ILiyahona
UNkulunkulu Uyakwazi futhi Uyakuthanda
ILiyahona yango-Okthoba 2026


“UNkulunkulu Uyakwazi Futhi Uyakuthanda,” ILiyahona, ngo-Okthoba 2026.

Umlayezo Wanyanga Zonke weLiyahona, yango-Okthoba 2026

UNkulunkulu Uyakwazi futhi Uyakuthanda

Iqiniso eliqinisekile nelingunaphakade ukuthi uBaba wethu oseZulwini uyasithanda futhi akasoze asikhohlwa noma asilahle.

Ngisho ngaphambi kokuba abazali bami babe amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, bafundisa mina nabafowethu abathathu ngoNkulunkulu noJesu Kristu. Bengihlezi ngazi ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi uyangazi futhi uyangithanda. Angikaze ngikungabaze lokho.

Njengoba iminyaka ihamba, ukuqonda kwami kanye nobufakazi bami ngendlela uNkulunkulu angazi ngayo nokuthi ungithanda kangakanani kuye kwajula. Namuhla, njengoMphostoli weNkosi uJesu Kristu, ngiyafakaza ukuthi uNkulunkulu uyabazi futhi uyabathanda bonke abantwana Bakhe.

Ngithanda ukunimema ukuba nizindle kanye nami ngesibusiso esijulile sokuqonda ukuthi uNkulunkulu unazi futhi unithanda ngokujule kangakanani.

imbewu ye-maple

UNkulunkulu Wayekwazi Futhi Wayekuthanda kwasekuQaleni

INkosi yatshela umphrofethi uJeremiya, “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi” (UJeremiya 1:5 ) Lokhu kuyiqiniso ngawo wonke umuntu—ngisho nawe.

UNkulunkulu unguBaba wakho oseZulwini. Usekwaze isikhathi eside. Eqinisweni, wawukhona “ekuqaleni noBaba” (IMfundiso neziVumelwano 93:23). Njengomunye wabantwana Bakhe bomoya, wawukhona emkhandlwini wasezulwini lapho uBaba oseZulwini ethula isu Lakhe elikhulu lenjabulo. UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi isu likaNkulunkulu linikeza umuntu ngamunye “ilungelo lokuqhubekela phambili njengaye [futhi] … siphakanyiswe kanye naye” UBaba oseZulwini wayefuna ukuthi ube naleli lungelo futhi ukunikeze ithuba lokukhetha ukuba njeNgaye.

Konke uBaba oseZulwini akwenzile nakwenzayo ekuqhubekiseleni phambili isu Lakhe elikhulu lenjabulo kuyisibonakaliso sothando Lwakhe olungenaphutha kithi. Unenjabulo egcwele futhi ufuna nathi sibe nakho lokho kugcwala. “Njengendodana noma indodakazi yomoya ethandekayo yabazali basezulwini,” sinalamandla aphezulu asixhumanisa noBaba oseZulwini futhi anethonya endleleni Yena asibona ngayo.

UBaba oseZulwini ugcwele uthando olungenasiphelo, olungenaphutha, olungcwele, futhi olumsulwa ngawe olungenakuchazwa. Ubalulekile Kuye ngoba ungumntwana Wakhe. Uthando Lwakhe ngawe lwaqala emaphakadeni ngaphambi kokuba uzalwe. Futhi luhlezi lukhona empilweni yakho yonke yasemhlabeni naphakade.

umuthi omncane we-maple

UNkulunkulu Uyakwazi futhi Uyakuthanda Manje

Ngesikhathi sempilo yasemhlabeni impilo yethu yangaphambi kwasemhlabeni isithiwe ngesihe, okusivumela ukuba sihambe ngokholo futhi sisebenzise ilungelo lethu lokuzikhethela ngokuvumelana nohlelo olungenaphutha lukaBaba oseZulwini. Kodwa uBaba oseZulwini uyakhumbula. Akagcini nje ngokukhumbula ukuthi sasingobani ngaleso sikhathi, kodwa futhi wazi konke ngathi njengamanje.

Wazi zonke izimo zempilo yethu, konke ukuvivinywa kwethu, intokozo, kanye nosizi. Nguye kuphela owazi imicabango kanye nezinhloso zezinhliziyo zethu (bheka IMfundiso neziVumelwano 6:16). IGosa uRonald A. Rasband woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili ufundise ukuthi, “Akekho okwazi kangcono noma onendaba nawe ngokujulile ukwedlula [uBaba oseZulwini].”

Ngoba Uyasazi futhi uyasikhathalela ngaphezu kwanoma ubani omunye, uBaba oseZulwini ukhathazekile ngezinyathelo esizithathayo lapha emhlabeni. Uyazi ukuthi yiziphi ezizosisiza ukuthi sifeze esingaba yikho kwaphezulu njengendodana noma indodakazi Yakhe. Ngaphezu kwalokho esingakucabanga, Ufuna sifinyelele kulokho umuntu adalelwe khona kwesilestiyali—ukubuyela ekhaya lethu lasezulwini.

Nakuba sonke singaphelele, Usithanda ngamunye ngokuphelele. Kunendlela eyodwa uBaba oseZulwini abonise ngayo ngokucacile ukujula kokunakekela Kwakhe ngothando: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade” (NgokukaJohane 3:16 ).

UNkulunkulu wasithanda—wasithanda kakhulu futhi ngokugcwele—waze Wathumela uJesu Kristu, Izibulo Lakhe, “Othandekayo Wakhe futhi noKhethiweyo kusuka ekuqaleni” ( Mose 4:2), ukuba abe yiNdodana Yakhe Ezelwe Yodwa kanye noMsindisi womhlaba. Ukudelwa kukaJesu Kristu okuhlawulayo kuyisibonakaliso sokugcina futhi nesikhazimula kakhulu sothando lukaBaba ngathi kanye nabo bonke abantwana Bakhe.

UJesu Kristu weza ukuzokwenza intando kaBaba. Ngobumnene nangokuthobeka kwenhliziyo, Wehlela ngaphansi kwazo zonke izinto (bheka IMfundiso neziVumelwano 122:8) wabe esenza ukuzidela Kwakhe okuhlawulayo ukuze afeze isu elikhulu likaBaba lenjabulo. Wanqoba isono nokufa ukuze bonke bavuswe futhi babe nethuba lokuphenduka futhi bathole intethelelo. Usipha izivumelwano ezisinika “ukufinyelela ohlotsheni olukhethekile lothando nesihawu” kanye nethuba lokuthola ukuphila okuphakade kanye “nakho konke lokho uBaba anakho” ( IMfundiso neziVumelwano 84:38).

Ngicela ukhumbule ukuthi “konke lokho uBaba anakho” akusho nje kuphela izibusiso Angasinika zona ekugcineni ngemva kwalempilo kodwa futhi nalokho Asibusisa ngakho manje. “Uyasisekela kusukela komunye umzuzu kuya komunye” (Mosiya 2:21), ngokunjalo nangezindlela ezenzelwe thina kanye nezimo zethu.

Njengoba sisondela eduze Kwakhe kanye neNdodana Yakhe, sikhuleka kuBaba egameni leNdodana, futhi njengoba sigcina imiyalelo Yabo, “uyasibusisa masinyane” ( Mosiya 2:24) ngoshi nangezibusiso eziningi kakhulu.

Kulempilo, uNkulunkulu “akakude kulowo nalowo kithi” (Izenzo 17:27).

Nginanela umbono weGosa uNeal A. Maxwell (1926–2004), owayekholelwa ukuthi “ngosuku olukude kuyobonakala kakhulu kunamanje ukuthi uBaba wethu onothando wenza konke ngisho Angakwenza ukuze asisize!”

isihlahla esikhule ngokugcwele

UNkulunkulu Uzokwazi Futhi Akuthande Phakade

Abantu esibathemba kakhulu kulempilo kuvame ukuba yilabo esibazi kangcono, abasazi kangcono, abasithandayo nabasifunela okuhle kakhulu, futhi asebezibonakalisile ukuthi bethembekile. Ngenxa yokuthi uBaba wethu oseZulwini usazi kahle, usithanda kakhulu, usenzele futhi usenzela okuningi, akanaphutha futhi akaguquki, singamethemba njalo.

Ngabe ngezinye izikhathi ukholo lwethu luyantengantenga? “Ngabe [si]ke sithwaliswe umthwalo wezinkathazo?” Ngabe indlela engaphambili ibonakala ingacacile? Ngabe zikhona izinkinga ezibonakala zingapheli akukhathaliseki ukuthi senzani noma sisikhulekela ngentshisekelo kangakanani isisombululo? Ngabe zikhona izibusiso ebesinethemba lazo nesizikhulekele ezingakafiki?

Ngiyafakaza ukuthi uNkulunkulu akasoze asikhohlwe; futhi akasoze asilahle. Uyasazi futhi uyazi ukuthi yikuphi okusifanele kakhulu kithi ngaso sonke isikhathi empilweni yethu. Ubona isiphetho khona ekuqaleni. Njengamanje uyasazi, imizwa yethu, kanye nezidingo zethu zangokomoya kanye nezesikhashana, kanye nezidingo zawo wonke umuntu osizungezile.

Kubalulekile ukuqonda ukuthi izibusiso Zakhe ziza ngokwentando Yakhe, ngendlela Yakhe, nangesikhathi Sakhe. Isikhathi Sakhe singase sehluke kwesethu, kodwa izibusiso Zakhe ziyeza. Methembe ngokwanele ukuba “uthule, uqonde ukuthi [unguNkulunkulu]” (IHubo 46:10), ukuthi wazi zonke izinto, nokuthi uyasazi. Lapho simethemba, uthando Lwakhe lungasizungeza ngokuphelele. Uthembise ukuthi singaphendukela Kuye ukuze sithole usizo nomhlahlandlela noma nini. Uzosazi futhi asithande kuze kube phakade.

Ngiyafakaza ukuthi lapho sibeka ithemba lethu kuBaba wethu oseZulwini onothando kanye naseNdodaneni Yakhe enothando, sigcina izivumelwano zethu, futhi sibekezele ngokholo kuze kube sekugcineni, sizojabulela izithembiso zikaBaba, owenza konke okusemandleni Akhe ukuze asisize sibuyele ebukhoneni Bakhe ngolunye usuku. Futhi lapho senza kanjalo, ngiyathembisa ukuthi sizokwazi ukufakaza, njengoba kwenza umprofethi u-Isaya kudala, “ngobuningi bomusa [kaNkulunkulu] ” (U-Isaya 63:7).

UBaba oseZulwini ubehlezi esazi futhi esithanda njalo. Uyasithanda futhi ukhona nathi manje. Ngiyafakaza ukuthi uhlezi ekulungele ukuphendula imithandazo yethu. Sengathi singahlezi sizwa ukuthi usazi kangakanani, uyasikhathalela, usithanda kangakanani, futhi uzimisele kangakanani ukusisiza nokusibusisa—manje naphakade.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2011), 210.

  2. “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” kuMthombo woLwazi weVangeli.

  3. URonald A. Rasband, “The Family Proclamation—Words from God,” Liahona, ngoNovemba 2025, 27.

  4. URussell M. Nelson, “The Everlasting Covenant,” ILiyahona, Okt. 2022, 5.

  5. UNeal A. Maxwell, “The Richness of the Restoration,” Liahona, ngoSepthemba 2001, 24.

  6. “Count Your Blessings,” Hymns, inombolo 241.