Izimiso neziMemezelo
ImiBhalo yoKholo


ImiBhalo yoKholo
yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina

1 Sikholwa ku Nkulunkulu, uBaba waPhakade, nakuyo iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, naku Moya oNgcwele.

2 Sikholwa wukuthi abantu bayojeziswa nge zono zabo uqobo, futhi hhayi ngesiphambeko sika-Adamu.

3 Sikholwa wukuthi nge Nhlawulo kaKristu, bonke abantu banga sindiswa, ngoku hlonipha imithetho ne zimiso zeVangeli.

4 Sikholwa wukuthi imigomo ne zimiso zokuqala zeVangeli yilezi: okokuqala, wuKholo eNkosini uJesu Kristu; okwesibili, wukuPhenduka; okwesithathu, ukuBhabhadiswa ngokucwiliswa ukuze ku thethelelwe izono; okwesine, ukuBekwa izandla ukuze uthole isipho soMoya oNgcwele.

5 Sikholwa wukuthi indoda kufanele ibizwe ngokukaNkulunkulu, ngokwe siphrofetho, nangokubekwa izandla yilabo abase gunyeni, ukuba ishumayele iVangeli futhi yenze izimiso zalo.

6 Sikholelwa ohlelweni olufanayo nalolo olwalukhona eBandleni laseNdulo, okungukuthi, abaphostoli, abaphrofethi, abashumayeli, abafundisi, abavangeli, njalo njalo.

7 Sikholelwa esiphweni se zilimi, soku phrofetha, se sambulo, se mibono, soku philisa, soku hunyushwa kwezilimi, njalo njalo.

8 Sikholwa wukuthi iBhayibheli li yizwi likaNkulunkulu kangangoba lihunyushwe ngokuyikho; sikholwa futhi wukuthi iNcwadi kaMormoni iyizwi likaNkulunkulu.

9 Siyakukholwa konke lokho uNkulunkulu asekwa mbulile, konke lokho Yena akwembula manje, futhi sikholwa wukuthi Yena usazo kwembula izinto eziningi nezinkulu nezibalulekile ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu.

10 Sikholelwa ekuqoqweni kwangempela kuka-Israyeli nasekubuyiselweni kwe Zizwana eziyiShumi; ukuthi iSiyoni (iJerusalema eNtsha) izokwakhiwa phezu kwezwekazi iMelika; ukuthi uKristu uzo busa yena uqobo emhlabeni; futhi, nokuthi umhlaba uzo kwenziwa musha futhi ube ne simo esifana ne paradesi.

11 Sazi ukuthi ilungelo lokukhonza uNkulunkulu uMninimandla Onke ngoku tshelwa ngo nembeza bethu lingelethu, futhi sivumela bonke abantu ukuba babe nelungelo elifanayo, banga khonza ngendlela abathanda ngayo, nalapho bethanda khona, noma lokho abakuthandayo.

12 Sikholelwa ekubeni ngaphansi kwamakhosi, omongameli, ababusi, futhi nezimantshi, ekuthobeleni, ekuhlonipheni, nasekusekeleni umthetho.

13 Sikholelwa ekubeni sithembeke, ekubeni neqiniso, ebumsulweni, ekubeni mnene, ekulungeni, nase kwenzeni okuhle kubo bonke abantu; impela, singasho ukuthi silandela umyalelo kaPawulu—Sikholwa ezintweni zonke, sethemba izinto zonke, sesi bekezelele izinto eziningi, futhi sethemba ukuthi sizokwazi uku bekezelela zonke izinto. Uma kukhona noma yini elungile, ethandekayo, noma enobuntu noma encomekayo, sizama ukuzithola lezi zinto.

Joseph Smith.