ImiBhalo eNgcwele
Helamani 5


Isahluko 5

UNefi kanye noLehi bazinikela ekushumayeleni—Amagama abo abakhuthaza ukuthi izimpilo zabo bazenze zifane nezokhokho babo—UKristu usindisa labo abaphendukayo—UNefi noLehi baphendula abaningi futhi bayaboshwa, futhi bazungezwa ngumlilo—Ifu lobumnyama ligubezela abantu abangamakhulu amathathu—Iphansi liyazamazama, futhi izwi liyala abantu ukuthi baphenduke—UNefi kanye noLehi bakhuluma nezingelosi, futhi isixuku sizungezwa ngumlilo. Cishe ngonyaka wama 30 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi kuwo lo nyaka, bheka, auNefi isihlalo sokwahlulela wasinika indoda igama layo okwakunguSezoramu.

2 Ngokuba njengokuba imithetho yabo kanye nemikhandlu yabo kwakumiswe angezwi labantu, futhi labo bababekhetha ububi babebaningi kakhulu kunalabo ababekhetha okuhle, ngakho-ke base belungelwe ukubhujiswa, ngokuba leyo mithetho yabe seyonakele.

3 Yebo, futhi kwakungekona lokhu kuphela; base bengabantu abangontamo lukhuni, kangangokuthi babengasakwazi ukubuseka ngomthetho noma ngokulunga, ngaphandle kokuthi kubangele ukubhujiswa kwabo.

4 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi wayesekhathele ngenxa yobubi babo; futhi awasiyekela isihlalo sokwahlulela, futhi wakubeka emahlombe akhe ukuthi ashumayele izwi likaNkulunkulu zonke izinsuku zakhe ezazisasele, futhi kanjalo nomfowabo uLehi, zonke izinsuku zakhe ezazisasele;

5 Ngokuba bawakhumbula amazwi uyise uHelamani awakhuluma kubo. Futhi lawa ngamazwi awakhuluma:

6 Bhekani, madodana ami, ngifisa ukuthi niyigcine imiyalelo kaNkulunkulu; futhi ngifuna ukuthi niwamemezele kubantu lamazwi. Bhekani, ngininikeze amagama aabazali bethu bokuqala abaphuma ezweni laseJerusalema; futhi lokhu ngikwenze ukuze kuthi uma nikhumbula amagama enu nibakhumbule; futhi kuthi uma nibakhumbula niyikhumbule nemisebenzi yabo; futhi kuthi uma nikhumbula imisebenzi yabo nazi ukuthi lokho kushiwo ngani, futhi nokuthi kubhalwewani, ukuthi bbabelungile.

7 Ngakho-ke, madodana ami, ngifisa ukuthi nenze lokho okuhle, ukuze kukhulunywe ngani, futhi nokuthi kubhalwe ngani, ngisho njengoba kukhulunyiwe futhi kubhaliwe ngabo.

8 Manje madodana ami, bhekani nginokunye okuthize engikufisayo kini, okungukuthi, ningazenzi lezi zinto ukuze niqhoshe, kodwa nizenze lezi zinto ukuze nizibekele aingcebo ezulwini, yebo, okungeyaphakade, futhi engashabalali; yebo, ukuze nithole bisipho esiyigugu sokuphila okuphakade, esinesizathu sokucabanga ukuthi sinikwe obaba bethu.

9 O khumbulani, khumbulani, madodana ami, aamazwi inkosi uBenjamini eyawakhuluma kubantu bayo; yebo, khumbulani ukuthi ayikho enye indlela noma amasu umuntu angasindiswa ngawo, kuphela bngegazi elihlwulayo likaJesu Kristu, oyokuza; yebo, khumbulani ukuthi uza cukuzokhulula dumhlaba.

10 Futhi khumbulani aamazwi u-Amuleki awakhuluma kuZeziromu, edolobheni lakwa-Amoniha; ngokuba washo kuye ukuthi iNkosi ngempela iyoza ukuzokhulula abantu bayo, kodwa ayiyikuza ukuzobakhulula besezonweni zabo, kodwa ukubakhulula ezonweni zabo.

11 Futhi inamandla anikwe kuyo avela kuBaba ukuthi ibakhulule ezonweni zabo ngenxa yokuphenduka; ngakho-ke aithumele izingelosi zayo ukuthi zimemezele izindaba zemibandela yokuphenduka, okuletha abantu emandleni oMkhululi, ngokwanele ukuba kusindiswe imiphefumulo yabo.

12 Manje, madodana ami, khumbulani, khumbulani ukuthi kuphezu akwedwala elinguMkhululi wethu, onguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, lapho okufanele nakhele khona bisisekelo senu; ukuze kuthi uma udeveli esethumela imimoya yakhe emikhulu, yebo, imicibisholo yakhe kuso isishingishane, yebo, ngesikhathi sonke isichotho sakhe kanye cnesiphepho esinamandla sesishaya kini, singabi namandla phezu kwenu ukuthi sinihudulele phansi emhosheni wokuhlupheka kanye nasosizini olungapheliyo, ngenxa yedwala enakhele kulo, eliyisisekelo esiqinile, isisekelo uma abantu bakhele kuso bengenakuwa.

13 Futhi kwenzeka ukuthi lawa kwakungamazwi uHelamani aawafundisa amadodana akhe; yebo, nempela wawafundisa eziningi izinto ezingabhaliwe, futhi kanjalo neziningi izinto ezibhaliwe.

14 Futhi nempela awakhumbula amazwi akhe; ngakho-ke ahamba, egcina imiyalelo kaNkulunkulu, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo bonke abantu baNefi, eqala edolobheni iNala;

15 Futhi kusukela ngaleso sikhathi kuya edolobheni lakwaGide; futhi kusuka edolobheni lakwaGide kuya edolobheni lakwaMuleki;

16 Futhi ngisho kusuka edolobheni kuya kwelinye, kwaze kwaba ayesehambe aya phakathi kwabantu bonke bakwaNefi ababesezweni elingaseningizimu; futhi kusukela lapho kuya ezweni lakwaZarahemla, phakathi kwamaLamani.

17 Futhi kwenzeka ukuthi nempela ashumayela ngamandla amakhulu, kangangokuthi nempela abathobisa abaningi balabo abahlubuki ababe baleke basuka kumaNefi, kangangokuthi beza phambili futhi bazivuma izono zabo futhi babhabhadiselwa ekuphendukeni, futhi ngokushesha babuyela kumaNefi ukuyozama ukulungisa okubi ababekwenzile.

18 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi kanye noLehi nempela bashumayela kumaLamani ngamandla kanye nangegunya elikhulu, ngokuba babenamandla kanye negunya ababenikezwe lona ukuze abakhulume, futhi ngokunjalo nokwakufanele bakukhulume kwakunikeziwe kubo—

19 Ngakho-ke nempela bakhuluma kumaLamani okwawamangalisa kakhulu, aokwabakholwisa, kangangokuthi kwabakhona izinkulungwane eziyisishiyangalombili zamaLamani ezazisezweni lakwaZarahemla kanye nasemazweni azungezile ezabhabhadiselwa ekuphendukeni, futhi zakholiswa ngobubi bamasiko oyise.

20 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi kanye noLehi nempela baqhubeka kusukela lapho baya ezweni lakwaNefi.

21 Futhi kwenzeka ukuthi bathathwa yibutho lamaLamani futhi baphonswa aetilongweni; yebo, ngisho kulo kanye lelo tilongo u-Amoni kanye nabafowabo ababephonswe kulo yizinceku zikaLimihi.

22 Futhi emva kokuthi sebephonswe etilongweni izinsuku eziningi ngaphandle kokudla, bheka, ahamba aya etilongweni ukuyobathatha ukuze ababulale.

23 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi kanye noLehi babezungezwe ngokwakungathi angumlilo, ngisho kangangokuthi awalokothanga abeka izandla zawo phezu kwabo, ngokwesaba ukuthi hleze ashe. Nokho, uNefi kanye noLehi abazange bashe; futhi kwakungathi bami phakathi naphakathi nomlilo futhi abazange bashe.

24 Futhi ngesikhathi bebona ukuthi babezungezwe ayinsika yomlilo, futhi nokuthi yayingabashisi, izinhliziyo zabo nempela zaba nesibindi.

25 Ngokuba babebona ukuthi amaLamani ayengenakulokotha abeke izandla zawo kubo; noma alokothe eze eduze kwabo, kodwa ema sengathi ayeyizimungulu ngenxa yokumangala.

26 Futhi kwenzeka ukuthi uNefi kanye noLehi nempela beza phambili futhi baqala ukukhuluma kuwo, bethi: Ningesabi, ngokuba bhekani, nguNkulunkulu onikhombise lento emangalisayo, enikhonjiswa ngayo ukuthi aninakukwazi ukubeka izandla zenu kithi ukusibulala.

27 Futhi bheka, ngesikhathi sebewashilo lamazwi, iphansi lazamazama kakhulu, futhi nezindonga zetilongo zazamazama kwasengathi zazizowela phansi; kodwa bheka, aziwanga. Futhi bheka labo ababesetilongweni kwakungamaLamani kanye namaNefi ayengabahlubuki.

28 Futhi kwenzeka ukuthi bagubezelwa ngefu alobumnyama, futhi ukwesaba okukhulu okubi kweza kubo.

29 Futhi kwenzeka ukuthi kweza aizwi okwakungathi lingaphezu kwefu lobumnyama, lithi: Phendukani, phendukani, futhi ningabe nisafuna nanini ukubulala izinceku zami engizithumele kini ukuthi zimemezele izindaba ezinhle.

30 Futhi kwenzeka ngesikhathi belizwa lelizwi, futhi bebona ukuthi kwakungelona izwi lokuduma, noma izwi lesiyaluyalu esikhulu somsindo, kodwa bheka, kwakuyizwi aelipholile elizothe ngokuphelele, okwakungathi lalihleba, futhi nempela lahlaba ngisho nakuwo kanye umphefumulo—

31 Futhi naphezu kokuzotha kwezwi, bheka iphansi lazamazama kakhulu, futhi izindonga zetilongo zaphinde zanyakaza, sengathi zizowela phansi; futhi bheka ifu lobumnyama, elalibagubezele alizange lisuke—

32 Futhi bheka izwi leza futhi, lithi, Phendukani, phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele; futhi ningabe nisafuna ukubulala izinceku zami nanini. Futhi kwenzeka ukuthi iphansi laphinde lazamazama, futhi nezindonga zanyakaza.

33 Futhi phezu kwalokho laphinda okwesithathu izwi leza, futhi nempela lakhuluma kubo amazwi amangalisayo angenakuphimiswa ngumuntu; futhi nempela izindonga zadikiza futhi, futhi iphansi lazamazama kwasengathi lalizohlukana phakathi naphakathi.

34 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani awakwazanga ukubaleka ngenxa yefu elimnyama elalibagubezele; yebo, futhi phezu kwalokho babenganyakazi ngenxa yokwesaba okwafika kubo.

35 Manje kwakukhona omunye phakathi kwabo owayengumNefi ngokuzalwa, owayeke waba ngowebandla likaNkulunkulu kodwa wahlubuka kubo.

36 Futhi kwenzeka ukuthi waphenduka, futhi wabheka, wabona efwini elimnyama ubuso bukaNefi benoLehi; futhi bheka, ababukhazimula kakhulu, ngisho nanjengobuso bezingelosi. Futhi wabona ukuthi babephakamisele amehlo abo ezulwini; futhi babesesimweni sengathi babekhuluma noma kukhona ababekusho emntwini othile ababembona.

37 Futhi kwenzeka ukuthi lomuntu nempela wamemeza esixukwini, ukuze naso siphenduke sibuke. Futhi bheka, kwaba khona amandla esanikezwa wona ukuthi siphenduke futhi sibuke, futhi nempela sabubona ubuso bukaNefi benoLehi.

38 Futhi sathi kulo muntu: Bheka, zisho ukuthini zonke lezi zinto, futhi ngubani lona lamadoda akhuluma naye na?

39 Manje igama lalendoda kwaku ngu-Aminadaba. Futhi u-Aminadaba wathi kubo: Bakhuluma nezingelosi zikaNkulunkulu.

40 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani athi kuye: aSizokwenzenjani, ukuze lelifu lobumnyama lisuswe ekusigubezeleni na?

41 Futhi u-Aminadaba wathi kubo: Kufanele aniphenduke, futhi nikhale kulo izwi, kuze kube niba bnokholo kuKristu, enafundiswa ngaye ngu-Alima, no-Amuleki, kanye noZeziromu; futhi uma niyokwenza lokhu, ifu lobumnyama liyosuswa ekunigubezeleni.

42 Futhi kwenzeka ukuthi bonke nempela baqala ukukhala ezwini lakhe lowo owayezamazamise iphansi; yebo, nempela bakhala ngisho kwaze kwaba ifu lobumnyama liyasuka.

43 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi bephonsa amehlo abo ngapha nangapha, futhi bebona ukuthi ifu lobumnyama lase lisukile ekubagubezeleni, bheka, babona ukuthi base abezungeziwe, yebo wonke umuntu, bezungezwe yinsika yomlilo.

44 Futhi uNefi kanye noLehi babe phakathi kwawo; yebo, base bezungeziwe; yebo, kwakungathi baphakathi naphakathi elangabini lomlilo, kodwa alizange libashise, noma libambelele ezindongeni zetilongo; futhi bagcwaliswa ngaleyo anjabulo engachazeki futhi begcwele inkazimulo.

45 Futhi bheka, auMoya oNgcwele kaNkulunkulu nempela weza wehlela phansi uvela ezulwini, futhi nempela wangena ezinhliziyweni zabo, futhi kwakungathi bagcwaliswe ngomlilo, futhi bakwazi bukukhuluma amazwi amangalisayo.

46 Futhi kwenzeka ukuthi kweza izwi kubo, yebo, izwi elithokozisayo, okwakungathi liyanyenyeza, lithi:

47 aUkuthula, ukuthula makube kini, ngenxa yokholo lwenu koThandiweyo Kakhulu wami, owayekhona kusukela ekudabukeni komhlaba.

48 Manje ngesikhathi bekuzwa lokhu baphonsa amehlo abo sengathi babefuna ukubona ukuthi laliphuma kuphi lelozwi; futhi bheka, babona aamazulu evuleka; futhi izingelosi zehlela phansi ziphuma ezulwini futhi zazobasebenzela.

49 Futhi kwakungabantu cishe abangamakhulu amathathu ababona futhi bezwa lezi izinto; futhi batshelwa ukuthi bahambe futhi bangamangali, noma bangabaze.

50 Futhi kwenzeka ukuthi nempela bahamba, futhi bafundisa abantu, bememezela ezifundazweni zonke ezizungezile zonke izinto ababezizwile kanye nababezibonile, kangangokuthi ingxenye eningi yamaLamani yakholiswa yibo, ngenxa yobukhulu bobufakazi ababebutholile.

51 Futhi ngobuningi balabo aabakholiswa nempela bazibeka phansi izikhali zabo zempi, futhi kanjalo nenzondo yabo kanye namasiko oyise.

52 Futhi kwenzeka ukuthi nempela babuyisela kumaNefi amazwe okwakungawabo.