ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 9


Isahluko 9

UJakobe uyachaza ukuthi amaJuda ayoqoqwa kuwo wonke amazwe awo esethembiso—INhlawulo ihlenga umuntu ekuWeni—Imizimba yabafileyo iyophuma emathuneni, nemimoya yabo iphume esihogweni naseparadesi—Bayokwahlulelwa—INhlawulo isindisa ekufeni, esihogweni, kudeveli, nasenhluphekweni engapheliyo—Abalungile bayosindiswa embusweni kaNkulunkulu—Izijeziso zezono zibekwa obala—ONgcwele ka-Israyeli ungumgcini wesango. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, bafowethu abathandekayo, nginifundele lezi zinto ukuze nazi ngokuphathelene anezivumelwano zeNkosi eyavumelana ngazo nayo yonke indlu ka-Israyeli—

2 Ezikhulumileyo kumaJuda, ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele, ngisho kusukela ekuqaleni kuya ezansi, isizukulwane ngesizukulwane, kuze kufike isikhathi lapho abeyobuyiselwa ebandleni leqiniso kanye nakuso isibaya sikaNkulunkulu; lapho bbeyoqoqelwa ekhaya cemazweni ayifa abo, futhi bamiswe kuwo wonke amazwe abo esethembiso.

3 Bhekani, bafowethu abathandekayo, ngikhuluma kini lezi zinto ukuze nithokoze, futhi aniphakamise amakhanda enu ingunaphakade, ngenxa yezibusiso iNkosi uNkulunkulu eyozinika abantwana benu.

4 Ngokuba ngiyazi ukuthi nifune kakhulu, iningi lenu, ukwazi ngezinto ezisazokwenzeka; ngalokho-ke ngiyazi ukuthi niyazi ukuthi inyama yethu kufanele iguge futhi ife; nokho, aemizimbeni yethu siyombona uNkulunkulu.

5 Yebo, ngiyazi ukuthi niyazi ukuthi uyoziveza kubo labo abaseJerusalema, lapho saphuma khona; ngokuba kudingekile ukuthi kube phakathi kwabo; ngokuba kudingekile ukuthi auMdali omkhulu avume ukuba ngaphansi komuntu esenyameni, futhi afele bbonke abantu, ukuze bonke abantu babe ngaphansi kwakhe.

6 Njengokuba ukufa kufikile kubo bonke abantu, ukuze kugcwaliseke aisu lomusa loMdali omkhulu, kufanele kube khona amandla bokuvuka, futhi ukuvuka kufanele ukuthi kufike kumuntu ngesizathu csokuwa; futhi ukuwa kwafika ngesizathu sesiphambeko; futhi ngenxa yokuthi umuntu wawa babe dsebehlukaniswa neNkosi.

7 Ngalokho-ke, kufanele kube khona ainhlawulo bengapheliyo—ngaphandle kokuthi kube khona inhlawulo engapheliyo lokhu okubolayo kungeke kwembathe ukungaboli. Ngalokho-ke, cisahlulelo sokuqala esafika kumuntu kwakufanele ukuthi dsihlale isikhathi esingapheliyo. Futhi uma kunjalo, lomzimba kufanele ulale phansi ukuze ubole futhi ubuthukele kunina womhlaba, ungabe usavuka nanini.

8 O aukuhlakanipha kukaNkulunkulu, bumusa kanye cnesihawu sakhe! Ngokuba bheka, uma dinyama ingasenakuvuka nanini imimoya yethu kufanele ibe ngaphansi kwaleyo ngelosi eeyawa phambi kukaNkulunkulu ongunaPhakade, futhi yaba fngudeveli, ukuthi ingabe isavuka nanini.

9 Futhi imimoya yethu bekufanele ifane naye, futhi sibe ngodeveli, aizingelosi kudeveli, bsivalelwe ngaphandle lapho kukhona khona uNkulunkulu wethu, futhi sihlale noyise cwamanga, osizini, njengaye uqobo; yebo, kuye lowo muntu dowakhohlisa abazali bethu bokuqala, eoziguqula acishe afane fnengelosi yokukhanya, futhi ophehlela abantwana babantu gemaqenjini ayimfihlo okubulala kanye nazo zonke izindlela eziyimfihlo zemisebenzi yobumnyama.

10 O bukhulu kangakanani ubuhle bukaNkulunkulu wethu, osilungiselela indlela yethu yokuphunyuka ekubanjweni yilesi silwane esikhulu esesabekayo; yebo, leso silwane esikhulu, aukufa bnesihogo, engisibiza ngokufa komzimba, futhi ngokunjalo nokufa kukamoya.

11 Futhi ngenxa yendlela ayokukhululwa nguNkulunkulu wethu, oNgcwele ka-Israyeli, blokufa, lokhu esengikhulume ngakho, okungokwesikhashana, kuyokhulula abafileyo bakho, lokho kufa okuyithuna.

12 Futhi alokufa esengikhulume ngakho, okungukufa kukamoya, kuyokhulula abafileyo bakho; lokho kufa komoya bokuyisihogo; ngalokho-ke, ukufa kanye nesihogo kufanele kukhulule abafileyo bakho, isihogo kufanele sikhulule imimoya yaso esekuthunjweni, ithuna kufanele likhulule imizimba yalo esekuthunjweni, futhi imizimba kanye cnemimoya yabantu diyobuyiselwa omunye komunye; futhi kungamandla okuvuka koNgcwele ka-Israyeli.

13 O likhulu kangakanani aisu likaNkulunkulu wethu! Ngokuba ngakolunye uhlangothi, biparadesi likaNkulunkulu kufanele likhulule imimoya yabalungileyo, ithuna likhulule umzimba wolungileyo; futhi umoya kanye nomzimba ckubuyiselwe kukho uqobo lwakho futhi, futhi bonke abantu babe nokungaboli futhi dbangafi, futhi babe ngabantu abaphilayo, babe enolwazi folupheleleyo njengathi esisenyameni, ngaphandle nje kokuthi ulwazi lwethu luyopheleliswa.

14 Ngalokho-ke, siyoba anolwazi olupheleleyo ngakho konke bukuba necala kwethu, kanye nokungahlanzeki kwethu, kanye cnobuze bethu; futhi abalungileyo bayoba nolwazi olupheleleyo lwentokozo yabo, kanye dnokulunga kwabo, futhi ebembeswe fngokucweba, yebo, ngisho gnangengubo yokulunga.

15 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngesikhathi bonke abantu sebedlulile kulokhu kufa kokuqala baya ekuphileni, kangangokuthi sebengasenakufa, kufanele bavele phambi akwesihlalo sokwahlulela soNgcwele ka-Israyeli; emva kwalokho kuza bukwahlulela, futhi emva kwalokho kufanele bahlulelwe ngokwahlulelwa okungcwele kukaNkulunkulu.

16 Futhi ngeqiniso, njengoba iNkosi iphila, ngokuba iNkosi uNkulunkulu ikukhulumile lokhu, futhi akuyizwi layo laphakade, elingasoze bladlula, lokuthi labo abalungileyo bayolunga njalo, futhi labo cabangcolileyo dbayongcola njalo; ngalokho-ke, labo abangcolileyo ebangudeveli kanye nezingelosi zakhe; futhi bayokuya femlilweni waphakade, olungiselwe bona; futhi ukuhlupheka kwabo gkunjengechibi lomlilo kanye nesibabuli, ilangabi laso elikhuphukela phezulu phakade naphakade futhi lingenamkhawulo.

17 O ubukhulu kanye anokulunga kukaNkulunkulu wethu! Ngokuba uyawenza wonke amazwi akhe, futhi aphume emlonyeni wakhe, futhi umthetho wakhe kufanele ugcwaliseke.

18 Kepha, bheka, abalungileyo, aabangcwele boNgcwele ka-Israyeli, labo abakholwayo kuye oNgcwele ka-Israyeli, labo abazibekezelele bizinhlupheko zomhlaba, futhi bangazinaka izethuko zawo, cbayodla ifa dlombuso kaNkulunkulu, elalungiselwa bona ekusukela ekusekelweni somhlaba, futhi ukuthokoza kwabo kuyogcwala fingunaphakade.

19 O ubukhulu bomusa kaNkulunkulu wethu, oNgcwele ka-Israyeli! Ngokuba aukhulula abangcwele bakhe kuso leso bsilwane esesabekayo udeveli, kanye nokufa, kanye cnesihogo, kanye nakulelo chibi lomlilo kanye nesibabuli, elingukuhlupheka okungapheliyo.

20 O bukhulu kangakanani aubungcwele bukaNkulunkulu wethu! Ngokuba yena bwazi zonke izinto, futhi akukho nto ngaphandle kokuba yena eyazi.

21 Futhi uza emhlabeni ukuze aasindise bonke abantu uma beyolilalela izwi lakhe; ngokuba bheka, uzwa bubuhlungu babantu bonke, yebo, ubuhlungu bazo zonke izidalwa eziphilayo, abesilisa, abesifazane, kanye nabantwana, abangabomndeni ka-cAdamu.

22 Futhi uzwa lokhu ukuze ukuvuka kuze kubo bonke abantu, ukuze bonke bame phambi kwakhe osukwini olukhulu nolokwahlulelwa.

23 Futhi uyala bonke abantu ukuthi kufanele abaphenduke, futhi bbabhabhadiswe egameni lakhe, babe nokukholwa okupheleleyo kuye oNgcwele ka-Israyeli, noma ngeke basindiswe embusweni kaNkulunkulu.

24 Futhi uma bengezukuphenduka bakholwe aegameni lakhe, futhi babhabhadiswe egameni lakhe, futhi bbabekezele kuze kube sekupheleni, kufanele cbavinjelwe; ngokuba iNkosi uNkulunkulu, oNgcwele ka-Israyeli, ukukhulumile lokhu.

25 Ngalokho-ke, unikeze aumthetho; futhi lapho bkungekho mthetho onikiwe asikho isijeziso; futhi lapho kungekho sijeziso akukho ukubekwa icala; futhi lapho kungekho ukubekwa icala umusa woNgcwele ka-Israyeli ubabizela kuye, ngenxa yenhlawulo; ngokuba bakhululwa ngamandla akhe.

26 Ngokuba ainhlawulo yanelisa izimfuno bbokulunga kwakhe kubo bonke labo cabangenawo dumthetho onikeziwe kubo, ukuze bakhululwe kuleso silwane esesabekayo, ukufa kanye nesihogo, nodeveli, nechibi lomlilo nesibabuli, elingukuhlupheka okungapheliyo; futhi babuyiselwa kulowo Nkulunkulu owabanika eumphefumulo, ongoNgcwele ka-Israyeli.

27 Kepha maye kuye lowo onikiwe aumthetho, yebo, lowo onayo yonke imiyalelo kaNkulunkulu, njengathi, futhi lowo oyephulayo, futhi lowo ochitha izinsuku zokuvivinywa kwakhe, ngokuba isimo sakhe siyesabeka!

28 O alelosu lobuqili lomubi! O bubuze, kanye nobuntengentenge, nobuwula babantu! Uma csebefundile bacabanga ukuthi dbahlakaniphile, futhi abasilaleli eiseluleko sikaNkulunkulu, ngokuba basibeka eceleni, becabanga ukuthi bayazi, ngalokho-ke, ukuhlakanipha kwabo kuwubuwula futhi akunanzuzo kubo. Futhi bayobhubha.

29 Kepha ukufunda kuhle uma abelalela bizeluleko zikaNkulunkulu.

30 Kepha maye kuzo aizicebi, ezicebile ngokwezinto zomhlaba. Ngokuba ngenxa yokuthi zicebile zidelela babampofu, futhi zihluphe abamnene, futhi izinhliziyo zazo zisengcebweni yazo; ngalokho-ke, ingcebo yazo ingunkulunkulu wazo. Futhi bheka, ingcebo yazo iyobhubha kanye nazo futhi.

31 Futhi maye kuzo izithuli aezingenakuzwa; ngokuba ziyobhubha.

32 Maye kuzo izimpumputhe ezingenakubona; ngokuba nazo ziyobhubha futhi.

33 Maye kubo abangasokile enhliziyweni, ngokuba ulwazi lobubi babo luyobashaya ngosuku lokugcina.

34 Maye kuye aumqambimanga, ngokuba uyophonswa phansi besihogweni.

35 Maye kuye umbulali aobulala ngabomu, ngokuba buyokufa.

36 Maye kubo labo abenza aubufebe, ngokuba bayophonswa phansi esihogweni.

37 Yebo, maye kubo labo aabakhonza izithixo, ngokuba udeveli wabo bonke odeveli uyathokoza ngabo.

38 Futhi, ukuphetha, maye kubo bonke labo abafela ezonweni zabo; ngokuba abayobuyela kuNkulunkulu, futhi babone ubuso bakhe, futhi bahlale ezonweni zabo.

39 O, bafowethu abathandekayo, khumbulani ukwesabeka kokona lowo Nkulunkulu oyiNgcwele, futhi ngokunjalo nokwesabeka kokuvumela iziyengo zalowo aoyiqili. Khumbulani, bukunaka okwasemhlabeni cwukufa, futhi ukunaka okukamoya dngukuphila eokuphakade.

40 O, bafowethu abathandekayo, nikani indlebe emazwini ami. Khumbulani ubukhulu boNgcwele ka-Israyeli. Ningasho ukuthi ngikhulume izinto ezilukhuni ngokumelene nani; ngokuba uma nisho kanjalo, niyolithuka aiqiniso; ngokuba ngikhulume amazwi oMenzi wenu. Ngiyazi ukuthi amazwi ayiqiniso banzima kukho konke ukungcola; kepha abalungileyo abawesabi, ngokuba bayalithanda iqiniso futhi abanyakaziseki.

41 O uma kunjalo, bafowethu abathandekayo, awozani eNkosini, koNgcwele. Khumbulani ukuthi izindlela zakhe zilungile. Bhekani, bindlela yomuntu cincane, kepha isemzileni oqondile phambi kwakhe, futhi umgcini dsango nguye oNgcwele ka-Israyeli, futhi akaqashe sisebenzi lapho; futhi ayikho enye indlela ngaphandle kwaleyo esesangweni; ngokuba yena akanakukhohliswa, ngokuba iNkosi uNkulunkulu yigama lakhe.

42 Futhi lowo ongqongqothayo, uyomvulela; futhi aabahlakaniphile, kanye nabafundileyo, kanye nalabo abacebileyo, labo babakhukhumele ngenxa yokufunda kwabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, kanye nengcebo yabo—yebo, yibo labo angabanaki; futhi ngaphandle kokuthi balahle lezi zinto kude, futhi bazibone cnjengeziwula phambi kukaNkulunkulu, futhi behlele phansi ezinzulwini dzokuthobeka, akanakubavulela.

43 Kepha izinto zabahlakaniphile kanye nabanokuqonda aziyofihlwa kubo ingunaphakade—yebo, lokho kuthokoza okulungiselwe abangcwele.

44 O, bafowethu abathandekayo, khumbulani amazwi ami. Bhekani, ngikhumula izembatho zami, futhi ngiyazithintitha phambi kwenu; ngithandaza uNkulunkulu wensindiso yami ukuthi angibheke angeso lakhe elifuna konke; ngalokho-ke, niyokwazi ngosuku lokugcina, lapho bonke abantu beyokwahlulelwa ngemisebenzi yabo, ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli nempela wabona ukuthi bngabuthintitha ububi benu emphefumulweni wami, futhi nokuthi ngimi ngimsulwa phambi kwakhe, futhi cngilisusile igazi lenu.

45 O, bafowethu abathandekayo, shiyani izono zenu; thintithani aamaketanga akhe lowo ofuna ukunibopha aniqinise; wozani kulowo Nkulunkulu boyidwala lensindiso yenu.

46 Lungiselelani imiphefumulo yenu lolo suku lwenkazimulo lapho aukulunga kuyonikwa abalungileyo, ngisho usuku blokwahlulela, ukuze ningashwabaniswa wuvalo olwesabekayo; ukuze ningakhumbuli cukuba necala kwenu okwesabekayo ngokupheleleyo, futhi niphoqeleke ukuthi nimemeze nithi: Zingcwele, zingcwele izahlulelo zakho, O Nkosi Nkulunkulu dSomandla—kodwa ngiyakwazi ukona kwami; ngiwuphulile umthetho wakho, futhi ukona kwami kungokwami; futhi udeveli ungitholile, ukuze ngibe yinyama osizini lwakhe olukhulu.

47 Kepha bhekani, bafowethu, kudingekile yini ukuthi nginivuse ngalamaqiniso asabekayo alezi zinto na? Bengingayivukuza yini imiphefumulo yenu ukuba imiqondo yenu beyimsulwa na? Bengingaba yini sobala kini njengokuba sobala kweqiniso ukuba benikhululiwe esonweni na?

48 Bhekani, ukuba beningcwele bengiyokhuluma kini ngobungcwele; kodwa njengoba ningekho ngcwele, futhi ningibuka njengomfundisi, kudingekile ukuthi anginifundise imiphumela byesono.

49 Bhekani, umphefumulo wami uyasenyanya isono, futhi inhliziyo yami iyathokoza ngokulunga; futhi angiyolidumisa igama elingcwele likaNkulunkulu wami.

50 Wozani, bafowethu, nonke nina enomileyo, wozani aemanzini; futhi ongenamali, makeze azothenga futhi adle; yebo, woza uthenge iwayini kanye nobisi ngaphandle bkwemali futhi nangaphandle kwentengo.

51 Ngalokho-ke, musani ukuchitha imali ngalokho okungenamsebenzi, noma anisebenzele lokho okungenakunanelisa. Ngilaleleni ngokukhuthala, futhi niwakhumbule amazwi engiwakhulumile; futhi nize koNgcwele ka-Israyeli, futhi bnizitike ngalokho okungayikubhubha, noma okungayikonakala, futhi nivumele imiphefumulo yenu ithokoze ngamanoni.

52 Bhekani, bafowethu abathandekayo, khumbulani amazwi kaNkulunkulu wenu; thandazani kuye njalonjalo emini, futhi anibonge igama lakhe elingcwele ngobusuku. Izinhliziyo zenu mazithokoze.

53 Futhi bhekani zinkulu kangakanani aizivumelwano zeNkosi, futhi kukhulu kangakanani ukuzehlisa kwayo kubantwana babantu; futhi ngenxa yobukhulu bayo, kanye nesihawu kanye bnomusa wayo, isethembisile ukuthi inzalo yethu ngeke ibhujiswe nya, ngokwasenyameni, kodwa ukuthi iyoyigcina, futhi ezizukulwaneni ezizayo iyokuba cyigatsha elilungileyo endlini ka-Israyeli.

54 Manje, bafowethu, ngifuna ukukhuluma nani kabanzi; kepha kusasa ngizonazisa insalela yamazwi ami. Amen.