“INdlovukazi u-Esteri,” Umngani ngo-Agasti 2026, 46-48.
UMyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Agasti 2026
INdlovukazi u-Esteri
U-Esteri wayengum-Israyeli, noma umJuda, owayehlala ePheresiya. Inkosi yakhetha yena ukuba abe yindlovukazi yayo.
UHamani wayeyinceku yenkosi. Wonke umuntu kwakufanele bamkhothamele. Kodwa umzala ka-Esteri uMoridekayi wayekhothamela iNkosi kuphela.
UHamani wathukuthela futhi watshela inkosi ukuthi amaJuda ayengayilandeli imithetho. Inkosi yavumela uHamani ukuba enze umthetho omusha wokuthi wonke amaJuda ayezobulawa.
UMoridekayi wacela u-Esteri ukuba akhulume nenkosi ukuthi ishintshe umthetho kaHamani, kodwa wesaba. Ngesinye isikhathi inkosi yayibabulala abantu ababeza ukuzokhuluma nayo bengamenywanga.
UMoridekayi wathi kungenzeka ukuthi iNkosi yabeka u-Esteri esigodlweni senkosi ukusindisa amaJuda.
U-Esteri wayazi ukuthi kufanele akhulume nenkosi. Wacela amaJuda nezinceku zakhe ukuba bazile ukudla naye.
U-Esteri wazila ukudla izinsuku ezinthathu. Ngesikhathi eya enkosini, yaphakamisa intonga yayo. Lokhu kwakusho ukuthi wayejabule ukumbona. U-Esteri watshela inkosi ukuthi yena nabantu bakhe babezobulawa ngenxa yomthetho kaHamani.
Inkosi yenza umthetho omusha ovikela amaJuda. Ukholo luka-Esteri eNkosini nesibindi sakhe sasindisa abantu bakhe.
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngingabatshela Abanye NgoJesu Kristu
Imifanekiso yenziwe ngu-Audrey Day. Ingakopishwa ukuze isetshenziswe eBandleni kuphela.
Ubani ongabelana naye ngevangeli na? Khuleka ucele!
© 2026 ngabakwaIntellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, ngo-August 2026. Zulu. 20058 783