2025
UMbono wokuQala
NgoDisemba 2024


“UMbono Wokuqala,” Friend(UMngani), ngoJanuwari 2025, 26-28.

Umyalezo Wanyanga zonke we Friend(UMngani), ngoJanuwari 2025

UMbono wokuQala

Lendaba ungayifunda ku-Joseph Smith—Umlando 1:1–20.

UJoseph Smith ebuka indoda ishumayeza iqembu

Ngesikhathi uJoseph Smith esamncane, amabandla amaningi ayefundisa izinto ezahlukene ngoJesu Kristu. uJoseph wayengazi ukuthi azibandakanyise naliphi ibandla.

UJoseph Smith efunda iBhayibheli

Ngolunye usuku, wafunda EkaJakobe 1:5 eBhayibhelini. Lathi uma sidinga ubuhlakani, singabuza uNkulunkulu. UJoseph wakhetha ukwenza lokho.

uJoseph Smith ehamba ehlathini.

Ngosuku oluhle lwasentwasahlobo, uJoseph waya ehlathini ukuyothandaza kuNkulunkulu.

uJoseph Smith ekhuleka

UJoseph waguqa waqala ukuthandaza. Kodwa wabe esezwa ubumnyama bumzungezile. UJoseph waba nokwesaba. Wacela usizo kuNkulunkulu.

uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu babonakala kuJoseph Smith

Ngokushesha, uJoseph wabona ukukhanya kwehla kuvela ezulwini. Wabona uBaba oseZulwini kanye noJesu bemi emoyeni. UBaba oseZulwini wabiza igama likaJoseph. Wayesekhomba uJesu Kristu wathi, “Lena yiNdodana Yami eThandekayo. Lalela Yena!

uJesu Kristu

UJesu watshela uJoseph ukuthi angazibandakanyi nanelilodwa lamabandla.

uJoseph Smith eguqile ebuka phezulu

UJoseph uyakusiza ekubuyiseni ukuphelela kwevangeli emhlabeni.

uJoseph Smith emamatheka futhi ephuma ehlathini

UJoseph wayengasadidekile. Umoya wakhe wagcwala injabulo! Wayazi ukuthi uNkulunkulu wayemthanda. Abanye abantu abakholwanga ukuthi ubone uBaba oseZulwini noJesu Kristu, kodwa wayazi ukuthi kuliqiniso.

Ikhasi Lokufaka Imibala

UBaba oseZulwini Uyayizwa futhi Ayiphendule Imithandazo Yami.

Ikhasi lokufaka imibala lomBono wokuQala

Imifanekiso nguCorey Egbert

UBaba oseZulwini wawuphendula umkhuleko kaJoseph Smith. Uzoyiphendula neyakho futhi!