2025
UJoseph Smith uthola iziNgcwephe zeGolide
NgoFebhruwari 2025


“UJoseph Smith uthola iziNgcwephe zeGolide,” Friend (UMngani), ngoJanuwari 2025, 26–28.

“Ngingaba nguFakazi Wokuthi iNcwadi kaMormoni iliQiniso,” Friend (uMngani) ngoFebhruwari 2025, 48.

Umyalezo Wanyanga zonke we Friend (uMngani) ngoFebhruwari 2025

UJoseph Smith uthola iziNgcwephe zeGolide

Lendaba ungayifunda ku Joseph Smith—Umlando 1:28–60.

uJoseph Smith ebuka ngaphandle ewindini

Sekudlule iminyaka emithathu emva koMbono wokuQala, uJoseph Smith waphatheka kabi ngamanye amaphutha ayewenzile. Wabe esekhuleka kuBaba oseZulwini ngalokho.

uJoseph Smith eguqile emkhulekweni

Ngesikhathi uJoseph Smith ekhuleka, ukukhanya kwagcwala igumbi. Wabona ingelosi imi emoyeni. Igama lengelosi kwakungu Moroni.

Ingelosi uMoroni ivakashela uJoseph Smith egunjini lakhe

UMoroni wathi kwakunencwadi eyayenziwe ngamakhasi noma izingcwephe zegolide. Yayigqitshwe egqumeni elaliseduze nomuzi wakubo. Lencwadi yayimayelana nabantu ababephila emazweni aseMelika kudala. UMoroni wathi uNkulunkulu wayezomsiza uJoseph Smith ayihumushe lencwadi.

uJoseph Smith elunguza phansi emgodini ukuze abone izingcwephe zegolide

UJoseph waya egqumeni wazithola izingcwephe ngaphansi kwetshe elisindayo. UMoroni weza kuye wathi uJoseph wayengakakulungeli ukuzithatha.

ingelosi uMoroni ikhuluma kuJoseph Smith

Kwathi uJoseph esekhulile, uMoroni wahlangana naye egqumeni wamnika izingcwephe. Moroni watshela uJoseph ukuba azigcine ziphephile.

uJoseph Smith ekhuluma nomndeni

UJoseph waqala wahumushela izingcwephe esiNgisini. Wasebenzisa amathuluzi akhethekile avela kuNkulunkulu ukumsiza. Lencwadi yashicilelwa ngonyaka ka 1830 njengeNcwadi kaMormoni. Ifundisa ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingaba nguFakazi Wokuthi iNcwadi kaMormoni iliQiniso.

Ikhasi lokufaka imibala elinentombazane igone iNcwadi kaMormoni

Imifanekiso nguCorey Egbert

Ungabasiza kanjani abanye bafunde ngoJesuKristu eNcwadini kaMormoni na?