ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 3


Isahluko 3

UJosefa eseGibithe wawabona amaNefi ngombono—Waphrofetha ngoJoseph Smith, umboni wezinsuku zokugcina; ngoMose, lowo owayezokhulula u-Israyeli, kanye nangokuvela kweNcwadi kaMormoni. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje sengikhuluma kuwe, Josefa, athumbu wami. Wena wazalelwa ehlane lezinkathazo zami; yebo, ezinsukwini zosizi lwami olukhulu kakhulu nempela umama wakho wakuzala.

2 Futhi sengathi iNkosi ingakungcwelisela lona nawe alelizwe, okuyizwe eliyigugu kakhulu, libe yifa lakho kanye nefa lenzalo yakho kanye nabafowenu, ukuze nivikeleke ingunaphakade, uma kungukuthi niyoyigcina imiyalelo yoNgcwele ka-Israyeli.

3 Manje, Josefa, thumbu wami, engamkhipha ehlane lezinkathazo zami, sengathi iNkosi ingakubusisa ingunaphakade, ngokuba inzalo yakho ngeke aibhujiswe iphele nya.

4 Ngokuba bheka, uyinzalo yokhalo lwami; futhi mina ngiyisizukulwane asikaJosefa owathwalwa bwathunjelwa eGibithe. Futhi zazi zinkulu izivumelwano zeNkosi eyazenza noJosefa.

5 Ngalokho-ke, uJosefa ngempela awalubona usuku lwethu. Futhi wathola isethembiso eNkosini, sokuthi kuyo inzalo yokhalo lwakhe iNkosi uNkulunkulu iyovusa bigatsha celilungileyo kuyo indlu ka-Israyeli; hhayi uMesiya, kodwa igatsha elalizohleshulwa, nokho, ukuthi likhunjulwe ezivumelwaneni zeNkosi kangangoba duMesiya uyobonakaliswa kubo ezinsukwini zokugcina, ngamandla, ukuze baphume eebumnyameni babe sekukhanyeni—yebo, baphume ebumnyameni abakubo bengazi futhi baphume ekuthunjweni baye enkululekweni.

6 Ngokuba uJosefa ngempela wafakaza, ethi: aUmboni iNkosi uNkulunkulu wami iyomvusa, oyokuba ngumboni okhethiweyo kuyo inzalo yokhalo blwami.

7 Yebo, uJosefa ngempela wathi: Isho kanje iNkosi kimi: aUmboni okhethiweyo ngizomvusa uyophuma kuyo inzalo yokhalo lwakho; futhi uyokwaziswa kakhulu phakathi kwenzalo yokhalo lwakho. Futhi ngiyomnika umyalelo wokuthi uyokwenza umsebenzi wenzalo yokhalo lwakho, abafowabo, oyokuba ngobalulekile kakhulu kubo, ngisho nasekubaziseni ngezivumelwano engazenza koyihlo.

8 Futhi ngiyomnika umyalelo wokuthi akayikwenza anamuphi omunye umsebenzi, ngaphandle komsebenzi lowo engiyomyala ngawo. Futhi ngiyomenza abe mkhulu emehlweni ami; ngokuba uyokwenza umsebenzi wami.

9 Futhi uyokuba mkhulu anjengoMose, engathi ngiyonivusela yena, ukuze bakhulule abantu bami, O ndlu ka-Israyeli.

10 Futhi uMose ngizomvusa, ukuze akhulule abantu bakho baphume ezweni laseGibithe.

11 Kodwa umboni ngizokumvusa kuyo inzalo yokhalo lwakho; futhi ngizomnikeza aamandla okuthi alethe izwi lami kuyo inzalo yokhalo lwakho—futhi hhayi ukuletha izwi lami kuphela, kusho iNkosi, kepha ukubakholwisa ngezwi lami, eliyobe selivele selazisiwe phakathi kwabo.

12 Ngalokho-ke, inzalo yokhalo lwakho aiyobhala; ngokunjalo nenzalo yokhalo blukaJuda ciyobhala; futhi lokho okuyobhalwa yinzalo yokhalo lwakho, ngokunjalo nalokho okuyobhalwa yinzalo yokhalo lukaJuda, kuyokhula ndawonye, ukuze dkuphikise izimfundiso zamanga futhi kuqede imibango, futhi kulethe ukuthula phakathi kwenzalo yokhalo lwakho, kanye enokuyiletha folwazini lokhokho babo ezinsukwini zokugcina, futhi ngokunjalo nasolwazini lwezivumelwano zami, kusho iNkosi.

13 Futhi ebuthakathakeni uyokwenziwa abe namandla, ngalolo suku ngesikhathi umsebenzi wami usuqala phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze nibuyiselwe, O ndlu ka-Israyeli, kusho iNkosi.

14 Futhi waphrofetha kanje uJosefa, ethi: Bheka, lowo mboni iNkosi iyombusisa; futhi labo abayofuna ukumbulala bayobhujiswa; ngokuba lesi sethembiso, engisithole eNkosini, ngenzalo yokhalo lwami, siyogcwaliseka. Bheka, nginesiqiniseko ngokugcwaliseka kwalesi sethembiso;

15 Futhi aigama lakhe liyobizwa ngami; futhi liyokuba byigama likayise. Futhi uyokuba njengami; ngokuba leyonto, iNkosi eyoyiletha ngesandla sakhe, ngamandla eNkosi iyoletha abantu bami ensindisweni.

16 Yebo, waphrofetha kanjalo-ke uJosefa ethi: Nginesiqiniseko ngalento, ngisho nanjengoba nginesiqiniseko ngesethembiso sikaMose; ngokuba iNkosi ithe kimi, angiyoyigcina inzalo yakho ingunaphakade.

17 Futhi iNkosi ithe: Ngiyovusa uMose; futhi ngizomnikeza amandla endukwini; futhi ngiyomnikeza ukwahlulela ngombhalo. Kepha ngeke ngilukhulule ulimi lwakhe, ukuthi akhulume kakhulu, ngokuba angiyiku menza abe yiciko ekukhulumeni. Kepha angiyombhalela umthetho wami, ngomunwe wesandla sami uqobo; futhi ngiyomenzela bumkhulumeli wakhe.

18 Futhi iNkosi yaphinda yathi kimi: Ngizovusa kuyo inzalo yokhalo lwakho; futhi ngizomenzela umkhulumeli. Futhi, bheka, ngizomnikeza ukuthi abhale umbhalo wenzalo yokhalo lwakho, abhalele inzalo yokhalo lwakho, futhi umkhulumeli wenzalo yokhalo lwakho uyokumemezela lokho.

19 Futhi amazwi ayowabhala ayokuba ngamazwi afanelekile ngokuhlakanipha kwami ukuthi adluliselwe kuyo ainzalo yokhalo lwakho. Futhi kuyokuba sengathi inzalo yokhalo lwakho ikhale kubo bisothulini; ngokuba ngiyalwazi ukholo lwabo.

20 Futhi aiyokhala isothulini; yebo, ngisho ngokuphenduka kubafowabo, ngisho nasemuva kweziningi izizukulwane esezadlula ngabo. Futhi kuyokwenzeka ukuthi ukukhala kwabo kuyoya enzalweni yokhalo lwakho, ngisho njengokuba sobala kwamazwi abo.

21 Ngenxa yokholo lwabo aamazwi abo ayoqhubekela phambili ephuma emlonyeni wami aye kubafowabo abayinzalo yokhalo lwakho; futhi ubuthakathaka bamazwi abo ngizobenza buqine okholweni lwabo, ukuze ngikhumbule isivumelwano engasenza koyihlo.

22 Manje, bheka, Josefa ndodana yami, nempela ubaba wakudala awaphrofetha ngalendlela.

23 Ngalokho-ke, ngenxa yalesi sivumelwano wena ubusisiwe; ngokuba inzalo yakho ngeke ibhujiswe, ngokuba iyolalela amazwi alencwadi.

24 Futhi kuyovuka omunye onamandla phakathi kwabo, oyokwenza okuningi okuhle, ekukhulumeni nasekwenzeni, uyokuba yisu ezandleni zikaNkulunkulu, abe nokukholwa okukhulu, kokwenza izimangaliso ezinkulu, futhi enze leyonto enkulu emehlweni kaNkulunkulu, ekugcwalisekeni kokubuyiselwa okuningi kuyo indlu ka-Israyeli, futhi nakuyo inzalo yabafowenu.

25 Manje, ubusisiwe, Josefa. Bheka, umncane; ngalokho-ke lalela amazwi omfowenu, uNefi, futhi kuyokwenziwa kuwe ngisho njengokwamazwi esengiwakhulumile. Khumbula amazwi kayihlo ofayo. Amen.