ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 14


Isahluko 14

Ingelosi itshela uNefi ngezibusiso nangeziqalekiso ezizowela phezu kwabeZizwe—Mabili kuphela amabandla: IBandla leMvana kaNkulunkulu kanye nebandla likadeveli—Abangcwele baNkulunkulu kuzo zonke izizwe bahlushwa yilo lelibandla elikhulu nelinengekile—UmPhostoli uJohane uyobhala maqondana nokuphela komhlaba. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi uma aabeZizwe beyoyilalela iMvana kaNkulunkulu ngalolo suku eyoziveza ngalo kubo ngezwi, futhi ngokunjalo bnangamandla, nangezenzo uqobo, ukuze kususwe cizikhubekiso zabo—

2 Futhi bangazenzi lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene neMvana kaNkulunkulu, bayobalwa kanye nenzalo kayihlo; yebo, abayobalwa kanye nendlu ka-Israyeli; futhi bayokuba ngabantu bababusisekile ezweni lesethembiso ingunaphakade; ngeke besaphinda nanini babuyiselwe phansi ekuthunjweni; futhi indlu ka-Israyeli ngeke isaphinde nanini ihlakazeke.

3 Futhi lowo amgodi omkhulu, obumbelwe bona yilelo bandla elikhulu nelinengekile, elasungulwa ngudeveli kanye nabantwana bakhe, ukuze aholele le imiphefumulo yabantu phansi esihogweni—yebo, lowo mgodi omkhulu ombelwe ukubhubhisa abantu uyogcwaliswa yilabo abawumbayo, ukuze babhujiswe baphele nya, kusho iMvana kaNkulunkulu; hhayi ukubhujiswa komphefumulo, ngaphandle kokuthi kube wukuphonswa kwawo besihogweni esingenasiphelo.

4 Ngokuba bheka, lokhu kuyindlela udeveli athumba ngayo, futhi ngokunjalo nendlela yokulunga kukaNkulunkulu, kubo bonke labo abayokwenza imisebenzi yobubi kanye nezinengiso phambi kwakhe.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi, Nefi, ithi: Ubonile ukuthi uma abeZizwe bephenduka kuyoba kuhle kubo; futhi phezu kwalokho uyazi mayelana nezivumelwano zeNkosi kuyo indlu ka-Israyeli; futhi phezu kwalokho uzwile ukuthi lowo aongaphenduki kufanele alahleke.

6 Ngakho-ke, amaye kubo abeZizwe uma kungukuthi bazenza lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene neMvana kaNkulunkulu.

7 Ngokuba isikhathi siyeza, kusho iMvana kaNkulunkulu, lapho ngiyokwenza aumsebenzi omkhulu kanye nomangalisayo phakathi kwabantwana babantu; umsebenzi oyokuba ngowaphakade, kube yisimo esithile kolunye uhlangothi noma esinye ngakolunye—bakholiswe ukuze babe nokuthula kanye bnokuphila okuphakade, noma bayekelwe ebulukhunini bezinhliziyo zabo kanye nasekuphuphuthekeni kwemiqondo yabo kuze kube badonseleka ekuthunjweni, futhi ngokunjalo nasekubhujisweni, ngokwemvelo kanye nangokomoya, ngokwendlela udeveli cathumba ngayo, esengikhulume ngakho.

8 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ingelosi isiwakhulumile lamazwi, yathi kimi: Uyazikhumbula yini aizivumelwano zikaBaba kuyo indlu ka-Israyeli na? Ngathi kuyo, Yebo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi yathi kimi: Buka, futhi ubone lelo bandla elikhulu nelinengekile, elingunina wezinengiso, umqambi walo aokungudeveli.

10 Futhi yathi kimi: Bheka amabili kuphela amabandla; elilodwa yibandla leMvana kaNkulunkulu, kanti belinye yibandla likadeveli; ngalokho-ke, lowo ongeyena owebandla leMvana kaNkulunkulu ungowalelo bandla elikhulu, elingunina wezinengiso; futhi cuyisifebe somhlaba wonke.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuka futhi ngasibona isifebe somhlaba wonke, futhi sasihlezi phezu akwamanzi amaningi; futhi bsasibusa phezu komhlaba wonke, phakathi kwezizwe zonke, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngalibona ibandla leMvana kaNkulunkulu, futhi inani lalo alaliyidlanzana, ngenxa yobubi kanye nezinengiso zesifebe leso esasihlezi phezu kwamanzi amaningi; nokho, ngabona ukuthi ibandla leMvana, okwakungabangcwele baNkulunkulu, babekhona nabo ngokunjalo phezu bkobuso bonke bomhlaba; futhi izindawo ezingaphansi kwabo ebusweni bomhlaba zazincane, ngenxa yobubi besifebe esikhulu engasibona.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi unina omkhulu wezinengiso nempela wazibuthela ndawonye izixuku phezu kobuso bonke bomhlaba, phakathi kwazo zonke izizwe zabeZizwe, ukuthi azilwe neMvana kaNkulunkulu.

14 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona amandla eMvana kaNkulunkulu, ukuthi ehlela phezu kwabangcwele bebandla leMvana, kanye naphezu kwabantu besivumelwano beNkosi, labo ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye anangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu ayathululwa phezu kwalo lelo bandla elikhulu nelinengekile, kangangokuthi kwabakhona izimpi kanye namahemuhemu ezimpi phakathi kwazo zonke bizizwe kanye nemindeni yomhlaba.

16 Futhi ngesikhathi kuqala ukuthi kube khona aizimpi kanye namahemuhemu ezimpi phakathi kwazo zonke izizwe okwakungezikanina wezinengiso, ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Bheka, intukuthelo kaNkulunkulu iphezu kukanina wezifebe; futhi bheka, uyazibona zonke lezi zinto—

17 Futhi uma ausuku selufika ukuthi bintukuthelo kaNkulunkulu ithululwe phezu kukanina wezifebe, okuyibandla elikhulu nelinengekile lomhlaba wonke, umqambi walo okungudeveli, ngalolo suku, cumsebenzi kaBaba uyoqala, wokulungisa indlela yokugcwalisa dizivumelwano zakhe, azenza kubantu bakhe okungabendlu ka-Israyeli.

18 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Buka!

19 Futhi ngabuka futhi ngabona indoda, eyayigqoke ingubo emhlophe.

20 Futhi ingelosi yathi kimi: Bheka aomunye wabaphostoli abayishumi nambili beMvana.

21 Bheka, uyobona futhi abhale ngensalela yalezi zinto; yebo, futhi ngokunjalo nezinto eziningi ezike zaba khona.

22 Futhi phezu kwalokho uyobhala mayelana nokuphela komhlaba.

23 Ngalokho-ke, lezo zinto ayozibhala zilungile futhi ziyiqiniso; futhi bheka zibhaliwe aencwadini leyo oyibone iphuma emlonyeni weJuda; futhi ngesikhathi ziphuma emlonyeni weJuda, noma, ngesikhathi incwadi iphuma emlonyeni weJuda, lezo zinto ezazibhaliwe zazisobala futhi zimsulwa, futhi bziyigugu elikhulu futhi zilula ukuqondwa ngabantu bonke.

24 Futhi bheka, izinto alomphostoli weMvana ayozibhala ziyizinto eziningi wena osuzibonile; futhi bheka, okuseleyo uzokubona.

25 Kodwa lezo zinto ozozibona emva kwalokhu awuzukuzibhala; ngokuba iNkosi uNkulunkulu igcobe umphostoli weMvana kaNkulunkulu ukuthi aazibhale.

26 Futhi ngokunjalo nabanye ababekhona, kubo uzikhombisile zonke izinto; futhi bazibhalile; futhi azivaliwe zabekwa ukuze ziphume zimsulwa; ngokweqiniso lelo elikuyo iMvana, ngesikhathi esifanele seNkosi, ziye kuyo indlu ka-Israyeli.

27 Futhi mina, Nefi, ngezwa futhi ngiyafakaza, ukuthi igama lalomphostoli weMvana kwabe akunguJohane, ngokwezwi lengelosi.

28 Futhi bheka, mina, Nefi, ngenqatshelwe ukuthi ngibhale okuseleyo kwezinto engazibona futhi ngazizwa; ngalokho-ke izinto engizibhalile ziyangenelisa; futhi ngibhale kuphela inxenye encane yezinto engazibona.

29 Futhi ngiyafakaza ukuthi ngazibona lezo zinto aubaba azibona, futhi ingelosi yeNkosi yazembula kimi.

30 Manje sengenza isiphetho senkulumo yami mayelana nalezo zinto engazibona ngesikhathi ngihlwithiwe nguMoya; futhi uma ngabe zonke izinto engazibona zingabhaliwe, izinto engizibhalile aziyiqiniso. Futhi kunjalo nje. Amen.