Imiyalelo Yohlelo Lokufunda
Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021


“Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021,” Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021 (2020)

“Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021,” Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Imiyalelo Yohlelo Lwezifundo zika-2021

Lombhalo unohlu lwezinto zohlelo lwezifundo zeBandla ezizosetshenziswa ngo-2021. Lezi zinto ziyatholakala ngezilimi eziningi ngezobuchwepheshe kwi-Gospel Library app naku ComeFollowMe.ChurchofJesusChrist.org. Okusha kwangonyaka ka-2021 nakho kukhona.

Umuntu Ngamunye Nemindeni

OKUSHA Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni: IMfundiso neziVumelwano 2021 (16587)

Uma amalungu ewadi yakho ekhuluma isi-Hiligaynon, isi-Sinhala, isi-Turkey, isi-Hindi, isi-Tamil, isi-Telugu, noma isi-Urdu, sebensiza lezi zifundo Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni: ITestamente eliSha 2021 (16899).

Ezabantwana

Ikilasi Labantwana (Izinyanga eziyi-18–iminyaka emibili ubudala)

Behold Your Little Ones: Nursery Manual (37108)

Isikhathi Sokucula kanye Nawo Wonke Amakilasi Abantwana (Iminyaka 3–11 ubudala)

OKUSHA Come, Follow Me—For Primary: Doctrine and Covenants 2021 (16588)

Uma amalungu ewadi yakho ekhuluma isi-Amaharic, isi-Hiligaynon, isi-Hindi, isi-Hmong, isi-Icelandic, isi-Lao, isiLingala, isiSerbia, isiShona, isi-Sinhala, isi-Slovak, isi-Slovenian, isi-Tamil, isi-Telugu, isi-Turkish, isi-Urdu, isiXhosa, noma isiZulu, sebenzisa izindlela zokufundisa ezivela ohlelweni lokufunda oluthi Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni ekilasini Labantwana, noma usebenzise ezinye izincwadi zaleliBandla zokufundisa abantwana.

Isikole sangeSonto

Isikole sangeSonto sabaDala nesaBasha

OKUSHA Come, Follow Me—For Sunday School: Doctrine and Covenants 2021 (16589)

Uma amalungu ewadi yakho ekhuluma isi-Amaharic, isi-Hiligaynon, isi-Hindi, isi-Hmong, isi-Icelandic, isi-Lao, isiLingala, isiShona, isi-Sinhala, isi-Slovak, isi-Slovenian, isi-Tamil, isi-Telugu, isi-Turkish, isi-Urdu, isiXhosa, noma isiZulu, sebenzisa izindlela zokufundisa ezivela ohlelweni lokufunda oluthi Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni esikoleni sangeSonto, noma usebenzise ezinye izincwadi zaleliBandla zokufundisa.

UmGwamanda wamaGosa nabeNhlangano yoSizo yabesiFazane

Ukufunda Ezinkulumweni Ezivela Emhlanganweni Omkhulu weBandla” (ziyatholakala izifundo ezivela emhlanganweni omkhulu kwi Ensign noma kwi Liyahona)

Uma amalungu ewadi yakho ekhuluma isi-Amaharic, isi-Hiligaynon, isi-Hindi, isi-Hmong, isi-Icelandic, isi-Lao, isiLingala, isiShona, isi-Sinhala, isi-Slovak, isi-Slovenian, isi-Tamil, isi-Telugu, isi-Turkish, isi-Urdu, isiXhosa, noma isiZulu, sebenzisa izimfundiso ezivela ezinkulumweni zomhlangano omkhulu weBandla ezihambisana nezidingo zomgwamanda wamagosa noma abeNhlangano yoSizo yabesiFazane, noma usebenzise ezinye izincwadi zaleliBandla zokufundisa.

Ubuphristi buka-Aroni kanye Namantombazane

OKUSHA Come, Follow Me—For Aaronic Priesthood Quorums and Young Women Classes: Doctrinal Topics 2021 (16639)

Uma amalungu ewadi yakho ekhuluma isi-Amaharic, isi-Hiligaynon, isi-Hindi, isi-Hmong, isi-Icelandic, isi-Lao, isiLingala, isiShona, isi-Sinhala, isi-Slovak, isi-Slovenian, isi-Tamil, isi-Telugu, isi-Turkish, isiXhosa, isiZulu, noma isi-Urdu, sebenzisa izifundo ezivela kwisahluko 3 zencwadi yokufunda ethi Preach My Gospel (16229). Ungase futhi ubafundise izimfundiso ezivela ezinkulumweni zomhlangano omkhulu wakamuva nje ohlangabezana nezidingo zabasha obafundisayo.

Zonke Izinhlangano

Umhlangano Womkhandlu Wothisha

Teaching in the Savior’s Way

Ezinye Izifundo (uma izincwadi zokufundisa zitholakala)

Izifundo zokuqinisa umshado nemindeni, ukulungiselela ukuya ethempelini, nokulungiselela ukuyoshumayela ivangeli ngeke zisenziwa ngesikhathi sehora lesibili kusaqhubeka inkonzo. Nakuba kunjalo, ngokubona kukambhishobhi nangokwezidingo zewadi, lezi zifundo zingafundiswa ngezinye izikhathi kumuntu ngamunye, imindeni, noma amaqembu.

Umshado Nobudlelwane Bomndeni

Marriage and Family Relations Instructor’s Manual (35865) kanye nethi Marriage and Family Relations Participant’s Study Guide (36357)

Ukulungiselela Ukuya Ethempelini

Endowed from on High: Temple Preparation Seminar Teacher’s Manual (36854) kanye nethi Preparing to Enter the Holy Temple (36793)

Imiyalelo yokuthengela iwadi lezi zinhlelo zokufunda ngonyaka

Ngo-2021, ababhishobhi nomongameli bamagatsha bazothola amakhophi aphathekayo encwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Izifundo Zomuntu Ngamunye Nezemindeni ukuze banike amalungu amagatsha namawadi abo. Bazothola ikhophi eyodwa yomndeni ngamunye oza njalo enkonzweni. Amawadi namagatsha awazukukhokhiswa ngokuthola lamakhophi. Nakuba kunjalo, amawadi namagatsha kuzodingeka azithengele amakhophi ezincwadi zokufundisa ezizosetshenziswa ukufundisa Abantwana, isiKole sangeSonto, nobuPhristi buka-Aroni namaNtombazane.

Usungaqala ukuthengela iwadi negatsha lakho kusuka ngo Juni 30, 2020. Sicela ufake i-oda yakho kungakadluli umhlaka 31 Agasti, 2020. Izinto zokufunda ezi-odwe emva kwalolu suku kungenzeka zingafiki ngomhlaka 1 Januwari, 2021. Uku-oda izinto zokufunda ezicindezelwe, vakashela ku store.ChurchofJesusChrist.org, khetha ku Units and Callings, bese ukhetha ku Annual Curriculum.

Zibuze lemibuzo ukukusiza ugweme ukufaka i-oda yamakhophi angaphezulu kwesibalo esidingekayo.

  • Mangaki amakhophi akhona njengamanje ewadini yakho esifundo ngasinye na?.

  • Bangaki othisha abasebenzisa izifundo ezitholakala ngobuchwepheshe na?

Izincwadi Zokufunda Zalabo Abakhubazekile

Izincwadi zokufunda ezilalelwayo, nalezo ezibhalwe ngamachaphaza abhotshoziwe, nezibhalwe ngamagama amakhulu ziyatholakala ku store.ChurchofJesusChrist.org.