Friend (Umngani)
U-Elisha Welapha UNahamani
NgoJulayi 2026


“Elisha Heals Naaman,” Friend(uMngani), ngoJulayi 2026, 46–48.

Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) kaJulayi 2025

U-Elisha Welapha UNahamani

UNahamani ephumule, eboshwe ngamabhandishi

Wayeyinduna enkulu yebutho laseSiriya. Wayenesifo sesikhumba esibuhlungu esibizwa ngochoko.

Incekukazi ixoxa nomfazi kaNahamani

Umfazi kaNahamani wayenencekukazi okwakuyintombazane yakwa-Israyeli. Lentombazane yayinokholo eNkosini. Yathi uma uNahamani wayengavakashela umprofethi u-Elisha, wayezophulukiswa.

UNahamani ngaphandle kwendlu ka-Elisha

UNahamani wahamba ibanga elide eya endlini ka-Elisha. U-Elisha wathumela inceku yakhe ukuba itshele uNahamani ukuthi iNkosi yayizomelapha uma wayezozigeza kasikhombisa eMfuleni iJordani.

UNahamani wenqaba ukuya emfuleni

UNahamani wayethukuthele ngoba yena wayefuna umprofethi weNkosi aphume azomelapha. UNahamani wayekhononda ethi imifula emikhulu yaseSiriya yayingcono kakhulu kunoMfula iJordani.

Inceku ikhuluma noNahamani

Kodwa izinceku zikaNahamani zambuza uNahamani ukuthi kungani engeke enze umsebenzi olula umprofethi weNkosi ayemcele ukuba awenze.

UNahamani eselashiwe, emi emfuleni

UNahamani wayeka ukuzikhukhumeza walalela izinceku zakhe. Wazigeza kasikhombisa eMfuleni iJordani, iNkosi yamelapha. UNahamani wayesazi ukuthi u-Elisha wayengumprofethi nokuthi iNkosi ikhona ngempela.

Ikhasi Lokufaka Imibala

ImiBhalo eNgcwele Ingifundisa ukuthi Ngilandele uJesu Khristu

Ikhasi lokufaka imibala le-PDF elinabantwana ababili bebuka abantu basemibhalweni engcwele

Imifanekiso yenziwe ngu-Audrey Day. Ingakopishwa ukuze isetshenziswe eBandleni kuphela.

Iyiphi indaba yemibhalo engcwele ekusiza ukuthi ulandele uJesu?