ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 134


Isigaba 134

Okushiwoyo ngenkolelo ngokuphathelene nemikhandlu ephetheyo nemithetho ngokwejwayelekile, okwemukelwa ngevoti lokuvumelana emhlanganweni omkhulu weBandla owawubanjelwe eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 17 Agasti, 1835. AbaNgcwele abaningi babuthana ukuzothatha isinqumo ngokwakuphakanyisiwe okuqukethwe wushicilelo lokuqala lweMfundiso neziVumelwano. Ngaleso sikhathi, lokhu okushiwoyo kwanikwa lesi sandulela: “Ukuze inkolelo yethu ngokuphathelene nemikhandlu ephetheyo yasemhlabeni nemithetho ngokwejwayelekile ingathathwa kabi noma ingaqondwa kahle, sibone kukuhle ukuthi, esiphethweni salencwadi, sazise ngemibono yethu ngokuphathelene nalokho.”

1–4, Imikhandlu ephetheyo kufanele ilondoloze inkululeko yonembeza neyokukhonza; 5–8, Bonke abantu kufanele bayisekele imikhandlu yabo ephetheyo futhi kufanele bahloniphe futhi bathobele umthetho; 9–10, Izinhlangano zenkolo akufanele zisebenzise amandla okuqhuba umthetho; 11–12, Abantu abanacala ekuzivikeleni bona nempahla yabo.

1 Sikholelwa wukuthi aimikhandlu ephetheyo yamiswa nguNkulunkulu ukuze kuzuze umuntu; futhi nokuthi ubeke ukuthi umuntu baziphendulele ngezenzo zakhe mayelana nayo, ekushayeni imithetho nasekuyiphatheni, ukuze kuzuze futhi kuphephe umphakathi.

2 Sikholelwa wukuthi awukho umkhandlu ophetheyo ongaba khona ngokuthula, ngaphandle kokuba kumiswe uhlobo lwemithetho ezogcinwa futhi ingaphulwa nezoqinisekisa kumuntu ngamunye ukuthi asebenzise aunembeza wakhe bngokukhululeka, ilungelo namandla okuphatha impahla, noku cvikeleka kwempilo.

3 Sikholelwa wukuthi yonke imkhandlu ephetheyo idinga aabaphathi zikhundla nabathethimacala abagunyaziwe ukwenza imithetho yaleyo mikhandlu igcinwe; futhi nokuthi labo abazophatha umthetho ngokungakhethi nangokulunga kufanele bafunwe futhi basekelwe ngezwi labantu uma lowo mkhandlu unombusi ode ekhethwa ngabantu, noma ngentando yenkosi yezwe.

4 Sikholelwa wukuthi inkolo imiswe nguNkulunkulu; nokuthi abantu kufanele baphendule kuye, futhi kuye kuphela, ngokuyisebenzisa inkolo, ngaphandle uma imibono yabo ngokwenkolo ibangela ukuthi bathathe amalungelo nokukhululeka kwabanye; kodwa asikholelwa ekutheni umthetho wabantu unelungelo lokuzigaxa ngokunquma imigomo ayokukhonza ngenhloso yokulawula onembeza babantu, noma ukuphoqelela izindlela zokukhonza komphakathi noma komuntu ngamunye; sikholelwa wukuthi abathethimacala kufanele babuvimbele ubugebengu, kodwa bangawulawuli unembeza; kufanele bakujezise ukona, kodwa bangayicindezeli inkululeko yomuntu.

5 Sikholelwa wukuthi bonke abantu bamelwe ukuyisekela nokuyiqinisa leyo mikhandlu ephetheyo abahlala kuyo, uma imithetho yaleyo mikhandlu ibavikele ngokuphathelene namalungelo abo emvelo futhi angenakwephucwa; nokuthi ukuvukela umbuso noku ahlubuka akufanele kwenziwe umphakathi wezwe ovikeleke kanjalo, futhi kufanele kujeziswe ngokufanele; futhi nokuthi yonke imikhandlu ephetheyo inelungelo lokumisa uhlobo lwemithetho ngokubona kwayo ezoqinisekisa okufunwa ngumphakathi; nakuba kunjalo, begcine inkululeko yonembeza ingenaku guqulwa.

6 Sikholelwa wukuthi wonke umuntu kufanele ahlonishwe esikhundleni sakhe, ababusi nabathethimacala ngokunjalo, bebekelwe ukuvikela abangenacala nokujeziswa kwabonile; nokuthi bonke abantu kufanele bayihloniphe futhi bayithobele aimithetho, njengoba ngaphandle kwayo kuyoba khona isiphithiphithi nokwesaba esikhundleni sokuthula nokuzwana; imithetho yabantu emiswe ngenhloso yokulawula okuthandwa yithi njengabantu nezizwe, phakathi komuntu nomuntu; futhi nemithetho kaNkulunkulu enikwe ezulwini, emisa imigomo ngokuphathelene nezinto zomoya, ukuqhubekisa ukukholwa nokukhonza, umuntu azophendula ngayo yomibili lemithetho kuMdali wakhe.

7 Sikholelwa wukuthi ababusi, izizwe, nemikhandlu ephetheyo inelungelo, futhi ifanele ukumisa imithetho ukuvikela wonke umphakathi wezwe ekwenzeni ngokukhululeka imfundiso yokholo lwabo; kodwa asikholelwa ukuthi banelungelo lokuphuca umphakathi wezwe lelilungelo, noma ukuwenqabela ngokuphathelene nemibono yabo, uma nje uyinaka futhi uyihlonipha leyo mithetho futhi leyomibono ngokwenkolo ingasekeli ukuvukela umbuso noma uzungu.

8 Sikholelwa wukuthi isenzo sobugebengu kufanele asijeziswe ngokobunjalo baso; nokuthi ukubulala, ukuvukela umbuso, ukuphanga, ukweba, nokuphazamisa ukuthula komphakathi, nganoma iyiphi indlela, kufanele lezo zenzo zijeziswe ngobunjalo bazo nangokuvama kwazo ukuqhubekisa ububi phakathi kwabantu, ngokwemithetho yalowo mkhandlu ophetheyo lapho kwenziwe khona leso senzo sokona; futhi sikholelwa wukuthi ukuze emphakathini kube khona ukuthula nokuzwana wonke umuntu kufanele kubekhona akwenzayo futhi basebenzise amandla abo ukuletha izoni eziphula imithetho emihle ukuba zijeziswe.

9 Asikholelwa wukuthi kulungile ukuhlanganisa imfundiso yenkolo nomkhandlu ophetheyo womphakathi, okubangela ukuthi enye inhlangano yenkolo ikhuliswe futhi enye yenqatshelwe ngokuphathelene namalungelo ayo ngokwenkolo, futhi amalungu ayo, njengomphakathi, ephucwe amalungelo.

10 Sikholelwa wukuthi zonke izinhlangano zenkolo zinelungelo lokuthathela amalungu azo izinyathelo ngokuziphatha kwawo okungalungile, ngokwemithetho nenqubo yalezo zinhlangano; uma lezo zinyathelo kungezobulungu nokuziphatha kahle; kodwa asikholelwa wukuthi noma iyiphi inhlangano yenkolo inegunya lokuthetha amacala abantu ngokuphathelene namalungelo abo empahla noma empilo, ukuthatha kubo izimpahla zalomhlaba, noma ukubabeka ebungozini bempilo noma bomzimba, noma ukubajezisa ngokubazwisa ubuhlungu emzimbeni. Bangaba axosha kuphela enhlanganweni yabo, futhi bathathe kubo ubulungu babo.

11 Sikholelwa wukuthi abantu kufanele bancengele ukunxeshezelwa kukho konke ukoniwa nezikhalo, lapho umuntu ezwiswe khona ukuhlukunyenzwa, noma kuphulwe ilungelo lempahla noma lesimilo, uma kukhona imithetho enjalo evikela lawo malungelo; kodwa sikholelwa wukuthi bonke abantu abanacala ekuzivikeleni bona, abangani babo, nempahla, nomkhandlu ophetheyo, ekuhlaselweni okungekho emthethweni kwamalungelo abo bonke abantu ngezikhathi zobungozi, lapho umuntu engeke akwazi ukufaka isikhalo ngokushesha, futhi nokusizakala kungeke kutholakale.

12 Sikholelwa wukuthi kulungile aukushumayela ivangeli ezizweni zomhlaba, futhi nokuxwayisa abalungileyo ukuba bazigcine ekukhohlakaleni komhlaba; kodwa asikholelwa wukuthi kulungile ukuzigaxa ezigqilini, noma ukushumayela ivangeli kuzo, noma ukubabhabhadisa ngokuphambene nentando nokufisa kwabaphathi bazo, noma ukubafaka umoya kancane okuzobenza banganeliseki ngezimo zabo kulempilo, ngaleyondlela sibeke ebungozini izimpilo zabantu; ukuzigaxa okunjalo sikholelwa wukuthi akukho emthethweni futhi akulungile, futhi kuyingozi kukho ukuthula kwanoma yimuphi umkhandlu ophetheyo ovumela abantu baphathwe ngobugqili.