ImiBhalo eNgcwele
Alima 40


Isahluko 40

UKristu ufeza uvuko lwabantu bonke—Abafileyo abalungileyo baya eparadesi kuthi ababi baye ebumnyameni obungaphandle ukuze bayolindela usuku lokuvuka—Zonke izinto zizobuyiselwa ohlakeni lwazo olufanele kanye noluphelele ngoVuko. Cishe ngonyaka wama 74 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje ndodana yami, nakhu okunye okumbalwa engizokusho kuwe; ngokuba ngiyabona ukuthi umqondo wakho ukhathazekile mayelana nokuvuka kwabafileyo.

2 Bheka, ngithi kuwe, akukho ukuvuka—noma, ngingathi, ngamanye amazwi, lomzimba ofayo awukugqoki aukungafi, lokhu kubola bakukugqoki ukungaboli—ckuze kube semuva kokuza kukaKristu.

3 Bheka, ufeza aukuvuka kwabafileyo. Kodwa bheka, ndodana yami, uvuko alukakafiki. Manje, ngikwembulela imfihlakalo; nokho, ziningi bizimfihlakalo cezigciniwe, okungekho namunye ozaziyo ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo. Kodwa ngizokukhombisa into eyodwa nje engiyibuze ngenkuthalo kuNkulunkulu ukuthi ngiyazi—emayelana novuko.

4 Bheka, kukhona isikhathi esibekiwe lapho bonke abeyovuka kwabafileyo. Manje ukuthi lesi sikhathi sifika nini akekho owaziyo; kodwa uNkulunkulu uyasazi isikhathi esibekiwe.

5 Manje, noma kuyoba khona isikhathi esisodwa, noma aisikhathi sesibili, noma isikhathi sesithathu, lapho abantu beyovuka kwabafileyo, akusho lutho; ngokuba uNkulunkulu buyazazi zonke lezi zinto; futhi kuyangenelisa ukuthi ngazi ukuthi yilokhu okuzokwenzeka—ukuthi kukhona isikhathi esibekiwe sokuthi bonke bayovuka kwabafileyo.

6 Manje kufanele ukuthi kube khona isikhathi phakathi kwesikhathi sokufa kanye nesikhathi sokuvuka.

7 Manje ngizobuza ukuthi kwenzekani angemiphefumulo yabantu kusukela kulesi sikhathi sokufa kuze kube yisikhathi esibekiwe sokuvuka na?

8 Manje noma ngabe kunesikhathi esingaphezulu kwesisodwa esibekelwe abantu ukuthi bavuke lokho akusho lutho; ngokuba bonke abafi ngesikhathi esisodwa, futhi lokhu akusho lutho; konke kunjengosuku olulodwa kuNkulunkulu, futhi isikhathi sibalwa ngabantu kuphela.

9 Ngalokho-ke, kukhona isikhathi esibekelwe abantu ukuthi bayovuka kwabafileyo; futhi kunesikhathi phakathi kwesikhathi sokufa kanye nesokuvuka. Manje, mayelana nalesi sikhathi, ukuthi kwenzekani ngemiphefumulo yabantu yinto engiyibuzile ngenkuthalo eNkosini ukuthi ngiyazi; futhi lena yinto engiyaziyo.

10 Futhi uma isikhathi sesifika lapho bonke beyovuka, ngaleso sikhathi bonke bayokwazi ukuthi uNkulunkulu uyazazi zonke aizikhathi azibekele umuntu.

11 Manje, mayelana nesimo somphefumulo phakathi akokufa kanye nokuvuka—Bheka, kwambuliwe kimi ngengelosi, ukuthi imiphefumulo yabo bonke abantu, masinyane ngesikhathi nje uma isuka kulomzimba ofayo, yebo, imiphefumulo yabo bonke abantu, noma ngabe ibimihle noma ibimibi, iyathathwa iyiswe bekhaya kulowo Nkulunkulu owayinika impilo.

12 Futhi ngaleso sikhathi kuyokwenzeka, ukuthi imiphefumulo yalabo abalungile yemukelwa esimweni asenjabulo, esibizwa ngokuthi byiparadesi, isimo csokuphumula, isimo dsokuthula, lapho iyophumula kuzo zonke izinkathazo zayo kanye nakho konke ukuhlupheka, kanye nosizi.

13 Futhi ngaleso sikhathi kuyokwenzeka, ukuthi imiphefumulo yababi, yebo, labo abanobubi—ngokuba bheka, ayinangxenye nasabelo soMoya weNkosi; ngokuba bheka, bona bakhetha imisebenzi yobubi kunemisebenzi emihle; ngakho-ke umoya kadeveli nempela wangena kubo, futhi wathatha ubunini bendlu yabo—futhi lena iyolahlwa aebumnyameni obungaphandle; lapho kuyoba khona bukukhala, kanye nokuhhewula, kanye nokugedla kwamazinyo, futhi lokhu ngenxa yobubi babo obukhulu, beholelwe ekuthunjweni ngentando kadeveli.

14 Manje lesi yisimo semiphefumulo ayababi, yebo, esebumnyameni, kanye nesesimweni esibi kakhulu, bsokulindela ngokwesaba ukushiswa yintukuthelo yolaka lukaNkulunkulu; ngakho-ke bahlala bekulesi csimo, kanjalo nabalungile eparadesi, kuze kube yisikhathi sokuvuka kwabo.

15 Manje, kukhona abanye abasazi ngokuthi lesi simo senjabulo kanye nalesi simo sokuhlupheka komphefumulo, esingaphambi kokuvuka, singukuvuka kokuqala. Yebo, ngiyavuma ukuthi singabizwa ngovuko, ukuvuswa komoya noma komphefumulo kanye nokuyiswa kwawo ekujabuleni noma osizini, njengokwamazwi akhulunyiwe.

16 Futhi bheka, kukhulunyiwe futhi, kwathiwa kukhona auvuko blokuqala, uvuko lwabo bonke labo ababe khona, noma abakhona, noma abayoba khona, kwehle kuze kufike ekuvukeni kukaKristu kwabafileyo.

17 Manje, asikholelwa wukuthi loluvuko lokuqala, okukhulunywa ngalo ngalendlela, kungaba wukuvuka kwemiphefumulo kanye anokuyiswa kwayo ekujabuleni noma osizini. Ungakholelwa ukuthi lokhu kusho lokho.

18 Bheka, ngithi kuwe, Cha; kodwa kuchaza ukuhlangana komphefumulo kanye nemizimba, yalabo kusukela ezinsukwini zika-Adamu kwehla kuya aekuvukeni kukaKristu.

19 Manje, noma ngabe imiphefumulo kanye nemizimba yalabo osekukhulunywe ngabo yonke iyohlanganiswa kanyekanye, ababi ngokunjalo nabalungile, angisho; makukwanelise, ukuthi ngithi yonke iyovuka, noma-ke ngamanye amazwi, ukuvuka kwabo kuyofezeka angaphambi kokuvuka kwalabo abafa emva kokuvuka kukaKristu.

20 Manje, ndodana yami, angisho ukuthi ukuvuka kwabo kuyofika ngokuvuka kukaKristu; kodwa bheka, ngikusho nje njengombono wami, ukuthi imiphefumulo kanye nemizimba iyohlangana futhi, yabalungile, ekuvukeni kukaKristu, kanye anasekwenyukeleni kwakhe ezulwini.

21 Kodwa noma ngabe kuyoba sekuvukeni kwakhe noma ngemuva, anginakusho; kodwa yilokhu engingakusho, ukuthi kukhona aisikhathi phakathi kokufa kanye nokuvuka komzimba, kanye nesimo somphefumulo besisentokozweni noma cesisosizini kuze kube yisikhathi leso esibekwe nguNkulunkulu ukuthi abafileyo bavuke, futhi baphinde bahlangane, umphefumulo kanye nomzimba, futhi dbalethwe ukuthi bazoma phambi kukaNkulunkulu, futhi bahlulelwe njengokwemisebenzi yabo.

22 Yebo, lokhu kuletha ukubuyiselwa kwalezo zinto okwakhulunywa ngazo ngemilomo yabaphrofethi.

23 aUmphefumulo buyobuyiselwa cemzimbeni, kanye nomzimba emphefumulweni; yebo, futhi wonke amalungu kanye namalunga kuyobuyiselwa emzimbeni wako; yebo, ngisho nonwele lwekhanda aliyukulahleka; kodwa zonke izinto ziyobuyiselwa ohlakeni lwazo oluyilo kanye noluphelele.

24 Manje, ndodana yami, lokhu ngukubuyiselwa aokukhulunywe ngakho ngemilomo yabaphrofethi—

25 Futhi ngaleso sikhathi abalungile bayokhazimula embusweni kaNkulunkulu.

26 Kodwa bheka, aukufa okubi kakhulu kuyeza kwababi; ngokuba bona bayafa ngokwezinto eziphathelene nezinto zokulunga; ngokuba bona bangcolile, futhi ayikho binto engcolile engakwazi ukudla ifa lombuso kaNkulunkulu; kodwa bayokhishelwa ngaphandle, futhi bahanjiswe bayodla izithelo zokusebenza kwabo noma zemisebenzi yabo, eyinkohlakalo; futhi baphuze amavovo enkomishi ebabayo.