2025
AbaPostoli BaSiza KwiMishini EBrithani Enkulu
NgoMeyi 2025


Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) kaJulayi 2025

AbaPostoli BaSiza KwiMishini EBrithani Enkulu

UJoseph Smith ecabanga abaPostoli beshumayela eBrithani Enkulu

INkosi yatshela uJoseph Smith ukuthi athumele abanye babaPostoli kwimishini eBrithani Enkulu Kwakunzima kubaPostoli ukushiya imindeni yabo, kodwa iNkosi yethembisa ukubabusisa.

Umndeni kaKimball ugula embhedeni

UHeber C. Kimball nomkakhe, uVilate, babenomndeni owawusemncane. Iningi lawo laligula kakhulu.

UBrigham Young evalelisa emndenini wakhe

UBrigham Young naye wayegula, futhi umndeni wakhe wawumpofu. Kepha umka Brigham, uMary Ann, wamtshela ukuthi, “Hamba uyoyifeza imishini yakho, iNkosi izokubusisa.”

UHeber noBrigham begibele ngemuva kwenqola

UHeber noBrigham babanconywana, kepha babesebuthaka. Babefuna ukushumayela ivangeli, ngakho ke bavalelisa emindenini yabo futhi bagibela ngemuva kwenqola ukuqala uhambo lwabo.

UHeber noBrigham beshumayela ivangeli kubantu eBrithani Enkulu

Emva kohambo olude ngaphesheya kolwandle, uHeber noBrigham bafika eBrithani Enkulu. Benabanye abaPostoli, bafundisa abantu abaningi ivangeli. Abantu abayizinkulungwane babhabhadiswa eBandleni likaJesu Kristu. Abaningi babo bahamba ngemikhumbi bewela ulwandle ukuyohlanganyela nabaNgcwele eMelika.

Imindeni kaHeber noBrigham ibabingelela edokodweni

INkosi yasigcina isethembiso Sayo sokunakekela imindeni kaHeber noBrigham ngesikhathi besebenzela Yona njebabefundisi bevangeli.

Ikhasi Lokufaka Imibala

UNkulunkulu waDala Zonke iziDalwa eMhlabeni.

Umsebenzi wokufaka imibala eKhasini lePDF, nezithombe zekati, uvemvane, nezimbali

Umfanekiso nguCorey Egbert

Yisiphi isidalwa esiyintandokazi yakho?