ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 129


Isigaba 129

Izimfundiso ezanikwa nguJoseph Smith umPhrofethi, eNauvoo, e-Illinois, ngomhlaka 9 Februwari 1843, ezazisa ngezikhiye ezintathu ezibalulekile kakhulu okungabonwa ngazo ubunjalo bangempela bezingelosi nemimoya esebenzelayo.

1–3, Ezulwini kukhona imizimba evuswe ekufeni kanye nemizimba yomoya; 4–9, Izikhiye ziyanikwa okungabonwa ngazo izithunywa ezisuka ngale kwesi sitho.

1 Zimbili izinhlobo zabantu aezulwini, okungukuthi: bIzingelosi, okungabantu asebe cvuswe ekufeni, abanemizimba yenyama namathambo—

2 Isibonelo, uJesu wathi: Ngiphatheni futhi nibone, ngokuba umoya awunayo ainyama namathambo, njengoba ningibona nginakho.

3 Okwesibili: aimimoya ya bbantu abalungileyo abaphelelisiweyo, labo abangakavuswa ekufeni, kodwa abafumana inkazimulo efanayo.

4 Uma isithunywa sifika sithi sinomyalezo ophuma kuNkulunkulu, mnike isandla sakho futhi umcele ukuba nixhawulane.

5 Uma eyingelosi uyokwenze njalo, futhi uyosizwa isandla sakhe.

6 Uma engumoya womuntu olungileyo ophelelisiweyo uyoza esenkazimulweni yakhe; ngokuba leyo yiyona ndlela kuphela angavela ngayo—

7 Mcele ukuba nixhawulane, kodwa ngeke anyakaze, ngokuba kuphambene nohlelo lwasezulwini ukuba umuntu olungileyo akhohlise; kodwa nokho uyowuletha umyalezo wakhe.

8 Uma kungu adeveli evela njengengelosi yokukhanya, uma umcela ukuba nixhawulane uyokunika isandla sakhe kodwa ngeke uzwe lutho; uyobe usukwazi ukumbona.

9 Lezi yizikhiye ezintathu ezibalulekile kakhulu ongakwazi ukubona ongazo ukuthi uma kukhona ukusetshenzelwa ngabe kuvela kuNkulunkulu yini.