2025
Ukwakha iThempeli laseKirtland
NgoJuni 2025


Umyalezo Wanyanga Zonke weFriend (Umngani), ngoJuni 2025

Ukwakha iThempeli laseKirtland

UJoseph Smith nabanye bebuka umhlaba wepulazi ovulekile

INkosi yatshela uJoseph Smith ukuthi kwase kuyisikhathi sokwakha ithempeli eKirtland, e-Ohio, ezweni laseMelika. Kwakuzoba yindawo ekhethekile lapho iNkosi yayizohambela khona abantu Bayo futhi yenze izethembiso nabo.

Abantu beqala ukwakha iThempeli laseKirtland

AbaNgcwele baqala ukwakha ithempeli. Kwabiza imali eningi kakhulu futhi kungumsebenzi omningi. Kodwa babejabule kakhulu ukuthola izibusiso zeNkosi.

Indoda ithandaza futhi kunabasebenzi eduzane

Njengoba abaNgcwele babesebenza ethempelini, baqala ukuphelelwa yimali. Bakhuleka kuNkulunkulu becela usizo.

Owesifazane ekalishini ebuka iThempeli laseKirtland elingaqediwe

Owesifazane ogama lakhe lingu-Caroline Tippets nomndeni wakhe babebeke imali eningi kakhulu. Bavuma ukuboleka iBandla imali yokusiza ukwakha ithempeli.

Izingane ezaziqoqa ingilazi ngobhasikidi ngaphambi kweThempeli laseKirtland elalingaqediwe ukwakhiwa

AbaNgcwele basebenza kanzima. Abanye bashayela izinqola ezazigcwele amatshe. Abanye benza izingubo zokugqoka nokudla benzela abasebenzi.

Izingane zaqoqa izingcezu zengilazi ephukile ukuze zigaywe bese zibekwa ezindongeni zethempeli ukuze zibenyezele ekukhanyeni kwelanga.

Abantu bebuka iThempeli laseKirtland eliqediwe

Kungekudala nje ithempeli lase liqediwe! AbaNgcwele babethakasile kakhulu ukungena endlini yeNkosi bathole izibusiso ayebathembise zona Yena.

Ikhasi Lokufaka Imibala

INkosi iyangazi ukuthi Ngingubani futhi Iyangithanda

Omunye umbhalo

Umfanekiso nguCorey Egbert

Dweba ubuso bakho embhoxweni. Wazi kanjani ukuthi uJesu Kristu uyakuthanda?