“Baphephile Emlilweni,” Umngani, ngo-Okth. 2026, 46–48.
Umyalezo Wanyanga Zonke webhukwana elithi Umngani, Ngo-Okthoba 2026
Baphephile Emlilweni
INkosi uNebukhadinezari wakha umfanekiso womdondoshiya, wegolide futhi waphoqa abantu ukuba bawukhonze. Uma babenqaba, bayophonswa esithandweni somlilo.
UShadirakhi, uMeshakhi, noAbedi Nego babemthanda uNkulunkulu futhi babengeke bamkhonze unkulunkulu wenkosi wamanga.
Laba bangani abathathu batshela inkosi ukuthi babezokhonza uNkulunkulu kuphela. Babekholwa ukuthi uNkulunkulu wayengababavikela. Kodwa ngisho noma Wayengabasindisanga, babezokumela ababekholwa kukho.
Inkosi yayithukuthele. Yathuma ukuba laba bangani baphoswe esithandweni somlilo. Kodwa ngesikhathi inkosi ibuka esithandweni, yamangala ukubona ingelosi emlilweni nalamadoda amathathu.
Inkosi yabiza uShadirakhi, uMeshakhi, noAbhedi Nego, futhi bahamba baphuma esithandweni somlilo. Umlilo wawungabashisanga ngisho nezingubo zabo azishanga.
UShadirakhi, uMeshakhi, noAbhedi Nego bayilalela imiyalelo kaNkulunkulu, ngisho izimpilo zabo zazisengozini. Isibonelo sabo sasiza inkosi ikholwe kuNkulunkulu.
Ikhasi Lokufaka Imibala
Abaphrofethi Babizelwa ukuKhuluma Amazwi kaNkulunkulu.
Imifanekiso yenziwe ngu-Audrey Day. Ingakopishwa ukuze isetshenziswe eBandleni kuphela.
Umlandela kanjani umphrofethi?
© 2026 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, October 2026. Zulu. 20061 783