“U-Isaya uMphrofethi,” Friend (Umngani), NgoDisemba 2026, 46–47.
Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi Friend (uMngani), NgoDisemba 2026
U-Isaya uMphrofethi
Ngolunye usuku ethempelini, iNkosi yabiza u-Isaya ukuba abe umphrofethi. U-Isaya wayebathanda abantu futhi wabafundisa ngokubuya kukaJesu Kristu.
U-Isaya wafunda ukuthi uJesu Kristu wayezofika ngelinye ilanga ezosindisa abantu Bakhe ezonweni. Kepha akuwona wonke umuntu owayezombona njengoMsindisi wabo. U-Isaya wadabuka kakhulu ngoba wayazi ukuthi abantu abaningi babengeke bekholelwe kuJesu.
U-Isaya waphinde waphrofetha ngoKuza kwesiBili kukaJesu Kristu. Ngelinye ilanga Uyokubuya abe yiNkosi yomhlaba wonke. Uyakufeza isu likaBaba Wakhe ngokuletha isihe nokuthula ingunaphakade. U-Isaya wathi wonke umuntu wayezokwazi ukuba uJesu Kristu unguMsindisi wabo.
Ikhasi Lokufaka Imibala
UJesu Kristu Wazalelwa eBetlehema.
Imifanekiso yenziwe ngu-Audrey Day. Ingakopishwa ukuze isetshenziswe eBandleni kuphela.
Ukugubha kanjani ukuzalwa koMsindisi?
© 2026 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, December 2026.Zulu. 20036 783