ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 22


Isahluko 22

U-Israyeli uyohlakazwa ebusweni bonke bomhlaba—AbeZizwe bayomondla futhi bamkhulise u-Israyeli ngevangeli ezinsukwini zokugcina—U-Israyeli uyoqoqwa futhi asindiswe, ababi bayokusha njengamabibi—Umbuso kadeveli uyobhujiswa, uSathane uyoboshwa. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuba mina, Nefi, sengizifundile lezi zinto ezaziqoshwe aezingcwepheni zethusi, abafowethu beza kimi futhi bathi: Zisho ukuthini lezi zinto obuzifunda na? Bheka, ngabe kufanele ziqondwe njengezinto zomoya, eziyokwenzeka ngokomoya hhayi ngokwasenyameni na?

2 Futhi mina, Nefi, ngathi kubo: Bhekani azabonakaliswa kumphrofethi ngezwi blikaMoya; ngokuba ngoMoya zonke izinto zembulwa kubo cabaphrofethi, eziyofika kubo abantwana babantu ngokwasenyameni.

3 Ngalokho-ke, izinto engizifundile yizinto eziphathelene nezinto azesikhashana kanye nezikamoya; ngokuba kubukeka sengathi indlu ka-Israyeli, ngokushesha noma kamuva, bizohlakazwa kubo bonke ubuso bomhlaba, futhi ngokunjalo naphakathi kwezizwe zonke.

4 Futhi bhekani, kukhona abaningi vele asebehlukanisiwe nalabo abaseJerusalema. Yebo, inxenye enkulu ayezizwana zonke bisiholelwe kude; futhi zisakazwe le na le ceziqhingini zolwandle; futhi ukuthi zikuphi akekho namunye wethu owaziyo, ngaphandle kokuthi siyazi ukuthi baholelwa kude.

5 Futhi njengokuba babeholelwe kude, lezi zinto ziphrofethiwe mayelana nabo, futhi ngokunjalo mayelana nabo bonke labo abayosakazwa futhi baditshaniswe, ngenxa yoNgcwele ka-Israyeli; ngokuba bayoziqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene naye; ngalokho-ke, bayosakazwa phakathi kwazo zonke izizwe futhi abayozondwa yibo bonke abantu.

6 Nokho, emva kokuthi asebondliwe bngabeZizwe, futhi neNkosi isisiphakamisile isandla sayo phezu kwabeZizwe futhi yabamisa njengesibonakaliso, futhi cabantwana babo sebebagonile ezingalweni zabo, futhi namadodakazi abo bawetshatha emahlombe abo, bhekani lezi zinto okukhulunywa ngazo zingezesikhashana; ngokuba zinjalo izivumelwano zeNkosi nobaba bethu; futhi kushiwo kithi ezinsukwini ezizayo, futhi ngokunjalo nakubo bonke abafowethu abangabendlu ka-Israyeli.

7 Futhi kusho ukuthi isikhathi siyeza lapho emva kokuba yonke indlu ka-Israyeli isihlakaziwe futhi yaditshaniswa, iNkosi uNkulunkulu iyovusa isizwe esinamandla phakathi akwabeZizwe, yebo, ngisho naphezu kobuso balo lelizwe; futhi ngaso inzalo yethu biyohlakazwa.

8 Futhi emva kokuthi inzalo yethu isihlakaziwe iNkosi uNkulunkulu iyoqhubeka nokwenza aumsebenzi omangalisayo phakathi bkwabeZizwe, oyokuba cyigugu elikhulu kuyo inzalo yethu; ngalokho-ke, kufaniswa nokondliwa kwabo ngabeZizwe kanye nokugonwa ezingalweni zabo kanye nokwetshathwa emahlombe abo.

9 Futhi phezu kwalokho uyokuba ayigugu kwabeZizwe; futhi hhayi kuphela-nje kwabeZizwe kodwa bkuyo yonke cindlu ka-Israyeli, ekwaziseni dngezivumelwano zika Baba wasezulwini ku-Abrahama, ethi: eKuyo inzalo yakho yonke imindeni yomhlaba fiyobusiswa.

10 Futhi ngifuna, bafowethu, ukuthi nazi ukuthi yonke imindeni yomhlaba ayinakubusiswa ngaphandle kokuthi aembule ingalo yakhe emehlweni ezizwe.

11 Ngalokho-ke, iNkosi uNkulunkulu iyoqhubeka yembule ingalo yayo emehlweni azo zonke izizwe, ekuletheni izivumelwano zayo kanye nevangeli layo kulabo okungabendlu ka-Israyeli.

12 Ngalokho-ke, iyophinda ibakhiphe ebugqilini, futhi abayoqoqana ndawonye emazweni angamafa abo; futhi bayokhishwa ekusithekeni bnasebumnyameni; futhi bayokwazi ukuthi ciNkosi dingumSindisi wabo kanye noMkhululi wabo, eonaMandla ka-Israyeli.

13 Futhi igazi lalelo abandla elikhulu nelinengekile, eliyisifebe somhlaba wonke, liyophendukela emakhanda abo; ngokuba bbayokulwa bodwa, futhi inkemba cyezandla zabo uqobo iyowela phezu kwamakhanda abo; futhi bayodakwa yigazi labo.

14 Futhi aizizwe zonke eziyokulwa nawe, O ndlu ka-Israyeli, ziyophendukelana zodwa, futhi bziyowela kuwo lowo mgodi ezawumbela ukucupha abantu beNkosi. Futhi bonke labo cabalwa neSiyoni bayobhujiswa, futhi naleso sifebe esikhulu, esiphendukezele izindlela eziqondile zeNkosi, yebo, lelo bandla elikhulu nelinengekile, liyowela dothulini futhi kuyokuba kukhulu ukuwa kwalo.

15 Ngokuba bheka, kusho umphrofethi, isikhathi siyeza masinyane lapho uSathane engaseyikuba namandla phezu kwezinhliziyo zabantwana babantu; ngokuba usuku luyeza masinyane lapho bonke abaziqhenyayo kanye nalabo abenza ububi bayokuba anjengamabibi; futhi usuku luyeza lokuthi bbashiswe.

16 Ngokuba isikhathi siyeza masinyane lapho aintukuthelo egcwele kaNkulunkulu iyothululwa phezu kwabo bonke abantwana babantu; ngokuba akayikuvumela ukuthi ababi babhubhise abalungileyo.

17 Ngalokho-ke, auyobalondoloza babalungileyo ngamandla akhe, ngisho noma ngabe kungukuthi intukuthelo yakhe egcwele kufanele ifike, futhi abalungileyo balondolozwe, ngisho kangangoba kubhujiswa izitha zabo ngomlilo. Ngalokho-ke, abalungileyo akumele besabe; ngokuba usho kanje umphrofethi, bayosindiswa, ngisho noma kungaba ngomlilo.

18 Bhekani, bafowethu, ngithi kini, lezi zinto kufanele zenzeke masinyane; yebo, ngisho igazi, kanye nomlilo, kanye nesisi sentuthu kufanele kufike; futhi kufanele kube sebusweni balomhlaba; futhi kuza kubantu ngokwasenyameni uma kungukuthi bayozenza lukhuni izinhliziyo zabo kuye oNgcwele ka-Israyeli.

19 Ngokuba bhekani, abalungileyo abayikubhubha; ngokuba isikhathi ngempela kufanele sifike sokuthi bonke labo abalwa neSiyoni bahlukaniswe noNkulunkulu.

20 Futhi ngempela iNkosi iyoyilungisa indlela yabantu bayo, ekugcwaliseni amazwi kaMose, awakhuluma, ethi: aUmphrofethi iNkosi uNkulunkulu wenu iyomvusa kini, onjengami; niyomlalela kuzo zonke izinto ayozisho kini. Futhi kuyokwenzeka ukuthi bonke labo abangayikumuzwa lowo mphrofethi bbayohlukaniswa nabantu.

21 Manje mina, Nefi, ngiyaqinisa kini, ukuthi alomphrofethi uMose akhuluma ngaye kwakunguye oNgcwele ka-Israyeli; ngalokho-ke, buyokwahlulela ngokulunga.

22 Futhi abalungileyo akumele besabe, ngokuba bayibo labo abangayikubhujiswa. Kodwa ngumbuso kadeveli, oyokwakhiwa phakathi kwabantwana babantu, lowo mbuso oyomiswa phakathi kwabo labo abasenyameni—

23 Ngokuba isikhathi siyoshesha sifike ukuthi wonke aamabandla akhelwe ukuthola inzuzo, kanye nawo wonke lawo akhelwe ukuthola amandla phezu kwenyama, kanye nalawo akhelwe ukuthola budumo emehlweni omhlaba, kanye nalabo abafuna inkanuko yenyama kanye nezinto zomhlaba, kanye nokwenza zonke izinhlobo zokungalungi; yebo, ukuphetha, bonke labo abangabombuso kadeveli yibo okumele besabe, futhi baqhaqhazele, futhi cbathuthumele; yibo labo okufanele behliselwe phansi othulini; yibo labo okufanele dbaqedwe njengamabibi; futhi lokhu kunjengokwamazwi omphrofethi.

24 Futhi isikhathi siyofika masinyane lapho abalungileyo kufanele baholwe anjengamathole eya esitebeleni, futhi oNgcwele ka-Israyeli kufanele abuse ngokuphatha, ngobukhulu, nangamandla, kanye nangenkazimulo enkulu.

25 Futhi auqoqa abantwana bakhe kumagumbi amane omhlaba; futhi uyazibala izimvu zakhe, futhi ziyamazi; futhi kuyoba nomhlambi owodwa bnomalusi oyedwa; futhi uyozondla izimvu zakhe, futhi kuye ziyothola cidlelo.

26 Futhi ngenxa yokulunga kwabantu bakhe, auSathane akanamandla; ngalokho-ke, akanakukhululwa isikhathi besiyiminyaka eminingi; ngokuba akanamandla ezinhliziyweni zabantu, ngokuba bahlezi ngokulunga, futhi oNgcwele ka-Israyeli cuyabusa.

27 Manje bhekani, mina, Nefi, ngithi kini zonke lezi zinto kufanele zenzeke ngokwasenyameni.

28 Kodwa, bhekani, zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu bayohlala ngokuphepha kuye oNgcwele ka-Israyeli uma kungukuthi abayaphenduka.

29 Manje mina, Nefi, ngiyaphela lapha; ngokuba anginakulokotha ngiqhubeke ngikhulume mayelana nalezi zinto.

30 Ngalokho-ke, bafowethu, ngifisa ukuthi nizindle ngokuthi lezi izinto ezibhalwe aezingcwepheni zethusi ziliqiniso; futhi zifakaza ngokuthi umuntu kufanele ahloniphe imiyalelo kaNkulunkulu.

31 Ngalokho-ke, akumele nicabange ukuthi mina nobaba yithi kuphela esifakazile, futhi phezu kwalokho esifundise ngazo. Ngalokho-ke, uma niyoyihlonipha aimiyalelo, futhi nibekezele kuze kube sekupheleni, niyosindiswa ngosuku lokugcina. Futhi kunjalo nje Amen.