Ijele laseLiberty,“ Friend (Umngani) ngo-Agasti 2025, 26-28.
UMyalezo Wanyanga zonke weFriend (Umngani) ngo-Agasti 2025.
IJele laseLiberty
Abantu abaningi eMissouri babengazithandi iziNceku. Umbusi wathumela amasosha ukuba abaxoshe.
Amasosha abopha uJoseph Smith nabanye abaholi beBandla. Ngobunye ubusuku, onogada babehleka ngezinto ezimbi ababezenzile kwiziNceku.
uJoseph wasukuma futhi wamemeza, “Thulani” Wakhuluma ngamandla kaNkulunkulu. Onogada bathi bayaxolisa bayeka ukukhuluma.
Kamuva, uJoseph nabangane bakhe bavalelwa ejele edolobheni okuthiwa iLiberty. Ijele lalibanda, lincane futhi limnyama. Babenotshani obungcolile kuphela ababezolala phezu kwabo. Ukudla ababekunikwa kwabagulisa.
UJoseph wayekhathazekile ngeziNceku. Kodwa akakwazanga ukwenza lutho ukuze azisize.
UJoseph wathandaza kakhulu. Wabuza ukuthi uNkulunkulu usekhohliwe yini ngaye kanye namalungu eBandla.
UNkulunkulu wawuphendula umthandazo kaJoseph. Wathi, “Ndodana yami, ukuthula makube semphefumulweni wakho.” UNkulunkulu watshela uJoseph ukuthi izinselele zakhe zazingeke zihlale ingunaphakade nokuthi zaziyomzuzisa. Wathembisa ukuthi wayezoba noJoseph “phakade naphakade” (IMfundiso neziVumelwano 121:7, 46).
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngingaba ukukhanya kwabanye.
Umfanekiso nguCorey Egbert
Uyisibonelo esihle kanjani kwabanye?
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, August 2025.. Zulu. 19642 783