ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 133


Isigaba 133

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 3 Novemba, 1831. Ukwandulela lesi sambulo, umlando ka Joseph Smith uthi, Ukwandulela lesi sambulo umPhrofethi wabhala lokhu, “Ngalesi sikhathi zaziningi izinto amaGosa ayefisa ukuzazi mayelana nokushumayela iVangeli kubantu base mhlabeni, futhi nangokuphathelene nokubuthana; ukuze bahambe ekukhanyeni kweqiniso, futhi bafundiswe kusuka phezulu, ngomhlaka 3 Novemba 1831, ngabuza eNkosini ngase ngithola lesi sambulo esilandelayo esibalulekile.” Lesi sigaba saqala sahlanganiswa nencwadi yeMfundiso neziVumelwano njengesithasiselo kwathi kamuva saba ngesinye sezigaba.

1–6, AbaNgcwele bayalwa ukuba balungiselele ukuZa kwesiBili; 7–16, Bonke abantu bayalwa ukuba babaleke eBabiloni, beze eSiyoni, futhi balungiselele usuku olukhulu lweNkosi; 17–35, Uyokuma phezu kweNtaba iSiyoni, amazwekazi ayophenduka izwe lelilodwa, nezizwana ezilahlekileyo zika-Israyeli zizobuya; 36–40, Ivangeli labuyiselwa ngoJoseph Smith ukuze lishunyayelwe emhlabeni wonke; 41–51, INkosi izokwehla ngempindiselo phezu kwababi; 52–56, Kuyoba wunyaka wabakhululiweyo Bayo; 57–74, Ivangeli kufanele lithunyelelwe ukuhlenga abaNgcwele nokubhujiswa kwababi.

1 Lalelani, O nina bantu bebandla lami, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, futhi nizwe izwi leNkosi ngokuphathelene nani—

2 INkosi aeyoza masinyane ethempelini layo; iNkosi eyokwehlela phezu komhlaba nesiqalekiso ukuzo bkwahlulela; yebo, phezu kwazo zonke izizwe ezimkhohlwayo uNkulunkulu, naphezu kwabo bonke ababi phakathi kwenu.

3 Ngokuba auyokwambula ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona binsindiso kaNkulunkulu wayo.

4 Ngalokho-ke, lungiselelani, lungiselelani, O bantu bami; zingcweliseni; buthanani ndawonye, O nina bantu bebandla lami, ezweni laseSiyoni, nani nonke eningakayalwa ukuba nihlale.

5 Phumani aeBabiloni. bHlanzekani nina eniphatha izitsha zeNkosi.

6 Bizani imihlangano yenu enesizotha, futhi anikhulume njalo omunye komunye. Futhi wonke umuntu makabize igama leNkosi.

7 Yebo, ngiqinisile ngiyaphinda ngithi kini, isikhathi sesifikile lapho izwi leNkosi lithi kini: Phumani eBabiloni; abuthanani niphume phakathi kwezizwe, kusuka kuzo bizingxenye ezine zomhlaba, kusuka emkhawulweni wezulu kuya komunye.

8 aThumelani amagosa ebandla lami ezizweni ezikude; beziqhingini zolwandle; thumelani kwamanye amazwe; nxusani izizwe zonke, kuqala ckwabeZizwe, futhi emva kwalokho naku dmaJuda futhi.

9 Futhi bhekani, futhi bheka, lesi kuyoba yisimemezelo sabo, futhi nezwi leNkosi kubo bonke abantu: Hambani niye ezweni laseSiyoni, ukuze imingcele yabantu bami yandiswe, futhi ukuze ne azikhonkwane zakhe ziqiniswe, futhi ukuze buSiyoni aqhubekele ezifundeni ndawo zonke.

10 Yebo, isimemezelo masiye phakathi kwabo bonke abantu: Vukani futhi nisukume niyohlangabeza auMyeni; bhekani futhi bheka, uMyeni uyeza; hambani niyomhlangabeza. Zilungiseleleni busuku olukhulu lweNkosi.

11 Ngakho-ke, alindani, ngokuba banilwazi usuku noma ihora.

12 Ngakho-ke, labo aba aphakathi kwabeZizwe mababalekele beSiyoni.

13 Futhi labo abayisizwe sika aJuda mababalekele beJerusalema, cezintabeni dzendlu yeNkosi.

14 Phumani phakathi kwezizwe, ngisho eBabiloni, phakathi kobubi, okuyiBabiloni yomoya.

15 Kodwa ngiqinisile, isho kanje iNkosi, ukubaleka kwenu makungabi angokushesha, kodwa zonke izinto mazilungiswe ngaphambi kwenu; futhi lowo ohambayo, bmakangabheki emuva hleze imbubhiso engalindelekile ingamehleli.

16 Lalelani futhi nizwe, O nina bantu basemhlabeni. aLalelani, nina magosa ebandla lami ndawonye, futhi nizwe izwi leNkosi; ngokuba ubiza bonke abantu, futhi uyala bonke abantu yonke indawo ukuba bbaphenduke.

17 Ngokuba bhekani, iNkosi uNkulunkulu aithumele ingelosi ukuba imemezele emkhathini wezulu ithi: Lungisani indlela yeNkosi, futhi nenze imikhondo yayo biqonde, ngokuba ihora clokuza kwayo seliseduze—

18 Lapho aiMvana iyoma phezu kwe bNtaba iSiyoni, futhi kumi kanye nayo cabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

19 Ngalokho-ke, lungiselelani aukuza ko bMyeni; phumani, phumani niyomhlangabeza.

20 Ngokuba bhekani, auyokuma phezu kwentaba yemiNqumo, futhi naphezu kolwandle olukhulu, ngisho ukujula okukhulu, naphezu kweziqhingi zolwandle, futhi naphezu kwezwe laseSiyoni.

21 Futhi uyo akhuluma izwi lakhe ese bSiyoni, futhi uyokhuluma eseJerusalema, futhi izwi lakhe liyozwakala kubo bonke abantu;

22 Futhi kuyokuba yizwi anjengezwi lamanzi amaningi, futhi njengezwi blokuduma okukhulu, okuyo cdiliza izintaba, futhi izigodi ngeke zitholakale.

23 Uyoyala ukujula okukhulu, futhi kuyohlehla kuye emazweni asenyakatho, aiziqhingi ziyoba yizwe elilodwa;

24 Futhi izwe lase aJerusalema nezwe laseSiyoni ayophindiselwa ezindaweni zawo, futhi umhlaba uyoba njengoba wawunjalo ezinsukwini phambi kokuba buhlukaniswe.

25 Futhi iNkosi, ngisho umSindisi, iyoma phakathi kwabantu bayo, futhi aiyobusa phezu kwayo yonke inyama.

26 Futhi labo abase amazweni asenyakatho bayokhunjulwa phambi kweNkosi; futhi nabaphrofethi babo bayolizwa izwi layo, futhi ngeke besazibamba; bayoshaya amadwala, iqwa liyogobhoza phambi kwabo.

27 Futhi kuyomiswa aindlela phakathi nolwandle olukhulu.

28 Izitha zabo ziyoba ngaphansi kwabo,

29 Futhi aogwadule olomileyo kuyophuma amachibi amanzi agobhozayo; nesihlabathi esihangukileyo ngeke sisaba yizwe elomileyo.

30 Futhi bayoletha amagugu abo enani elikhulu kubantwana ba-aEfrayimi, izinceku zami.

31 Futhi imikhawulo ye azintaba ezimiyo ziyothuthumela phambi kwabo.

32 Futhi lapho bayoguqa phansi futhi baqheliswe ngenkazimulo, ngisho eSiyoni, ngezandla zezinceku zeNkosi, ngisho abantwana ba-Efrayimi.

33 Futhi bayogcwaliswa nga amaculo enjabulo yaphakade.

34 Bhekani, lesi yisibusiso sikaNkulunkulu waphakade kuzo aizizwana zika-Israyeli, futhi nesibusiso esikhulu kuye bu-Efrayimi nabangani bakhe.

35 Futhi nalabo futhi be asizwana sikaJuda, emva kobuhlungu babo, bayongcweliswa ukuba babe bngcwele phambi kweNkosi, ukuze bahlale lapho ikhona imini nobusuku, phakade naphakade.

36 Manje, ngiqinisile ithi iNkosi, ukuze lezi zinto zaziwe phakathi kwenu, O bantu basemhlabeni, ngithumele aingelosi yami endiza emkhathini wezulu, ine bvangeli laphakade, evele kwabanye futhi yalinika abantu, eyovela kwabaningi abahlala emhlabeni.

37 Futhi leli avangeli liyo bshunyayelwa kuzo czonke izizwe, nezihlobo, nezilimi, nabantu.

38 Futhi izinceku zikaNkulunkulu ziyohamba, zithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu futhi nimnike udumo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile;

39 Futhi amkhonzeni lowo owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi—

40 Zibiza igama leNkosi imini nobusuku, zithi: O sengathi unga adabula amazulu, sengathi ungehla, izintaba zigobhoze phambi kwakho.

41 Futhi ziyophendulwa; ngokuba inkazimulo yeNkosi iyofana nomlilo oncibilikisayo ongamalangabi, futhi njengomlilo owenza amanzi aabile.

42 O Nkosi, uyokwehla uzokwenza igama lakho laziwe ezitheni zakho, futhi zonke izizwe ziyothuthumela ngenxa yenkazimulo yakho—

43 Lapho usuwenza izinto ezesabekayo, izinto abangazibhekile;

44 Yebo, lapho usuwehla, nezintaba sezigobhozela phansi ngenxa yenkazimulo yakho, uyo ahlangana naye othokozayo nowenza ukulunga, okukhumbulayo ezindleleni zakho.

45 Ngokuba kusuka ekuqaleni komhlaba ngabe abantu abakaze bezwe na noma bazi nangendlebe, futhi ngabe iso alikaze libone na, O Nkulunkulu, ngaphandle kwakho, ukuthi zingakanani izinto osu amlungisele zona bokulindileyo.

46 Futhi kuyothiwa: aUbani lona bowehla ephuma kuNkulunkulu ezulwini nezingubo ezibomvu; yebo, osuka ezindaweni ezingaziwa, ogqoke ingubo yakhe ekhazimulayo, ohamba ngobukhulu bamandla akhe na?

47 Futhi uyothi: Nginguye owakhuluma ngokulunga, nonamandla okusindisa.

48 Futhi iNkosi iyoba abomvu ngezingubo zayo, futhi izingubo zayo zinjenge zonyathela kuso isikhamo sewayini.

49 Futhi iyoba nkulu kakhulu inkazimulo yobukhona bakhe kangangoba ailanga liyofihla ubuso balo ngamahloni, nenyanga iyogodla ukukhanya kwayo, nezinkanyezi ziyodedeleka zisuka ezindaweni zazo.

50 Futhi izwi lakhe liyozwakala lithi: Ngisi anyathelile isikhamo sewayini ngingedwa, futhi ngilethe ukwahlulela kubo bonke abantu; futhi kakho obenami;

51 Futhi ngibanyathelile ngolaka, futhi nginyathelile phezu kwabo ngentukuthelo yami, futhi igazi labo angilifafazile phezu kwezingubo zami, futhi ngangcolisa zonke izambatho zami; ngokuba yilo lolu suku lwempindiselo olwaluse nhliziyweni yami.

52 Manje unyaka waba khululiweyo bami usufikile; futhi bayophawula ngesihe seNkosi yabo, nangakho konke lokho ebaphe kona ngokokulunga kwakhe, futhi nangokwesihe sakhe, phakade naphakade.

53 aEzinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye. Futhi ingelosi esuka kuye yabasindisa; futhi ngo bthando lwakhe, nangokubahawukela kwakhe, waba ckhulula, wabetshatha, futhi wabathwala zonke izinsuku zasemandulo;

54 Yebo, no-aEnoke futhi, nalabo ababenaye; abaphrofethi ababengaphambi kwakhe; no bNowa futhi, nalabo ababengaphambi kwakhe; no cMose futhi, nalabo ababengaphambi kwakhe;

55 Futhi kusuka kuMose kuya ku-Eliya, futhi kusuka ku-Eliya kuya kuJohane, ababenoKristu kulo auvuko lwakhe, nabaphostoli abangcwele, beno-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe, bayoba khona phambi kweMvana.

56 Futhi aamathuna babangcwele cayovulwa; futhi bayophuma futhi bame ngakwe dsokudla isandla seMvana, ngesikhathi isiyoma phezu kwe eNtaba iSiyoni, naphezu komuzi ongcwele, fiJerusalema eNtsha; futhi bayocula giculo le hMvana, imini nobusuku phakade naphakade.

57 Futhi ngenxa yalesi sizathu, ukuze abantu babe ngabahlanganyela kuzo aizimfihlakalo ezazisazo kwembulwa, iNkosi yathumela ukuphelela kwe bvangeli layo, isivumelwano sayo saphakade, ikhuluma ngokucacile nangokuzwakala kalula—

58 Ukulungiselela abathobekileyo izinto ezizayo emhlabeni, nomsebenzi weNkosi ngosuku lapho aabathobekileyo beyothobisa abahlakaniphileyo, naba bbuthakathaka beyoba yisizwe esinamandla, futhi cababili bayoxosha abayizinkulungwane eziyishumi zezitha zabo.

59 Futhi ngezinto ezithobekileyo zomhlaba iNkosi aiyoshaya izizwe ngamandla oMoya wayo.

60 Futhi ngenxa yalesi sizathu lemiyalelo yanikwa; yayalelwa ukuba igodlwe emhlabeni ngosuku eyanikwa ngalo, kodwa manje kufanele aiye kubo bbonke abantu—

61 Futhi lokhu ngokomqondo nangokwentando yeNkosi, ebusa phezu kwabo bonke abantu.

62 Futhi lowo aophendukayo futhi nozi bngcwelisayo phambi kweNkosi uyonikwa cukuphila okuphakade.

63 Futhi kulabo abangali alaleli izwi leNkosi kuyogcwaliseka lokho okwalotshwa ngumphrofethi uMose, ukuthi kufanele bbasuswe phakathi kwabantu.

64 Futhi nalokho okwalotshwa ngumphrofethi auMalaki: Ngokuba, bhekani, busuku luyeza oluyo cshisa njengeziko, futhi bonke abaziqhenyayo, yebo, futhi nabo bonke abenza okubi, bayoba ngamabibi; futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamabandla, lungabashiyeli mpande nagatsha.

65 Ngalokho-ke, lokhu kuyoba yimpendulo yeNkosi kubo:

66 Ngalolo suku lapho ngiza kwabami, akukho muntu phakathi kwenu aowangemukela, futhi naxoshwa.

67 Ngesikhathi ngibiza futhi kwakungekho muntu kini ukuphendula; kodwa aingalo yami yayingafinyeziwe neze ukuba nginganihlengi, noma bamandla ami ukuba nginikhulule.

68 Bhekani, ngokukhuza kwami angiyalomisa ulwandle. Ngenze imifula ibe yihlane; izinhlazi zayo zinuke, futhi zife ngenxa yokoma.

69 Ngigqokisa amazulu ngobumnyama, futhi ngenze ubumnyama bube yingubo yawo.

70 Futhi alokhu niyokuthola kuvela esandleni sami—niyokulala phansi ngobuhlungu.

71 Bhekani, futhi bheka, akekho ozonikhulula; ngokuba anilithobelanga izwi lami ngesikhathi nginibiza ngisemazulwini; anizikholwanga izinceku zami, futhi ngesikhathi azithunyelwe kini anizemukelanga.

72 Ngalokho-ke, azabuqinisa ubufakazi futhi zawubopha umthetho, futhi nina nayekwa ebumnyameni.

73 Laba bayoya ebumnyameni obungaphandle, lapho kukhona aukukhala, nesililo, nokugedla kwamazinyo.

74 Bhekani iNkosi uNkulunkulu wenu ikushilo lokhu. Amen.