ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 13


Isahluko 13

U-Abinadi uvikelwa ngamandla kaNkulunkulu—Ufundisa imiYalelo eyiShumi—Insindiso ayizi ngomthetho kaMose kuphela—UNkulunkulu uqobo Lwakhe uzokwenza inhlawulo futhi akhulule abantu Bakhe. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje ngesikhathi inkosi isiwazwile lamazwi, yathi kubaphristi bayo: Susani lomfokazi, nimbulale; ngokuba singenzani ngaye, ngokuba uyahlanya.

2 Futhi baphumela obala bazama ukumbamba; kodwa wamelana nabo, futhi wathi kubo:

3 Ningangithinti, ngokuba uNkulunkulu uzonishaya uma nibeka izandla zenu kimi, ngokuba angikaniniki umyalezo iNkosi engithume ukuthi ngiwulethe; futhi angikanitsheli ngalokho aenicele ukuthi nginitshele khona; ngakho-ke, uNkulunkulu akanakuvuma ukuthi ngibhujiswe ngalesi sikhathi.

4 Kodwa kufanele ngigcwalise imiyalelo uNkulunkulu angiyale ngayo; futhi ngenxa yokuthi nginitshele iqiniso ningithukuthelele. Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi ngikhulume izwi likaNkulunkulu ningahlulele ngokuthi ngiyahlanya.

5 Manje kwenzeka emva kokuthi u-Abinadi esewakhulumile lamazwi abantu benkosi uNowa abalokothanga babeka izandla zabo kuye, ngokuba uMoya weNkosi wawuphezu kwakhe; futhi ubuso bakhe abakhanya ngenkazimulo enkulu, ngisho nanjengobukaMose ngesikhathi esentabeni yaseSinayi, ngesikhathi ekhuluma neNkosi.

6 Futhi wakhuluma angamandla nangegunya elivela kuNkulunkulu; futhi waqhubeka namazwi akhe, ethi:

7 Niyabona ukuthi aninamandla okungibulala, ngakho-ke ngiyawuqedela umyalezo wami. Yebo, futhi ngiyabona ukuthi alinidabula ezinhliziyweni zenu ngenxa yokuthi nginitshela iqiniso mayelana nobubi benu.

8 Yebo, futhi amazwi ami anigcwalisa ngokumangala nokwethuka, kanye nokuthukuthela.

9 Kodwa ngiyawuqedela umyalezo wami; futhi emva kwalokho akunandaba ukuthi ngiyakuphi, uma kungukuthi nje ngiyosindiswa.

10 Kodwa yilokhu enginitshela khona, lokho enikwenza kimi, emva kwalokhu, kuyokuba anjengesibonakaliso kanye nomfanekiso wezinto ezizokwenzeka.

11 Manje nginifundela insalela ayemiyalelo kaNkulunkulu, ngokuba ngiyabona ukuthi ayibhaliwe ezinhliziyweni zenu; ngiyabona ukuthi nifundile futhi nafundisa ububi isikhathi esiningi sezimpilo zenu.

12 Manje, niyakhumbula ukuthi ngithe kini: Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, noma ngabe yimuphi umfanekiso wezinto ezisezulwini phezulu, noma ezisemhlabeni ngaphansi, noma ezisemanzini ngaphansi komhlaba.

13 Futhi phezu kwalokho: Ungazikhothameli, noma uzikhonze; ngokuba mina iNkosi uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi boyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu kanye nesesine salabo abangizondayo;

14 Futhi ngikhombisa umusa kwabayizinkulungwane zalabo abangithandayo futhi nabagcina imiyalelo yami.

15 Ungaliphathi ngeze igama leNkosi uNkulunkulu wakho; ngokuba iNkosi ayizukumyeka ongenacala ophatha ngeze igama layo.

16 Khumbula ausuku lwesabatha, ukulugcina lungcwele.

17 Izinsuku eziyisithupha uyosebenza, wenze ngazo wonke umsebenzi wakho;

18 Kodwa usuku lwesikhombisa, luyisabatha lweNkosi uNkulunkulu wakho, ungenzi namuphi umsebenzi, wena, noma yindodana yakho, noma yindodakazi yakho, nenceku yakho, noma yincekukazi yakho, noma yizinkomo zakho, noma yisihambi esingaphakathi kwamasango akho.

19 Ngokuba angezinsuku eziyisithupha iNkosi yenza izulu nomhlaba, nolwandle, kanye nakho konke okukukho; ngalokho-ke iNkosi yalubusisa usuku lwesabatha, futhi yalungcwelisa.

20 aHlonipha uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni iNkosi uNkulunkulu wakho ekunike lona.

21 aUngabulali.

22 aUngaphingi. bUngebi.

23 aUngafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.

24 aUngafisi indlu kamakhelwane wakho, ungamfisi umfazi kamakhelwane wakho, noma inceku yakhe, noma incekukazi yakhe, noma inkabi yakhe, noma imbongolo yakhe, noma yini engekamakhelwane wakho.

25 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Abinadi eseyiqedile lenkulumo wathi kubo: Ngabe nibafundisile yini laba bantu ukuthi baqaphele ukwenza zonke lezi zinto ukuze bayigcine lemiyalelo na?

26 Ngithi kini, Cha; ngokuba ukuba nikwenzile lokho, iNkosi ibingenakungenza ukuthi ngize lapha futhi ngiphrofethe ngobubi mayelana nalaba bantu.

27 Manje nithe insindiso iza ngomthetho kaMose. Ngithi kini kudingekile ukuthi niwugcine aumthetho kaMose okwamanje; kodwa ngithi kini, isikhathi siyofika lapho kuyobe bkungasadingekile nanini ukugcina umthetho kaMose.

28 Futhi ngaphezu kwalokho, ngithi kini, ainsindiso ayizi bngomthetho kaMose kuphela; futhi ukuba kwakungave kungenxa cyenhlawulo, uNkulunkulu uqobo lwakhe ayoyenza ngenxa yezono kanye nobubi babantu bakhe, kufanele babhubhe ngokungavimbeleki, nakuba kukhona umthetho kaMose.

29 Manje ngithi kini kwakudingekile ukuthi kube khona umthetho onikezwa abantwana bakwa-Israyeli, yebo, ngisho umthetho aoqine kakhulu; ngokuba babengabantu abangontamolukhuni, bbeshesha ukwenza ububi, futhi bephuza ukukhumbula iNkosi uNkulunkulu wabo;

30 Ngakho-ke kwakukhona aumthetho ababenikwe wona, yebo, umthetho wezenzo kanye bnezimiso, umthetho cababezowuqaphela ngobuqotho usuku nosuku, ukuze bagcinwe ekumkhumbuleni uNkulunkulu kanye nomsebenzi wabo kuye.

31 Kodwa bhekani, ngithi kini, zonke lezi zinto azaziyizibonakaliso sezinto ezazizokwenzeka.

32 Manje, ngabe bawuqonda yini umthetho na? Ngithi kini, Cha, abawuqondanga bonke umthetho; futhi lokhu kungenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo; ngokuba abaqondanga ukuthi akunakuba khona namunye umuntu osindiswayo angaphandle kokuthi kube ngokukhululwa nguNkulunkulu.

33 Ngokuba bhekani, ngabe uMose akaphrofethanga yini kubo mayelana nokuza kukaMesiya, kanye nokuthi uNkulunkulu uyokhulula abantu bakhe na? Yebo, futhi ngisho abonke abaphrofethi abaphrofetha kusukela ekudabukeni komhlaba—abakhulumanga yini ngalokho okuthi akufane nalezi zinto na?

34 Abashongo yini ukuthi auNkulunkulu uqobo lwakhe uyokuza phansi phakathi kwabantwana babantu, athathe isimo somuntu, futhi ahambe ngamandla amakhulu phezu kobuso bomhlaba na?

35 Yebo, futhi abashongo yini ukuthi uyokwenza kube khona aukuvuka kwabafileyo, nokuthi yena, uqobo lwakhe, uyocindezelwa futhi ahlushwe na?