ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 13


Isahluko 13

UNefi ubona embonweni ibandla likadeveli limiswe phakathi kwabeZizwe, ukutholwa kanye nokwakha eMelika, ukulahleka kwezinxenye eziningi ezisobala kanye neziyigugu zeBhayibheli, isimo somphumela wokuhlubuka kwabezizwe, ukubuyiselwa kwevangeli, ukuvela kwemibhalo engcwele yezinsuku zokugcina, kanye nokwakhiwa kweSiyoni. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Buka! Futhi ngabuka ngabona eziningi izizwe kanye nemibuso.

2 Futhi ingelosi yathi kimi: Ubonani na? Futhi ngase ngithi: Ngibona eziningi izizwe kanye nemibuso.

3 Futhi yathi kimi: Lezi yizizwe kanye nemibuso yabeZizwe.

4 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona phakathi kwezizwe azabeZizwe ukwakhiwa bkwebandla elikhulu.

5 Futhi ingelosi yathi kimi: Bheka ukwakhiwa kwebandla elinengekile kakhulu ngaphezu kwawo wonke amanye amabandla, aelibulala abangcwele baNkulunkulu, yebo, futhi elibanqamulezayo libabophele phansi, elibafaka bijoka lensimbi, futhi elibabuyisela phansi ekuthunjweni.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ngalibona leli abandla elikhulu nelinengekile; futhi ngabona ukuthi budeveli waye ngumqambi walo.

7 Futhi ngaphinda ngabona aigolide, kanye nesiliva, kanye nawosilika, kanye nokubomvu, kanye nelineni elilukiwe elicolekileyo, kanye nazo zonke izinhlobo zezingubo eziyigugu; futhi ngabona eziningi izifebe.

8 Futhi ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Bheka igolide, kanye nesiliva, kanye nawosilika, kanye nokubomvu, kanye nelineni elilukiwe elicolekileyo, kanye nezingubo eziyigugu, kanye nezifebe, akuyizifiso zalo leli bandla elikhulu nelinengekile

9 Futhi phezu kwalokho ngenxa yodumo lwasemhlabeni ababhubhisa abangcwele baNkulunkulu, futhi babase phansi ekuthunjweni.

10 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuka futhi ngabona amaningi amanzi; futhi ayehlukanisa abeZizwe nenzalo yabafowethu.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yathi kimi: Bheka intukuthelo kaNkulunkulu iphezu kwenzalo yabafowenu.

12 Futhi ngabuka futhi ngabona indoda phakathi kwabeZizwe, eyayehlukaniswe nenzalo yabafowethu ngamanzi amaningi; futhi ngabona auMoya kaNkulunkulu, ukuthi wehlela phansi futhi wasebenza kuyo indoda; futhi yahamba kuwo lamanzi amaningi, ngisho nakuyo inzalo yabafowethu, eyayisezweni lesethembiso.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona uMoya kaNkulunkulu, ukuthi wasebenza nakwabanye beZizwe; futhi bahamba phezu kwamanzi amaningi baphuma ekuthujweni.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona eziningi aizixuku zabeZizwe kulo bizwe lesethembiso; futhi ngabona intukuthelo kaNkulunkulu, ukuthi yayiphezu kwenzalo yabafowethu; futhi cbabehlakazekile phambi kwabeZizwe futhi beshayiwe.

15 Futhi ngabona uMoya weNkosi, ukuthi wawuphezu kwabo abeZizwe, futhi nempela baphumelela futhi balithola alelizwe njengefa labo; futhi ngabona ukuthi babemhlophe, futhi bebukeka kahle kakhulu futhi bbebahle, njengabantu bami ngaphambi kokuthi cbabulawe.

16 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona ukuthi abeZizwe labo ababe hambe baphuma ekuthunjweni nempela bazithoba phambi kweNkosi; futhi amandla eNkosi aba anabo.

17 Futhi ngabona ukuthi onina babeZizwe babebuthene ndawonye phezu kwamanzi, futhi ngokunjalo nakulelizwe, ukuze balwe nabo.

18 Futhi ngabona ukuthi amandla kaNkulunkulu ayenabo, futhi nokuthi intukuthelo kaNkulunkulu yayiphezu kwabo bonke labo ababe buthene ndawonye ukuze balwe nabo.

19 Futhi mina, Nefi, ngabona ukuthi abeZizwe labo ababephume ekuthunjweni abakhululwa ngamandla kaNkulunkulu baphuma ezandleni zazo zonke ezinye izizwe.

20 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona ukuthi nempela baphumelela kulelizwe; futhi ngabona aincwadi, futhi yayidluliswa phakathi kwabo.

21 Ingelosi yathi kimi: Uyayazi yini incazelo yencwadi na?

22 Ngathi kuyo: Angiyazi.

23 Futhi yathi: Bheka iphuma emlonyeni weJuda. Futhi mina, Nefi, ngayibona; futhi yathi kimi: aIncwadi leyo oyibonayo bingumbhalo cwamaJuda, oqukethe izivumelwano zeNkosi, eyazenza kuyo indlu ka-Israyeli; futhi phezu kwalokho iqukethe eziningi iziphrofetho zabaphrofethi abangcwele; futhi ingumbhalo onjengalokho okuqoshiwe dokusezingcwepheni zethusi, ngaphandle nje kokuthi aziziningi zona kakhulu; nokho, nazo ziqukethe izivumelwano zeNkosi, eyazenza kuyo indlu ka-Israyeli; ngalokho-ke, zingezibaluleke kakhulu kwabeZizwe.

24 Futhi ingelosi yeNkosi yathi kimi: Ubonile ukuthi incwadi iphume emlonyeni weJuda; futhi ngesikhathi iphuma emlonyeni weJuda ibiqukethe ivangeli elipheleleyo leNkosi, lelo abaphostoli abayishumi nambili abanika ubufakazi ngalo; futhi banika ubufakazi njengokweqiniso lelo elikuyo iMvana kaNkulunkulu.

25 Ngalokho-ke, lezi zinto ziphuma akumaJuda zimsulwa ziya bkwabeZizwe, njengokweqiniso elikuNkulunkulu.

26 Futhi emuva kokuthi seziphumile zahamba ngesandla sabaphostoli abayishumi nambili beMvana, zisuka kumaJuda aziya kwabeZizwe, uyakubona ukwakhiwa kwalelo bbandla celikhulu nelinengekile, elinengekile kakhulu ngaphezu kwawo wonke amanye amabandla; ngokuba bheka, dbazisusile evangelini leMvana eziningi izinxenye eezisobala futhi eziyigugu elikhulu; futhi ngokunjalo neziningi izivumelwano zeNkosi bazisusile.

27 Futhi konke lokhu bakwenzile ukuze baphendukezele izindlela eziqondile zeNkosi, ukuze baphuphuthekise amehlo futhi benze lukhuni izinhliziyo zabantwana babantu.

28 Ngalokho-ke, uyabona ukuthi emuva kokuthi incwadi isidlulile ezandleni zalelo bandla elikhulu nelinengekile, ukuthi kube khona eziningi ezisobala futhi eziyigugu izinto ezikhishiwe encwadini, okuyincwadi yeMvana kaNkulunkulu.

29 Futhi emuva kokuthi lezi zinto ezisobala futhi neziyigugu sezikhishiwe yedlulela kuzo zonke izizwe zabeZizwe; futhi emuva kokuthi seyidlulele kuzo zonke izizwe zabeZizwe, yebo, ngisho nangaphesheya kwamanzi amaningi lawo owabonile nabeZizwe labo abaphume ekuthunjweni, uyabona—ngenxa yalezo zinto ezisobala eziningi futhi neziyigugu ezikhishiwe encwadini, ezazisobala ukuthi ziqondwe ngabantwana babantu, njengalokho okusobala okukuyo iMvana kaNkulunkulu—ngenxa yalezi zinto ezikhishiwe evangelini leMvana, abaningi kakhulu bayakhubeka, yebo, kangangokuthi uSathane unamandla amakhulu phezu kwabo.

30 Nokho, uyabona ukuthi abeZizwe abaphuma ekuthunjweni, futhi baphakanyiswa ngamandla kaNkulunkulu ngaphezu kwazo zonke ezinye izizwe, ebusweni balelozwe elikhethiweyo ngaphezu kwawo wonke amanye amazwe, okuyizwe iNkosi uNkulunkulu avumelane ngalo noyihlo ukuthi inzalo yakhe kufanele ilithole kube ayizwe eliyilifa labo; ngalokho-ke, uyabona ukuthi iNkosi uNkulunkulu ayinakuvumela ukuthi abeZizwe bayibhubhise nya bingxube yenzalo yakho, leyo ephakathi kweyabafowenu.

31 Futhi ayinakuvuma ukuthi abeZizwe ababhubhise inzalo yabafowenu.

32 Futhi iNkosi uNkulunkulu ayinakuvuma ukuthi abeZizwe bahlale njalonjalo kuleso simo esibi kakhulu sokuphuphutheka, leso obabone bekuso, ngenxa yezinxenye ezisobala futhi eziyigugu kakhulu zevangeli leMvana ezigodlwe yilo lelo bandla aelinengekile, ukwakhiwa kwalo okubonile.

33 Ngalokho-ke ithi iMvana kaNkulunkulu: Ngiyokuba nesihawu kwabeZizwe, kangangoba ngiyohambela insali yendlu ka-Israyeli ngokwahlulela okukhulu.

34 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yeNkosi yakhuluma kimi, ithi: Bheka, kusho iMvana kaNkulunkulu, emuva kokuthi sengiyihambele ainsali yendlu ka-Israyeli—futhi lensali engikhuluma ngayo iyinzalo kayihlo—ngalokho-ke, emuva kokuthi sengiyihambele ngokwahlulela, futhi ngayishaya ngesandla sabeZizwe, futhi emuva kokuthi abeZizwe bsebekhubeka kakhulu, ngenxa yezinxenye ezisobala kakhulu futhi eziyigugu czevangeli leMvana ezigodlwe yilelobandla elinengekile, elingunina wezifebe, kusho iMvana—Ngiyokuba nesihawu kubo abeZizwe ngalolosuku, kangangokuthi dngiyoletha kubo, ngamandla ami, okuningi kwevangeli lami, okuyoba sobala futhi kube yigugu, kusho iMvana.

35 Ngokuba, bheka, kusho iMvana: Ngiyoziveza uqobo lwami kuyo inzalo yakho, ukuze ibhale izinto eziningi engiyobafundisa zona, eziyobe zisobala futhi ziyigugu; futhi emuva kokuthi inzalo yakho isibhujisiwe, futhi yancishelwa wukholo, futhi ngokunjalo nenzalo yabafowenu, bheka, alezi zinto ziyothukuswa, ukuze zivezwe kwabeZizwe, ngesipho kanye nangamandla eMvana.

36 Futhi kuzo kuyolotshwa aivangeli lami, kusho iMvana, bnedwala lami kanye nensindiso yami.

37 Futhi ababusisiwe labo abayofuna ukumisa biSiyoni yami ngalolo suku, ngokuba bayokuba cnesipho kanye namandla kaMoya oyiNgcwele; futhi uma dbebekezela kuze kube sekupheleni bayophakanyiswa ngosuku lokugcina, futhi bayosindiswa eembusweni waphakade weMvana; futhi nalabo fabayomemezela ukuthula, yebo, izindaba zokuthokoza okukhulu, bayoba bahle kangakanani ezintabeni.

38 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona insali yenzalo yabafowethu, futhi ngokunjalo anencwadi yeMvana kaNkulunkulu, eyayiphume emlonyeni weJuda, ukuthi yavela kwabeZizwe yaya bkuyo insali yenzalo yabafowethu.

39 Futhi emuva kokuthi isivelile yaya kubo ngabona ezinye aizincwadi, ezavela ngamandla eMvana, zivela kwabeZizwe ziya kubo, bekukholiseni abeZizwe kanye nensali yenzalo yabafowethu, futhi ngokunjalo namaJuda ayehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba, ukuthi imibhalo yabaphrofethi neyabaphostoli abayishumi nambili beMvana ciyiqiniso.

40 Futhi ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Lemibhalo ayokugcina, oyibonile phakathi kwabeZizwe, biyomisa iqiniso cngeyokuqala, okungeyabaphostoli abayishumi nambili beMvana, futhi iyokwazisa ngalokho okusobala kanye nangezinto eziyigugu ezikhishwe kuyo; futhi iyokwazisa kuyo yonke imindeni, izilimi, kanye nakubantu, ukuthi iMvana kaNkulunkulu iyiNdodana kaBaba ongunaPhakade, futhi dingumSindisi womhlaba; futhi nokuthi bonke abantu kufanele beze kuyo, noma ngeke basindiswe.

41 Futhi kufanele beze njengokwamazwi lawo ayomiswa ngomlomo weMvana; futhi amazwi eMvana ayokwaziswa emibhalweni yenzalo yakho, ngokunjalo nasemibhalweni yabaphostoli abayishumi nambili beMvana; ngalokho-ke yomibili iyohlanganiswa ibe ayinye; ngokuba uNkulunkulu bmunye futhi cnoMalusi munye phezu komhlaba wonke.

42 Futhi isikhathi siyeza lapho eyoziveza ezizweni zonke, akumaJuda ngokunjalo nakubo abeZizwe; futhi emuva kokuthi esezivezile kuwo amaJuda futhi ngokunjalo nakubo abeZizwe, uyobe eseziveza kwabeZizwe futhi ngokunjalo nakumaJuda, futhi babokugcina bayokuba ngabokuqala, futhi cnabokuqala babe ngabokugcina.