ImiBhalo eNgcwele
Alima 13


Isahluko 13

Amadoda abizwa ukuthi abe ngabaphristi abakhulu ngenxa yokholo lwawo olukhulu kanye nemisebenzi yawo emihle—Kufanele afundise imiyalelo—Ngenxa yokwenza ukulunga ayangcweliswa futhi angena ekuphumuleni kweNkosi—UMelkisedeki wayengomunye walaba—Izingelosi zimemezela izindaba zokuthokoza ezweni lonke—Zizomemezela ukuza kwangempela kukaKristu. Cishe ngonyaka wama 82 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi phezu kwalokho, bafowethu, ngizokhuluma ngesikhathi saphambilini lapho iNkosi uNkulunkulu yanika lemiyalelo kubantwana bayo; futhi ngifuna nikhumbule ukuthi iNkosi uNkulunkulu ayagcoba abaphristi, ngokohlelo lwayo olungcwele, olwalungokohlelo lweNdodana yayo, ukuthi bazifundise lezi zinto kubantu.

2 Futhi labo baphristi bagcotshwa angokohlelo lweNdodana yayo, bngendlela yokuthi abantu bazi ukuthi kungayiphi indlela abangabheka phambili ngayo eNdodaneni yayo ukuze bakhululwe.

3 Futhi lena yindlela abagcotshwa ngayo—abebiziwe futhi bbalungiselelwa kusukela cekusekelweni komhlaba dngokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu, ngenxa yokholo lwabo olukhulu kanye nemisebenzi yabo emihle; okokuqala beshiywe ukuthi ebazikhethele okuhle noma okubi; ngakho-ke bona sebekhethe okuhle, futhi bebe fnokholo olukhulu kakhulu, gbabizwa ngobizo olungcwele, yebo, ngalolo bizo olungcwele olwalulungisiwe, kanye nangokukhululwa okulungiselelwe abanjalo.

4 Futhi ngalendlela ababizelwe kulolubizo olungcwele ngenxa yokholo lwabo, bebe abanye bewenqaba uMoya kaNkulunkulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo kanye nobumpumputhe bezingqondo zabo, kanti, ukuba kwakungekhona ukuthi kwakungenxa yalokhu babengaba bnelungelo elikhulu njengabafowabo.

5 Noma-ke ukuphetha, okokuqala babese asimweni esifanayo nabafowabo; ngaleyondlela lolubizo olungcwele lulungisiwe kusukela ekusekelweni komhlaba lulungiselwe labo abangenakuzenza lukhuni izinhliziyo zabo, lukuyo futhi lungenhlawulo yeNdodana eZelwe Yodwa, eyayilungisiwe—

6 Futhi ngalendlela bebizwe ngalolubizo olungcwele, futhi bagcotshelwa kubo ubuphristi obukhulu bohlelo olungcwele lukaNkulunkulu, ukuthi bafundise imiyalelo yakhe kubantwana babantu, ukuze nabo ngokunjalo bangene aekuphumuleni kwakhe—

7 Lobuphristi obukhulu obungokohlelo lweNdodana yakhe, oselokhu lwabakhona kusukela ekusekelweni komhlaba; noma ngamanye amazwi, aolungenasiqalo sazinsuku nasiphetho seminyaka, lulungiswe kusukela phakade kuya kulo lonke iphakade, bngokwazi kwakhe ngaphambili kwezinto zonke—

8 Manje abagcotshwa ngalendlela—bebizwe ngobizo olungcwele, futhi bagcotshwa ngesimiso esingcwele, futhi bethatha ubuphristi obukhulu bohlelo olungcwele, lolo bizo, nesimiso, kanye nobuphristi obukhulu, okungenasiqalo nasiphetho—

9 Ngaleyo ndlela baba ngaba aphristi abakhulu ingunaphakade, ngokohlelo lweNdodana, eZelwe Yodwa kaBaba, engenasiqalo sazinsuku nasiphetho seminyaka, egcwele bumusa, ukulunga, kanye neqiniso. Futhi kunjalo. Amen.

10 Manje, njengoba ngishilo mayelana nohlelo olungcwele, noma ngalobu abuphristi obukhulu, babebaningi abagcotshwa baba ngabaphristi abakhulu baNkulunkulu; futhi kwakungenxa yokholo lwabo olukhulu kanye bnokuphenduka kwabo, kanye nokulunga kwabo phambi kukaNkulunkulu, ngenxa yokuthi bekhethe ukuphenduka nokusebenza ukulunga kunokuba balahleke;

11 Ngakho-ke babizwa ngokwaloluhlelo olungcwele, futhi abangcweliswa, futhi bizingubo zabo zahlanzwa zaba mhlophe egazini leMvana.

12 Manje bona, emva kokuthi asebengcwelisiwe ngo bMoya oyiNgcwele, izingubo zabo sezenziwe zaba mhlophe, cbemsulwa futhi bengasenabala phambi kukaNkulunkulu, abakwazanga ukusibuka disono ngaphandle ekokusenyanya; futhi babebaningi, bebaningi kakhulu ngokwedlulele, ababenziwe bamsulwa futhi bangeniswa ekuphumuleni kweNkosi uNkulunkulu wabo.

13 Manje, bafowethu, ngifuna ukuthi nizithobe phambi kukaNkulunkulu, nilethe aizithelo ezinhle zokuphenduka, ukuze nani ningene kulokho kuphumula.

14 Yebo, zithobeni ngisho nanjengabantu ngezinsuku zika aMelkisedeki, naye owayengumphristi omkhulu ngokwaloluhlelo engikhulume ngalo, naye owabuthatha ubuphristi obukhulu ingunaphakade.

15 Futhi kwakunguye kanye lo Melkisedeki u-aAbrahama ayekhokha kuye bokweshumi; yebo, ngisho nobaba wethu u-Abrahama wakukhokha okweshumi okuyinxenye eyodwa eshumini kwakho konke ayenakho.

16 Manje lezi azimiso zazinikezwe ngayo lendlela, ukuze ngazo abantu babheke phambili eNdodaneni kaNkulunkulu, lokho okwakuwu bhlobo lohlelo lwayo, noma okwakuwuhlelo lwayo, futhi ngalokhu ukuze babheke phambili kuyo ukuze bathole ukuthethelelwa kwezono zabo, ukuze bangene ekuphumuleni kweNkosi.

17 Manje lo Melkisedeki wayeyinkosi ezweni laseSalema; futhi abantu bakhe base bekhule baqina ebubini kanye nasezinengisweni; yebo, bonke babedukile; babegcwele lonke uhlobo lwenkohlakalo;

18 Kodwa uMelkisedeki esebenzise ukholo olukhulu, futhi emukele isikhundla sobuphristi obukhulu ngoko ahlelo olungcwele lukaNkulunkulu, nempela wakushumayela ukuphenduka kubantu bakhe. Futhi bheka, nempela baphenduka; futhi uMelkisedeki nempela wakwenza ukuthula kulelozwe ezinsukwini zakhe; ngakho-ke wabizwa ngenkosi yokuthula, ngokuba wayeyinkosi yaseSalema; futhi nempela wabusa ngaphansi kukayise.

19 Manje, ababebaningi ngaphambi kwakhe, futhi phezu kwalokho babebaningi nasemva kwalokho, kodwa kwakungekho bnamunye owayemedlula ngobukhulu; ngakho-ke, kungakho kwabalulwa kakhulu ngaye.

20 Manje akudingekile ngiyiphindaphinde lendaba; lokho esengikushilo sekwanele. Bhekani, aimibhalo engcwele iphambi kwenu; uma bniyihlanekezela kuyobangela ukonakaliswa kwenu.

21 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima esewashilo lamazwi kubo, welulela isandla sakhe kubo wamemeza ngezwi elikhulu, ethi: Manje sekuyisikhathi asokuphenduka, ngokuba usuku lokusindiswa selusondele.

22 Yebo, futhi izwi leNkosi, angomlomo wezingelosi, liyakumemezela lokhu kuzo zonke izizwe; yebo, liyakumemezela, ukuze zizwe izindaba ezimnandi zokuthokoza okukhulu; yebo, futhi iyazimemezela lezi zindaba zokuthokoza phakathi kwabantu bonke, yebo, ngisho nakubo labo abachitheke ndawozonke phezu kobuso bomhlaba; ngalokho-ke sezifikile kithi.

23 Futhi saziswe zona angokucacile, ukuze siziqonde, ukuze singabe sisaphambuka; futhi lokhu kwenziwa ngenxa yokuthi singaba bzulazulayo ezweni elingaziwa; ngakho-ke, ngalendlela sithandwe kakhulu, ngokuba sizizwile lezi zindaba zokuthokoza zimenyezelwa kithi kuzo zonke izinxenye zesivini sethu.

24 Ngokuba bhekani, aizingelosi ziyazimemezela kwabaningi ngalesi sikhathi ezweni lethu; futhi lokhu kungesizathu sokulungiselela izinhliziyo zabantwana babantu ukuthi bemukele izwi layo ngesikhathi sokuza kwayo enkazimulweni yayo.

25 Manje sesilindele kuphela ukuzwa izindaba ezijabulisayo zimenyezelwa kithi ngomlomo wezingelosi, ngokuza kwayo; ngokuba isikhathi siyeza, aasazi ukuthi siseduzane kangakanani. Ngiyacela kuNkulunkulu ukuthi kube ngosuku lwami; kodwa makube manje noma emva kwesikhashana, kukho ngiyothokoza.

26 Futhi kuyokwaziswa akubantu abalungileyo nabangcwele, ngomlomo wezingelosi, ngesikhathi sokuza kwayo, ukuze amazwi obaba bethu agcwaliseke, njengalokho bakukhuluma mayelana nayo, okwakungesiphrofetho sikamoya owawu kubo.

27 Manje, bafowethu, anginesifiso ekujuleni kwenhliziyo yami, yebo, ngentshisekelo enkulu ngisho nangobuhlungu, ukuthi niwezwe amazwi ami, futhi niziyeke izono zenu, futhi ningaluhlehlisi usuku lokuphenduka kwenu.

28 Kodwa nizithobe phambi kweNkosi, futhi nibize igama layo elingcwele, aniqaphele futhi nithandaze njalonjalo, ukuze bningalingwa ngaphezulu kwalokho eningakubekezelela, futhi ngaleyondlela niholwe nguMoya oyiNgcwele, nizithobe, cnizehlise, nivume, nibekezele, nigcwale uthando kanye nakho konke ukuba nenhliziyo ende.

29 aNinokholo eNkosini; ninethemba lokuthi niyozuza ukuphila okuphakade; bninothando lukaNkulunkulu njalo ezinhliziyweni zenu, ukuze niphakanyiswe ngosuku lokugcina futhi ningene cekuphumuleni kwakhe.

30 Futhi sengathi iNkosi inganinika ukuphenduka, ukuze ningayehliseli intukuthelo yayo phezu kwenu, ukuze ningaboshelwa phansi ngamaketanga aesihogo, ukuze ningakuzwa bukufa kwesibili.

31 Futhi u-Alima wakhuluma amazwi amaningi kakhulu kulaba bantu, angabhaliwe kulencwadi.