, futhi bbacula amaculo okudumisa igama lakhe elingcwele.

25 Ngamangala, ngokuba ngangiqonda ukuthi umSindisi wachitha iminyaka emithathu ebufundisini bakhe phakathi kwamaJuda nalabo bendlu ka-Israyeli, ezama ukubafundisa ivangeli laphakade futhi ebabizela ekuphendukeni;

26 Kepha, nakuba enza imisebenzi yakhe emikhulu, nezimangaliso, nokumemezela iqiniso, nga amandla nangegunya, baba yingcosana abalalela izwi lakhe, futhi bajabula ngobukhona bakhe, futhi bemukela insindiso ezandleni zakhe.

27 Kodwa ubufundisi bakhe phakathi kwalabo ababefile kwaba ayisikhathi esincane phakathi kokubethelwa nokuvuka kwakhe;

28 Futhi ngamangala ngamazwi kaPetru—lapho ethi iNdodana kaNkulunkulu yashumayela emimoyeni eyayisekuboshweni, ngesinye isikhathi ababekade bangalaleli, ngesikhathi ukubekezela kukaNkulunkulu kwakubalindile ezinsukwini zikaNowa—futhi nokuthi kwenzeka kanjani ukuba ashumayele kuleyo mimoya futhi enze nemisebenzi efanele phakathi kwabo ngesikhathi esincane kangaka.

29 Futhi ngesikhathi ngisamangele, amehlo ami avuleka, futhi nokuqonda kwami akwandiswa, futhi ngaqonda ukuthi iNkosi ayiyanga yona uqobo phakathi kwababi nabalenqaba iqiniso, ukuyobafundisa;

30 Kodwa bheka, phakathi kwabalungileyo, wamisa amabutho akhe futhi wabeka izithunywa, ezembathiswe angamandla nangegunya, futhi wabathuma ukuba bahambise ukukhanya kwevangeli bakuyise kulabo ababe bsebumnyameni, ngisho kuyo cyonke imimoya yabantu; futhi lashunyayelwa kanjalo-ke ivangeli kwabafileyo.

31 Futhi izithunywa ezazikhethiwe zahamba ukuyomemezela ausuku lomusa lweNkosi futhi nokumemezela bukukhululeka kweziboshwa ezaziboshiwe, ngisho nakubo bonke ababezophenduka ezonweni zabo futhi bemukele ivangeli.

32 Lashunyayelwa kanjalo-ke ivangeli kulabo aba abefe besezonweni zabo, bengenalo bulwazi lweqiniso, noma beseziphambekweni, bebenqabile abaphrofethi.

33 Laba bafundiswa aukukholwa kuNkulunkulu, ukuphenduka ezonweni, bukubhabhadiswa ngokumelwa ukuze ku cthethelelwe izono, disipho sikaMoya oNgcwele ngokubekwa izandla ekhanda,

34 Futhi nayo yonke eminye imigomo yevangeli okwakubalulekile ukuba bayazi ukuze balungele ukuba abahlulelwe ngokwabantu enyameni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

35 Kwaziswa kanjalo-ke phakathi kwabafileyo, abancane nabakhulu, abangalungile nabathembekile, ukuthi ukuhlengwa kulethwe ngo amnikelo weNdodana kaNkulunkulu besiphambanweni.

36 Kwaziswa kanjalo-ke ukuthi umHlengi wethu wachitha isikhathi ehlezi isikhashana ezweni lemimoya, efundisa futhi elungiselela imimoya ethembekile ayabaphrofethi ababefakaze ngaye bese senyameni;

37 Ukuba bahambise umlayezo wokuhlengwa kubo bonke abafileyo, ayengeke akwazi ukuya yena uqobo, ngenxa yo akuhlubuka neziphambeko zabo, ukuze nabo ngokusetshenzelwa yizinceku zakhe bawezwe amazwi akhe.

38 Phakathi kwabakhulu nabanamandla ababebuthene kulelibandla elikhulu labalungileyo kwakukhona uBaba au-Adamu, umDala weziNsuku nobaba wabo bonke,

39 Futhi noMama wethu ohlonishwa kakhulu au-Eva, nabaningi bamadodakazi akhe athembekileyo ayephila ngezikhathi ezedlule futhi ayekhonza uNkulunkulu weqiniso nophilayo.

40 aU-Abela, bumfelukholo wokuqala, wayelapho, nomfowabo cuSeti, omunye wabanamandla, nowaye dfana du noyise, u-Adamu.

41 aUNowa, owanika isexwayiso sozamcolo; buShemi, cumphristi omkhulu owaziwayo; du-Abrahama, ubaba wabathembekileyo; eu-Isaka, fuJakobe, gnoMose, umniki-mthetho omkhulu ka-Israyeli.

42 Futhi no-aIsaya, owamemezela ngesiphrofetho ukuthi umHlengi wagcotshwa ukuze kuboshwe izinhliziyo ezidabukileyo, ukumemezela inkululeko kwaba bboshiweyo, nokuvulwa kwe ctilongo kulabo ababe boshiwe, nabo babekhona futhi.

43 Phezu kwalokho, au-Ezekeli, owakhonjiswa embonweni isigodi esikhulu bsamathambo omileyo, ayezombathiswa ngenyama, ukuze aphume futhi cekuvukeni kwabafileyo, sekungabantu abaphilayo.

44 aUDaniyeli, owabona kungakenzeki futhi wabikezela ngokumiswa ko bmbuso kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, owawungeke futhi usabhujiswa noma unikwe abanye abantu.

45 aU-Eliyasi, owayenoMose eNtabeni yo bkuGuqulwa;

46 Futhi no aMalaki, umphrofethi owafakaza ngokuza kuka-bEliya—uMoroni owakhuluma ngaye naye kumPhrofethi uJoseph Smith, ememezela ukuthi kufanele afike ngaphambi kokuqala ko csuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi—nabo babelapho.

47 UmPhrofethi u-Eliya wayezotshala kuzo aizinhliziyo zabantwana izethembiso ezenziwa koyise,

48 Okwandulela aumsebenzi omkhulu okufanele wenziwe kuwo bamathempeli eNkosi ngo chlelo lokwengamela lokugcwaliseka kwezikhathi, ukuze kuhlengwe abafileyo, futhi noku dboshwa kwabantwana nabazali babo, funa umhlaba wonke ushaywe ngesiqalekiso futhi uchitheke ube yize ekuzeni kwakhe.

49 Bonke laba nabanye abaningi, ngisho na abaphrofethi ababephakathi kwamaNefi futhi ababefakaza ngokuza kweNdodana kaNkulunkulu, babehlangene kulombuthano omkhulu futhi belindele ukukhululwa kwabo,

50 Ngokuba abafileyo babebuka ukungabi bikho isikhathi eside kwe amimoya yabo emizimbeni yabo njengoku bthumbeka.

51 Laba iNkosi yabafundisa, futhi yabanika aamandla okuvuka, emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo, ukuba bangene embusweni kaYise, lapho ukuba baqheliswe ngo bkungafi no ckuphila okuphakade,

52 Futhi baqhubeke emisebenzini yabo kusuka ngaleso sikhathi njengoba babethenjiswe yiNkosi, futhi babe ngabahlanganyeli kuzo zonke aizibusiso ezazigcinelwe labo abamthandayo.

53 UmPhrofethi uJoseph Smith, nobaba, uHyrum Smith, uBrigham Young, uJohn Taylor, uWilford Wooddruff, nemiye imimoya ekhethiweyo eyayi agcinelwe ukuba ize ekugcwalisekeni kwezikhathi ukuba nesandla ekubekweni kwe bzisekelo zomsebenzi omkhulu wezinsuku zokugcina,

54 Okuhlanganisa nokwakhiwa kwamathempeli nokwenziwa kwezimiso kuwo ukuze kuhlengwe aabafileyo, nabo futhi babesezweni lemimoya.

55 Ngabona ukuthi babephakathi kwalabo ababe anobuntu nabakhulu ababe bkhethiwe ekuqaleni ukuba babe ngababusi eBandleni likaNkulunkulu.

56 Ngisho bengakazalwa, bona, nabaningi abanye, bathola izifundo zabo zokuqala ezweni lemimoya futhi abalungiselelwa ukuba beze nge bsikhathi esifanele seNkosi ukuzosebenza kuso cisivini sayo ukuze kusindiswe imiphefumulo yabantu.

57 Ngabona ukuthi aamagosa athembekile alolu hlelo lokwengamela, uma ehamba emhlabeni, ayaqhubeka nemisebenzi yawo yokushunyayelwa kwevangeli lokuphenduka nokuhlengwa, ngomnikelo weNdodana eZelwe Yodwa kaNkulunkulu, phakathi kwalabo abase bbumnyameni futhi bengaphansi kobugqili besono ezweni elikhulu lemimoya yabafileyo.

58 Abafileyo abaphendukayo bazo ahlengwa, ngokuthobela bizimiso zendlu kaNkulunkulu,

59 Futhi emva kokuba sebeyikhokhile inhlawulo yeziphambeko zabo, futhi ba ahlanzwa baba msulwa, bayofumana umvuzo ngokwe bmisebenzi yabo, ngokuba bayizindlalifa zensindiso.

60 Wembulwa kanjalo-ke umbono wokuhlengwa kwabafileyo kimi, futhi ngiyafakaza, futhi ngiyazi ukuthi lombhalo auliqiniso, ngesibusiso seNkosi noNkulunkulu wethu, uJesu Kristu, ngisho kanjalo. Amen.